سورة القمر - Sûrah 54: Al-‘Kamar - Inyanga

1. اقْتَرَبَتِ السَّاعَةُ وَانْشَقَّ الْقَمَرُ


Ihora liyasondela nenyanga yahlephuka phakathi.

2. وَإِنْ يَرَوْا آيَةً يُعْرِضُوا وَيَقُولُوا سِحْرٌ مُسْتَمِرٌّ


Futhi uma bebona uphawu bayafulathela futhi bathi, “(lona) ngumlingo oqhubekayo”.

3. وَكَذَّبُوا وَاتَّبَعُوا أَهْوَاءَهُمْ وَكُلُّ أَمْرٍ مُسْتَقِرٌّ


Futhi baziphika (izimpawu zikaMvelinqangi) base belandela izinkanuko zabo, kepha zonke izindaba ziyohlelwa (uma sekufika isikhathi sazo).

4. وَلَقَدْ جَاءَهُمْ مِنَ الْأَنْبَاءِ مَا فِيهِ مُزْدَجَرٌ


Futhi ngempela sezafika kubona izindaba ezixwayisayo nezinezifundo.

5. حِكْمَةٌ بَالِغَةٌ فَمَا تُغْنِ النُّذُرُ


Ubuhlakani obuhle, kepha (ukushumayela) kwabaxwayisi akuzange kubasize.

6. فَتَوَلَّ عَنْهُمْ يَوْمَ يَدْعُ الدَّاعِ إِلَى شَيْءٍ نُكُرٍ


Ngakho-ke qhelelana nabo, bese ukhumbule usuku lapho ummemi eyomemela entweni embi kakhulu (esabisayo).

7. خُشَّعًا أَبْصَارُهُمْ يَخْرُجُونَ مِنَ الْأَجْدَاثِ كَأَنَّهُمْ جَرَادٌ مُنْتَشِرٌ


Amehlo abo ezithobile, bephuma emangcwabeni kube sengathi bona bayizintethe ezisakazekile.

8. مُهْطِعِينَ إِلَى الدَّاعِ يَقُولُ الْكَافِرُونَ هَذَا يَوْمٌ عَسِرٌ


Bejahe kummemezi abangakholwanga bethi, “lolu wusuku olunzima”.

9. كَذَّبَتْ قَبْلَهُمْ قَوْمُ نُوحٍ فَكَذَّبُوا عَبْدَنَا وَقَالُوا مَجْنُونٌ وَازْدُجِرَ


Ngaphambilini kwabo abantu baNowa bayiphika inceku yethu futhi bathi “uhlanya” yagxoshwa.

10. فَدَعَا رَبَّهُ أَنِّي مَغْلُوبٌ فَانْتَصِرْ


Ngakho-ke (inceku yethu) yabiza iNkosi yayo (yathi) “nginqotshiwe ngakho-ke ngisize.

11. فَفَتَحْنَا أَبْوَابَ السَّمَاءِ بِمَاءٍ مُنْهَمِرٍ


Ngakho-ke sawavula amasango ezulu ngamanzi amaningi.

12. وَفَجَّرْنَا الْأَرْضَ عُيُونًا فَالْتَقَى الْمَاءُ عَلَى أَمْرٍ قَدْ قُدِرَ


Futhi sawenza umhlaba ukuthi uqhekeke ngemithombo ngakho-ke amanzi ahlanganela udaba olwaselunqunyiwe ngaphambilini.

13. وَحَمَلْنَاهُ عَلَى ذَاتِ أَلْوَاحٍ وَدُسُرٍ


Futhi samthwala (uNowa ngomkhumbi) owakhiwe ngamapulangwe kanye nezipikili.

14. تَجْرِي بِأَعْيُنِنَا جَزَاءً لِمَنْ كَانَ كُفِرَ


Untanta ngaphansi kwamehlo ethu, umvuzo walowo owayephikwa.

15. وَلَقَدْ تَرَكْنَاهَا آيَةً فَهَلْ مِنْ مُدَّكِرٍ


Futhi ngempela sakushiya (lokho) ukuthi kube wuphawu, ngakho-ke ngakube ukhona yini oyokhumbula?

16. فَكَيْفَ كَانَ عَذَابِي وَنُذُرِ


Manjalo, sasinjani isijeziso sami nesexwayiso sami?

17. وَلَقَدْ يَسَّرْنَا الْقُرْآنَ لِلذِّكْرِ فَهَلْ مِنْ مُدَّكِرٍ


Futhi ngempela sayenza iQur’an yabalula ukuze ikhumbuleke ngakho-ke ngakube ukhona yini ozokhumbula?

18. كَذَّبَتْ عَادٌ فَكَيْفَ كَانَ عَذَابِي وَنُذُرِ


Waphika u-AD kepha sasinjani isijeziso sami nesexwayiso sami?

19. إِنَّا أَرْسَلْنَا عَلَيْهِمْ رِيحًا صَرْصَرًا فِي يَوْمِ نَحْسٍ مُسْتَمِرٍّ


Ngempela thina sawuthumela umoya oyisibhengubhengu ngosuku lwesehlakalo esiqhubekayo.

20. تَنْزِعُ النَّاسَ كَأَنَّهُمْ أَعْجَازُ نَخْلٍ مُنْقَعِرٍ


(Umoya) ukhipha abantu kube sengathi bona bayiziqu zemithi yesundu esimbuliwe.