سورة المرسلات - Sûrah 77: Al-Mursalât - lezo zinto ezithunyelwe ngaphambili

21. فَجَعَلْنَاهُ فِي قَرَارٍ مَكِينٍ


Ngakho-ke sawabeka endaweni ephephile.

22. إِلَى قَدَرٍ مَعْلُومٍ


Kuze kube yisikhathi esaziwayo.

23. فَقَدَرْنَا فَنِعْمَ الْقَادِرُونَ


Ngakho-ke sanquma futhi singabanqumi abahle kakhulu.

24. وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِلْمُكَذِّبِينَ


Usizi ngalolosuku kwabaphikayo.

25. أَلَمْ نَجْعَلِ الْأَرْضَ كِفَاتًا


Asizange yini siwenze umhlaba ukuthi ube wumbuthela (kuwo na)?

26. أَحْيَاءً وَأَمْوَاتًا


Okuphilayo nokufileyo.

27. وَجَعَلْنَا فِيهَا رَوَاسِيَ شَامِخَاتٍ وَأَسْقَيْنَاكُمْ مَاءً فُرَاتًا


Futhi sabeka kuwona izintaba eziphakeme futhi saniphuzisa amanzi amtoti.

28. وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِلْمُكَذِّبِينَ


Usizi ngalolosuku kwabaphikayo.

29. انْطَلِقُوا إِلَى مَا كُنْتُمْ بِهِ تُكَذِّبُونَ


Hambani niye kulokho enanikuphika.

30. انْطَلِقُوا إِلَى ظِلٍّ ذِي ثَلَاثِ شُعَبٍ


Hambani niye ethunzini elinezigaba ezintathu.

31. لَا ظَلِيلٍ وَلَا يُغْنِي مِنَ اللَّهَبِ


Alikho ithunzi (alisithi ithunzi) futhi alisizi ekubhekaneni nelangabi (lomlilo).

32. إِنَّهَا تَرْمِي بِشَرَرٍ كَالْقَصْرِ


Ngempela lona likhipha izinhlansi (ezinkulu) njengendlu enkulu eyinqaba.

33. كَأَنَّهُ جِمَالَتٌ صُفْرٌ


Okusengathi ngamakameli aphuzi.

34. وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِلْمُكَذِّبِينَ


Usizi ngalolosuku kwabaphikayo.

35. هَذَا يَوْمُ لَا يَنْطِقُونَ


Lolu wusuku abayobe bengakhulumi ngalo.

36. وَلَا يُؤْذَنُ لَهُمْ فَيَعْتَذِرُونَ


Futhi angeke banikezwe imvume yokuthi benze izaba.

37. وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِلْمُكَذِّبِينَ


Usizi ngalolosuku kwabaphikayo.

38. هَذَا يَوْمُ الْفَصْلِ جَمَعْنَاكُمْ وَالْأَوَّلِينَ


Lolu wusuku lokwahlulela, siniqoqile kanye nabasendulu.

39. فَإِنْ كَانَ لَكُمْ كَيْدٌ فَكِيدُونِ


Ngakho-ke uma ninecebo lenzeni ukubhekana nami.

40. وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِلْمُكَذِّبِينَ


Usizi ngalolosuku kwabaphikayo.