سورة الحديد - Sûrah 57: Al-Hadîd - Insimbi

1. سَبَّحَ لِلَّهِ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَهُوَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ


Kudumisa uMvelinqangi konke okusemazulwini nasemhlabeni futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani.

2. لَهُ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ يُحْيِي وَيُمِيتُ وَهُوَ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ


Ungowakhe umbuso wamazulu nomhlaba uyaphilisa futhi uyabulala futhi yena wenza zonke izinto.

3. هُوَ الْأَوَّلُ وَالْآخِرُ وَالظَّاهِرُ وَالْبَاطِنُ وَهُوَ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمٌ


Yena ungowokuqala nowokugcina nosobala nosithele futhi yena uyisazi sazozonke izinto.

4. هُوَ الَّذِي خَلَقَ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ فِي سِتَّةِ أَيَّامٍ ثُمَّ اسْتَوَى عَلَى الْعَرْشِ يَعْلَمُ مَا يَلِجُ فِي الْأَرْضِ وَمَا يَخْرُجُ مِنْهَا وَمَا يَنْزِلُ مِنَ السَّمَاءِ وَمَا يَعْرُجُ فِيهَا وَهُوَ مَعَكُمْ أَيْنَ مَا كُنْتُمْ وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ بَصِيرٌ


Nguyena owadala amazulu nomhlaba ezinsukwini eziyisithupha wayesezibeka esihlalweni sobukhosi, wazi konke okungena emhlabeni nakho konke okuphuma kuwona kanye nakho konke okwehlela phansi okuphuma ezulwini nakho konke okunyukela khona futhi yena ukanye nani noma ngabe yikuphi lapho nikhona futhi uMvelinqangi uyakubona lokho enikwenzayo.

5. لَهُ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَإِلَى اللَّهِ تُرْجَعُ الْأُمُورُ


Ungowakhe umbuso wamazulu nomhlaba futhi ikuMvelinqangi lapho zibuyiselwa khona izindaba.

6. يُولِجُ اللَّيْلَ فِي النَّهَارِ وَيُولِجُ النَّهَارَ فِي اللَّيْلِ وَهُوَ عَلِيمٌ بِذَاتِ الصُّدُورِ


Wenza ukuthi ubusuku bungenele emini futhi wenza ukuthi imini ingenele ebusuku futhi yena uyakwazi lokho okusezifubeni.

7. آمِنُوا بِاللَّهِ وَرَسُولِهِ وَأَنْفِقُوا مِمَّا جَعَلَكُمْ مُسْتَخْلَفِينَ فِيهِ فَالَّذِينَ آمَنُوا مِنْكُمْ وَأَنْفَقُوا لَهُمْ أَجْرٌ كَبِيرٌ


Kholwani kuMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi nisebenzise kulokho anenza naba abalandelayo kukona, kepha labo abakholwayo phakathi kwenu futhi abasebenzisayo (abanikelayo) okwabo ngumvuzo omkhulu.

8. وَمَا لَكُمْ لَا تُؤْمِنُونَ بِاللَّهِ وَالرَّسُولُ يَدْعُوكُمْ لِتُؤْمِنُوا بِرَبِّكُمْ وَقَدْ أَخَذَ مِيثَاقَكُمْ إِنْ كُنْتُمْ مُؤْمِنِينَ


Futhi kungani ningakholelwa kuMvelinqangi kanti isithunywa sinimemela ekukholelweni eNkosini yenu futhi yasithatha isivumelwano senu uma kungukuthi nina ningamakholwa.

9. هُوَ الَّذِي يُنَزِّلُ عَلَى عَبْدِهِ آيَاتٍ بَيِّنَاتٍ لِيُخْرِجَكُمْ مِنَ الظُّلُمَاتِ إِلَى النُّورِ وَإِنَّ اللَّهَ بِكُمْ لَرَءُوفٌ رَحِيمٌ


Yena uyilowo owehlisela phezulu kwenceku yakhe amavesi acacile ukuze anikhiphe ebumnyameni aniyise ekukhanyeni futhi ngempela uMvelinqangi ngani umnene unesihawu.

10. وَمَا لَكُمْ أَلَّا تُنْفِقُوا فِي سَبِيلِ اللَّهِ وَلِلَّهِ مِيرَاثُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ لَا يَسْتَوِي مِنْكُمْ مَنْ أَنْفَقَ مِنْ قَبْلِ الْفَتْحِ وَقَاتَلَ أُولَئِكَ أَعْظَمُ دَرَجَةً مِنَ الَّذِينَ أَنْفَقُوا مِنْ بَعْدُ وَقَاتَلُوا وَكُلًّا وَعَدَ اللَّهُ الْحُسْنَى وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ خَبِيرٌ


Futhi kungani ningasebenzisi endleleni kaMvelinqangi futhi ngelikaMvelinqangi ifa lamazulu nomhlaba abalingani phakathi kwenu laba abasebenzisa ngaphambili kokunqoba futhi balwa, labo bakhulu kakhulu ngezinga kunalabo abasebenzisa ngamumva futhi balwa, futhi uMvelinqangi uyakwazi lokho enikwenzayo.

11. مَنْ ذَا الَّذِي يُقْرِضُ اللَّهَ قَرْضًا حَسَنًا فَيُضَاعِفَهُ لَهُ وَلَهُ أَجْرٌ كَرِيمٌ


Ngubani lowo ongaboleka uMvelinqangi ukuboleka okuhle ukuze amphindele kona kabili bese ebanomvuzo ohloniphekile.

12. يَوْمَ تَرَى الْمُؤْمِنِينَ وَالْمُؤْمِنَاتِ يَسْعَى نُورُهُمْ بَيْنَ أَيْدِيهِمْ وَبِأَيْمَانِهِمْ بُشْرَاكُمُ الْيَوْمَ جَنَّاتٌ تَجْرِي مِنْ تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ خَالِدِينَ فِيهَا ذَلِكَ هُوَ الْفَوْزُ الْعَظِيمُ


Khumbula ngosuku uyobona abesilisa abakholwayo nabesifazane abakholwayo ukukhanya kwabo kuhamba ngaphambili kwabo futhi ngakwezokunene zabo izindaba zenu ezinhle namhlanje yizivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula bayohlala khona ingunaphakade lokho ukuphumelela okukhulu.

13. يَوْمَ يَقُولُ الْمُنَافِقُونَ وَالْمُنَافِقَاتُ لِلَّذِينَ آمَنُوا انْظُرُونَا نَقْتَبِسْ مِنْ نُورِكُمْ قِيلَ ارْجِعُوا وَرَاءَكُمْ فَالْتَمِسُوا نُورًا فَضُرِبَ بَيْنَهُمْ بِسُورٍ لَهُ بَابٌ بَاطِنُهُ فِيهِ الرَّحْمَةُ وَظَاهِرُهُ مِنْ قِبَلِهِ الْعَذَابُ


Ngosuku lapho abazenzisi besilisa nabazenzisi besifazane beyothi kulabo abakholwayo “silindeni ukuze sithole okokukhanya kwenu” kuyothiwa “phindelani emumva ngemumva kwenu bese nifuna ukukhanya” manjalo kuyobekwa udonga phakathi kwabo olunesango ngaphakathi, ngaphakathi kunomusa kepha ngaphandle kwalo kunesijeziso.

14. يُنَادُونَهُمْ أَلَمْ نَكُنْ مَعَكُمْ قَالُوا بَلَى وَلَكِنَّكُمْ فَتَنْتُمْ أَنْفُسَكُمْ وَتَرَبَّصْتُمْ وَارْتَبْتُمْ وَغَرَّتْكُمُ الْأَمَانِيُّ حَتَّى جَاءَ أَمْرُ اللَّهِ وَغَرَّكُمْ بِاللَّهِ الْغَرُورُ


Bayobamemeza (abangakholwanga bathi), “sasingeve yini sikanye nani?” bayothi, “yebo kepha nina naniyilinga imiphefumulo yenu futhi nalinda nangabaza kanye nemicabango eyanikhohlisa kwaze kwafika impoqo kaMvelinqangi futhi wanikhohlisa ngoMvelinqangi umkhohlisi (ongusathane)”.

15. فَالْيَوْمَ لَا يُؤْخَذُ مِنْكُمْ فِدْيَةٌ وَلَا مِنَ الَّذِينَ كَفَرُوا مَأْوَاكُمُ النَّارُ هِيَ مَوْلَاكُمْ وَبِئْسَ الْمَصِيرُ


Manjalo kulolusuku angeke yamukelwe kunina inhlengo futhi angeke (yamukelwe) kulabo abangakholwanga, indawo yenu yokuhlala umlilo wona ungumngane wenu futhi kubi lapho kuyiwa khona.

16. أَلَمْ يَأْنِ لِلَّذِينَ آمَنُوا أَنْ تَخْشَعَ قُلُوبُهُمْ لِذِكْرِ اللَّهِ وَمَا نَزَلَ مِنَ الْحَقِّ وَلَا يَكُونُوا كَالَّذِينَ أُوتُوا الْكِتَابَ مِنْ قَبْلُ فَطَالَ عَلَيْهِمُ الْأَمَدُ فَقَسَتْ قُلُوبُهُمْ وَكَثِيرٌ مِنْهُمْ فَاسِقُونَ


Asikafiki yini isikhathi kulabo abakholwayo sokuthi izinhliziyo zabo zithobele isikhumbuzo sikaMvelinqangi kanye nalokho okwehlela phansi okuyiqiniso (okwambuliwe) futhi abangabi njengalabo ababenikezwe incwadi ngaphambilini futhi belulelwa isikhathi, manjalo zabalukhuni izinhliziyo zabo futhi iningi labo izephulamthetho.

17. اعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ يُحْيِي الْأَرْضَ بَعْدَ مَوْتِهَا قَدْ بَيَّنَّا لَكُمُ الْآيَاتِ لَعَلَّكُمْ تَعْقِلُونَ


Yazini ukuthi uMvelinqangi uphilisa umhlaba emva kokufa kwawo, sazenza zacaca kunina izimpawu ukuze niqonde.

18. إِنَّ الْمُصَّدِّقِينَ وَالْمُصَّدِّقَاتِ وَأَقْرَضُوا اللَّهَ قَرْضًا حَسَنًا يُضَاعَفُ لَهُمْ وَلَهُمْ أَجْرٌ كَرِيمٌ


Ngempela abesilisa abaneqiniso nabesifazane abaneqiniso futhi baboleka uMvelinqangi ukuboleka okuhle bayophindelwa kabili futhi okwabo ngumvuzo ohloniphekile.

19. وَالَّذِينَ آمَنُوا بِاللَّهِ وَرُسُلِهِ أُولَئِكَ هُمُ الصِّدِّيقُونَ وَالشُّهَدَاءُ عِنْدَ رَبِّهِمْ لَهُمْ أَجْرُهُمْ وَنُورُهُمْ وَالَّذِينَ كَفَرُوا وَكَذَّبُوا بِآيَاتِنَا أُولَئِكَ أَصْحَابُ الْجَحِيمِ


Futhi labo abakholwa kuMvelinqangi nesithunywa sakhe labo ngabaneqiniso kanye nabafela ukholo baseduzane neNkosi yabo okwabo ngumvuzo wabo kanye nokukhanya kwabo, kepha labo abangakholwa futhi abawaphika amavesi ethu labo bangabangane bomlilo ovuthayo.

20. اعْلَمُوا أَنَّمَا الْحَيَاةُ الدُّنْيَا لَعِبٌ وَلَهْوٌ وَزِينَةٌ وَتَفَاخُرٌ بَيْنَكُمْ وَتَكَاثُرٌ فِي الْأَمْوَالِ وَالْأَوْلَادِ كَمَثَلِ غَيْثٍ أَعْجَبَ الْكُفَّارَ نَبَاتُهُ ثُمَّ يَهِيجُ فَتَرَاهُ مُصْفَرًّا ثُمَّ يَكُونُ حُطَامًا وَفِي الْآخِرَةِ عَذَابٌ شَدِيدٌ وَمَغْفِرَةٌ مِنَ اللَّهِ وَرِضْوَانٌ وَمَا الْحَيَاةُ الدُّنْيَا إِلَّا مَتَاعُ الْغُرُورِ


Yazini ukuthi impilo yalomhlaba ingumdlalo nenjabulo nobuhle nokuzikhukhumeza phakathi kwenu nokuqhudelana mayelana nengcebo nezingane njengemvula okumilayo kwayo kujabulisa abalimi bese kuyoma ukubone kuphenduka kubaphuzi besekubayimfucumfucu futhi empilweni ezayo kunesijeziso esinzima nentethelelo evela kuMvelinqangi nenjabulo futhi ayiyilutho impilo yalomhlaba ngaphandle kwenjabulo eyinkohliso.