سورة عبس - Sûrah 80: ‘Abasa - ukuhwaqabala (kokudinwa)

1. عَبَسَ وَتَوَلَّى


Wahwaqabala wafulathela.

2. أَنْ جَاءَهُ الْأَعْمَى


Ngenxa yokuthi kwafika kuyena impumputhe.

3. وَمَا يُدْرِيكَ لَعَلَّهُ يَزَّكَّى


Futhi yini engakwenza wazi ukuthi angase ahlanzeke?

4. أَوْ يَذَّكَّرُ فَتَنْفَعَهُ الذِّكْرَى


Noma akhumbule bese kuyamsiza ukukhumbula.

5. أَمَّا مَنِ اسْتَغْنَى


Mayelana nalowo obona ukuthi akadingi lutho.

6. فَأَنْتَ لَهُ تَصَدَّى


Manjalo wena uyamnaka.

7. وَمَا عَلَيْكَ أَلَّا يَزَّكَّى


Futhi alikho (icala) kuwena uma engahlanzeki.

8. وَأَمَّا مَنْ جَاءَكَ يَسْعَى


Futhi mayelana nalowo owafika kuwena egijima.

9. وَهُوَ يَخْشَى


Futhi esaba (uMvelinqangi).

10. فَأَنْتَ عَنْهُ تَلَهَّى


Ngakho-ke wena awumnaki

11. كَلَّا إِنَّهَا تَذْكِرَةٌ


Lutho! Ngempela wona (amavesi) ayisikhumbuzo.

12. فَمَنْ شَاءَ ذَكَرَهُ


Ngakho-ke noma ngabe ngubani othandayo akayikhumbule (iQur’an).

13. فِي صُحُفٍ مُكَرَّمَةٍ


Emaphepheni (emibhalweni) ehloniphekile.

14. مَرْفُوعَةٍ مُطَهَّرَةٍ


Iphakeme ihlanjiwe.

15. بِأَيْدِي سَفَرَةٍ


Ngezandla zababhali (izingelosi).

16. كِرَامٍ بَرَرَةٍ


Abahloniphekile abangamanxusa.

17. قُتِلَ الْإِنْسَانُ مَا أَكْفَرَهُ


Akubhujiswe umuntu ngenxa yokungakholwa kwakhe.

18. مِنْ أَيِّ شَيْءٍ خَلَقَهُ


Wamdala ngani into?

19. مِنْ نُطْفَةٍ خَلَقَهُ فَقَدَّرَهُ


Ngeconsi lesidoda wamdala, manjalo wayeseyamlinganisa (ngokumbumba).

20. ثُمَّ السَّبِيلَ يَسَّرَهُ


Wayesemenzela lula indlela (yokuzalwa).