سورة الذاريات - Sûrah 51: Ad-Dhâriyât - imimoya esakazayo

1. وَالذَّارِيَاتِ ذَرْوًا


Ngifunga ngemimoya esakazayo.

2. فَالْحَامِلَاتِ وِقْرًا


Ngifunga nangamafu athwele.

3. فَالْجَارِيَاتِ يُسْرًا


Ngifunga nangemikhumbi ehamba kalula.

4. فَالْمُقَسِّمَاتِ أَمْرًا


Ngifunga nangababa udaba.

5. إِنَّمَا تُوعَدُونَ لَصَادِقٌ


Ngempela lokho enethenjiswa kona kuyiqiniso.

6. وَإِنَّ الدِّينَ لَوَاقِعٌ


Futhi ngempela ukwahlulelwa kuzokwenzeka.

7. وَالسَّمَاءِ ذَاتِ الْحُبُكِ


Ngifunga ngezulu eligcwele ubuhle.

8. إِنَّكُمْ لَفِي قَوْلٍ مُخْتَلِفٍ


Ngempela nina nisenkulumweni ephikisanayo.

9. يُؤْفَكُ عَنْهُ مَنْ أُفِكَ


Osusiwe kuyona yilowo ophambukisiwe.

10. قُتِلَ الْخَرَّاصُونَ


Ababhujiswe abaqamba amanga.

11. الَّذِينَ هُمْ فِي غَمْرَةٍ سَاهُونَ


Labo abangaphansi kwesembozo sokunganaki.

12. يَسْأَلُونَ أَيَّانَ يَوْمُ الدِّينِ


Babuza ukuthi lunini usuku lokwahlulelwa.

13. يَوْمَ هُمْ عَلَى النَّارِ يُفْتَنُونَ


Usuku abayovivinywa ngalo emlilweni.

14. ذُوقُوا فِتْنَتَكُمْ هَذَا الَّذِي كُنْتُمْ بِهِ تَسْتَعْجِلُونَ


Yizwani ukuvivinywa kwenu, lokhu yilokhu nina enanikusheshisa (nikujaha).

15. إِنَّ الْمُتَّقِينَ فِي جَنَّاتٍ وَعُيُونٍ


Ngempela abalungileyo bayokuba sezivandeni nasemithonjeni.

16. آخِذِينَ مَا آتَاهُمْ رَبُّهُمْ إِنَّهُمْ كَانُوا قَبْلَ ذَلِكَ مُحْسِنِينَ


Bekuthatha lokho abakunikwa yiNkosi yabo, ngempela bona ngaphambilini kwaloko babengabenzi bokuhle.

17. كَانُوا قَلِيلًا مِنَ اللَّيْلِ مَا يَهْجَعُونَ


Babelala kancane ebusuku.

18. وَبِالْأَسْحَارِ هُمْ يَسْتَغْفِرُونَ


Futhi entathakusa bona becela intethelelo.

19. وَفِي أَمْوَالِهِمْ حَقٌّ لِلسَّائِلِ وَالْمَحْرُومِ


Futhi emnothweni wabo kunesabelo sabacelayo nesabangavunyelwe.

20. وَفِي الْأَرْضِ آيَاتٌ لِلْمُوقِنِينَ


Futhi emhlabeni kunezimpawu kulabo abaqinisekile.