سورة التكوير - Sûrah 81: At-Takwîr - ukugoqa (ukusonga)
1. إِذَا الشَّمْسُ كُوِّرَتْ
Khumbula ngenkathi ilanga lisongwa.
2. وَإِذَا النُّجُومُ انْكَدَرَتْ
Khumbula nangenkathi izinkanyezi zihlakazeka.
3. وَإِذَا الْجِبَالُ سُيِّرَتْ
Khumbula nangenkathi izintaba zisuswa (zibhidlizwa).
4. وَإِذَا الْعِشَارُ عُطِّلَتْ
Khumbula nangenkathi amakameli amithi enganakwa.
5. وَإِذَا الْوُحُوشُ حُشِرَتْ
Khumbula nangenkathi izilwane zasendle ezinkulu ziqoqelwa ndawonye.
6. وَإِذَا الْبِحَارُ سُجِّرَتْ
Khumbula nangenkathi izilwandle ziba njengemililo evuthayo (zihlangana izilwandle).
7. وَإِذَا النُّفُوسُ زُوِّجَتْ
Khumbula nangenkathi imiphefumulo ihlanganiswa nemizimba yayo.
8. وَإِذَا الْمَوْءُودَةُ سُئِلَتْ
Khumbula kanye nentombazane eyangcwatshwa iphila ibuzwa.
9. بِأَيِّ ذَنْبٍ قُتِلَتْ
Khumbula ukuthi yabulawelani na?
10. وَإِذَا الصُّحُفُ نُشِرَتْ
Khumbula nangenkathi amakhasi (amaphepha) evulwa.
11. وَإِذَا السَّمَاءُ كُشِطَتْ
Khumbula nangenkathi isibhakabhaka sivulwa.
12. وَإِذَا الْجَحِيمُ سُعِّرَتْ
Khumbula nangenkathi isihogo senziwa ukuthi sivuthe.
13. وَإِذَا الْجَنَّةُ أُزْلِفَتْ
Khumbula nangenkathi isivande sisondezwa.
14. عَلِمَتْ نَفْسٌ مَا أَحْضَرَتْ
Uyokwazi umphefumulo lokho okuwulethile (izenzo ezinhle noma ezimbi).
15. فَلَا أُقْسِمُ بِالْخُنَّسِ
Ngakho-ke ngifunga ngezinkanyezi.
16. الْجَوَارِ الْكُنَّسِ
Ezihambayo bese ziyacasha.
17. وَاللَّيْلِ إِذَا عَسْعَسَ
Nangobusuku ngenkathi buhamba (kuvela ukukhanya).
18. وَالصُّبْحِ إِذَا تَنَفَّسَ
Nangokusa ngenkathi kukhanya.
19. إِنَّهُ لَقَوْلُ رَسُولٍ كَرِيمٍ
Ngempela kona kuyinkulumo yesithunywa esihloniphekile.
20. ذِي قُوَّةٍ عِنْدَ ذِي الْعَرْشِ مَكِينٍ
Umnikazi wamandla kanye nomnikazi wesihlalo sobukhosi osezingeni eliphezulu.