سورة النبأ - Sûrah 78: An-Nabâ - izindaba

1. عَمَّ يَتَسَاءَلُونَ


Babuzana ngani na?

2. عَنِ النَّبَإِ الْعَظِيمِ


Ngezindaba ezinkulu.

3. الَّذِي هُمْ فِيهِ مُخْتَلِفُونَ


Lezo bona abaphikisana ngazo.

4. كَلَّا سَيَعْلَمُونَ


Lutho! Bayokwazi.

5. ثُمَّ كَلَّا سَيَعْلَمُونَ


Lutho! Futhi bayokwazi.

6. أَلَمْ نَجْعَلِ الْأَرْضَ مِهَادًا


Asizange yini siwenze umhlaba ube umbhede (indawo yokuphumula) na?

7. وَالْجِبَالَ أَوْتَادًا


Kanye nezintaba zaba yizikhonkwane (ezibanjwe umhlaba).

8. وَخَلَقْنَاكُمْ أَزْوَاجًا


Futhi sanidala ngambili (isilisa nesifazane).

9. وَجَعَلْنَا نَوْمَكُمْ سُبَاتًا


Futhi sakwenza ukulala kwenu kwaba ukuphumula.

10. وَجَعَلْنَا اللَّيْلَ لِبَاسًا


Futhi sabenza ubusuku babayisembozo.

11. وَجَعَلْنَا النَّهَارَ مَعَاشًا


Futhisayenza imini yaba ngeyokuhamba (ukuze kusetshenzwe).

12. وَبَنَيْنَا فَوْقَكُمْ سَبْعًا شِدَادًا


Futhi sakha phezulu kwenu okuyisikhombisa okuqatha.

13. وَجَعَلْنَا سِرَاجًا وَهَّاجًا


Futhi sabeka isibani esikhanyayo.

14. وَأَنْزَلْنَا مِنَ الْمُعْصِرَاتِ مَاءً ثَجَّاجًا


Futhi sehlisela phansi amanzi aphophozayo avela amafini.

15. لِنُخْرِجَ بِهِ حَبًّا وَنَبَاتًا


Ukuze siveze ngawo uhlamvu nokumilayo (izihlahla notshani).

16. وَجَنَّاتٍ أَلْفَافًا


Kanye nezivande ezinhle.

17. إِنَّ يَوْمَ الْفَصْلِ كَانَ مِيقَاتًا


Ngempela usuku lokwahlulela yisikhathi esinqunyiwe.

18. يَوْمَ يُنْفَخُ فِي الصُّورِ فَتَأْتُونَ أَفْوَاجًا


Usuku okuyoshawa ngalo icilongo bese niyeza niyizixuku.

19. وَفُتِحَتِ السَّمَاءُ فَكَانَتْ أَبْوَابًا


Futhi liyovulwa izulu bese kuba yiminyango.

20. وَسُيِّرَتِ الْجِبَالُ فَكَانَتْ سَرَابًا


Futhi izintaba ziyosuswa futhi zibe yinkohliso.