سورة القيامة - Sûrah 75: Al-‘Kiyâmah - ukuvuka (kwabafileyo)

1. لَا أُقْسِمُ بِيَوْمِ الْقِيَامَةِ


Ngifunga ngosuku lokuvuka kwabafileyo.

2. وَلَا أُقْسِمُ بِالنَّفْسِ اللَّوَّامَةِ


Futhi ngifunga ngomphefumulo ozisolayo (ozithibayo).

3. أَيَحْسَبُ الْإِنْسَانُ أَلَّنْ نَجْمَعَ عِظَامَهُ


Ngakube umuntu uyacabanga ukuthi angeke siwahlanganise amathambo akhe?

4. بَلَى قَادِرِينَ عَلَى أَنْ نُسَوِّيَ بَنَانَهُ


Yebo siyakwazi ukuhlanganisa izihloko zeminwe yakho ngendlela enhle.

5. بَلْ يُرِيدُ الْإِنْسَانُ لِيَفْجُرَ أَمَامَهُ


Kepha umuntu uthanda ukuthi aqhubeke nokona (enze izono).

6. يَسْأَلُ أَيَّانَ يَوْمُ الْقِيَامَةِ


Uyabuza ukuthi luyofika nini usuku lokuvuka kwabafileyo?

7. فَإِذَا بَرِقَ الْبَصَرُ


Ngenkathi kuxhopheka ukubona.

8. وَخَسَفَ الْقَمَرُ


Futhi inyanga iyonyamalala (iyofiphala).

9. وَجُمِعَ الشَّمْسُ وَالْقَمَرُ


Futhi kuyohlanganiswa ilanga nenyanga.

10. يَقُولُ الْإِنْسَانُ يَوْمَئِذٍ أَيْنَ الْمَفَرُّ


Ngalolosuku umuntu uyothi, “ikuphi (indawo) yokubalekela?”

11. كَلَّا لَا وَزَرَ


Lutho! Asikho isiphephelo.

12. إِلَى رَبِّكَ يَوْمَئِذٍ الْمُسْتَقَرُّ


YiseNkosini yakho ngalolosuku lapho kuyoba yindawo yokuhlala (yokuphumula).

13. يُنَبَّأُ الْإِنْسَانُ يَوْمَئِذٍ بِمَا قَدَّمَ وَأَخَّرَ


Uyotshenwa umuntu ngalolosuku ngalokho akuthumela ngaphambili nakushiya ngaphambili.

14. بَلِ الْإِنْسَانُ عَلَى نَفْسِهِ بَصِيرَةٌ


Kepha umuntu uyoba ufakazi obhekene naye.

15. وَلَوْ أَلْقَى مَعَاذِيرَهُ


Ngisho noma ngabe ebeka izizathu zakhe.

16. لَا تُحَرِّكْ بِهِ لِسَانَكَ لِتَعْجَلَ بِهِ


Ungalunyakazisi ngalo (iQuran) ulimi lwakho ukuze usheshise ngayo.

17. إِنَّ عَلَيْنَا جَمْعَهُ وَقُرْآنَهُ


Ngempela (umthwalo) ophezulu kwethu ukuyihlanganisa kanye nokufundwa kwayo.

18. فَإِذَا قَرَأْنَاهُ فَاتَّبِعْ قُرْآنَهُ


Ngakho-ke ngenkathi siyifunda manjalo landela ukufundwa kwayo.

19. ثُمَّ إِنَّ عَلَيْنَا بَيَانَهُ


Bese ngempela (umthwalo) ophezulu kwethu ukuchazwa kwayo.

20. كَلَّا بَلْ تُحِبُّونَ الْعَاجِلَةَ


Lutho! Kepha nithanda impilo esheshayo.