سورة القلم - Sûrah 68: Al-‘Kalam - Ipeni

1. ن وَالْقَلَمِ وَمَا يَسْطُرُونَ


Nun, ngifunga ngepeni kanye naloko ezikubhalayo (izingelosi).

2. مَا أَنْتَ بِنِعْمَةِ رَبِّكَ بِمَجْنُونٍ


Wena, ngomusa weNkosi yakho awuhlanyi.

3. وَإِنَّ لَكَ لَأَجْرًا غَيْرَ مَمْنُونٍ


Futhi ngempela okwakho ngumvuzo ongabalwa (ongapheli).

4. وَإِنَّكَ لَعَلَى خُلُقٍ عَظِيمٍ


Futhi ngempela wena uyisimo esiphakeme (esisezingeni eliphezulu).

5. فَسَتُبْصِرُ وَيُبْصِرُونَ


Ngakho-ke uzobona futhi (nabo) bazobona.

6. بِأَيْيِكُمُ الْمَفْتُونُ


Ukuthi ngubani owenu ohlushwe ngokuhlanya.

7. إِنَّ رَبَّكَ هُوَ أَعْلَمُ بِمَنْ ضَلَّ عَنْ سَبِيلِهِ وَهُوَ أَعْلَمُ بِالْمُهْتَدِينَ


Ngempela iNkosi yakho, yona yazi kangcono ngalowo odukile endleleni yayo futhi yona yazi kangcono ngabaholeleke (endleleni eqondile).

8. فَلَا تُطِعِ الْمُكَذِّبِينَ


Ngakho-ke ungabahloniphi abaphika (iqiniso).

9. وَدُّوا لَوْ تُدْهِنُ فَيُدْهِنُونَ


Bafisa ukuthi uthambe ukuze bathambe.

10. وَلَا تُطِعْ كُلَّ حَلَّافٍ مَهِينٍ


Futhi ungamhloniphi lowo ofunga ngamanga ojabhisiwe.

11. هَمَّازٍ مَشَّاءٍ بِنَمِيمٍ


Inhlebi ehamba ngokuhleba (ixabanisa abantu).

12. مَنَّاعٍ لِلْخَيْرِ مُعْتَدٍ أَثِيمٍ


Umvimbeli wokuhle, isaphulamthetho, isoni.

13. عُتُلٍّ بَعْدَ ذَلِكَ زَنِيمٍ


Unya, ngale kwalokho ukutholwa (komuntu ongesiyena owaleso sibongo).

14. أَنْ كَانَ ذَا مَالٍ وَبَنِينَ


Ngenxa yokuthi unengcebo nabantwana.

15. إِذَا تُتْلَى عَلَيْهِ آيَاتُنَا قَالَ أَسَاطِيرُ الْأَوَّلِينَ


Uma efundelwa amavesi ethu uthi, “izinganekwane zabasendulo”.

16. سَنَسِمُهُ عَلَى الْخُرْطُومِ


Siyombeka uphawu ekhaleni.

17. إِنَّا بَلَوْنَاهُمْ كَمَا بَلَوْنَا أَصْحَابَ الْجَنَّةِ إِذْ أَقْسَمُوا لَيَصْرِمُنَّهَا مُصْبِحِينَ


Ngempela sabalinga njengoba sazilinga izihlali zesivande (zasezulwini) ngenkathi zifunga ukuthi zizokha izithelo zaso ekuseni.

18. وَلَا يَسْتَثْنُونَ


Futhi abasho ukuthi uma uMvelinqangi ethanda.

19. فَطَافَ عَلَيْهَا طَائِفٌ مِنْ رَبِّكَ وَهُمْ نَائِمُونَ


Ngakho-ke kwafika kuyona (ingadi) inhlupheko (isijeziso) esivela eNkosini yakho kulapho bona belele.

20. فَأَصْبَحَتْ كَالصَّرِيمِ


Ngakho-ke ekuseni (ingadi) yaba sengathi ubusuku obumnyama.