سورة النجم - Sûrah 53: An-Najm - Inkanyezi

1. وَالنَّجْمِ إِذَا هَوَى


Ngenkanyezi uma yehla.

2. مَا ضَلَّ صَاحِبُكُمْ وَمَا غَوَى


Akazange aduke umngane wenu futhi akazange aphambuke.

3. وَمَا يَنْطِقُ عَنِ الْهَوَى


Futhi akakhulumi ngokuthanda (kwakhe).

4. إِنْ هُوَ إِلَّا وَحْيٌ يُوحَى


Akuyilutho ngaphandle kwesambulo esambuliwe.

5. عَلَّمَهُ شَدِيدُ الْقُوَى


Wafundiswa onzima onamandla (ingelosi uGabriyeli).

6. ذُو مِرَّةٍ فَاسْتَوَى


Enamandla amakhulu, manjalo yama yaqonda (ingelosi).

7. وَهُوَ بِالْأُفُقِ الْأَعْلَى


Futhi yona yayisemkhathini iphakeme kakhulu.

8. ثُمَّ دَنَا فَتَدَلَّى


Yabe seyiyasondela yeza eduzane.

9. فَكَانَ قَابَ قَوْسَيْنِ أَوْ أَدْنَى


Futhi kwaba yibanga elingangemicibisholo emibili noma okuseduze (kunalokho).

10. فَأَوْحَى إِلَى عَبْدِهِ مَا أَوْحَى


Ngakho-ke (iNkosi) yembula encekwini yakhe lokho eyakwembula.

11. مَا كَذَبَ الْفُؤَادُ مَا رَأَى


Inhliziyo ayizange iwaqambe amanga ngalokho eyakubona.

12. أَفَتُمَارُونَهُ عَلَى مَا يَرَى


Ngakube niyaphikisana naye kulokho akubona na?

13. وَلَقَدْ رَآهُ نَزْلَةً أُخْرَى


Futhi ngempela wayibona (ingelosi) kwesinye isambulo.

14. عِنْدَ سِدْرَةِ الْمُنْتَهَى


Eduzane nesihlahla somlothi ngasekugcineni komkhawulo.

15. عِنْدَهَا جَنَّةُ الْمَأْوَى


Eduze kwayo kunesivande sokuphumula (izulu).

16. إِذْ يَغْشَى السِّدْرَةَ مَا يَغْشَى


Ngenkathi kumboza isidra loko okumbozayo.

17. مَا زَاغَ الْبَصَرُ وَمَا طَغَى


Akuzange kuphambuke ukubona futhi akuzange kuphule umthetho.

18. لَقَدْ رَأَى مِنْ آيَاتِ رَبِّهِ الْكُبْرَى


Ngempela wabona okwezimpawu zeNkosi yakhe ezinkulu.

19. أَفَرَأَيْتُمُ اللَّاتَ وَالْعُزَّى


Ngakube nimbonile yini ullata kanye no uzza?

20. وَمَنَاةَ الثَّالِثَةَ الْأُخْرَى


Kanye noManat esinye (isithixo) sesithathu.