سورة المطففين - Sûrah 83: Al-Mutaffifîn - Abakhwabanisayo esikalweni

1. وَيْلٌ لِلْمُطَفِّفِينَ


Usizi kulabo abakhwabanisayo.

2. الَّذِينَ إِذَا اكْتَالُوا عَلَى النَّاسِ يَسْتَوْفُونَ


Labo okuthi uma bethatha isilinganiso kubantu, bathatha ngokugcwele.

3. وَإِذَا كَالُوهُمْ أَوْ وَزَنُوهُمْ يُخْسِرُونَ


Futhi uma bebalinganisela noma bebakalela banikeza okungaphansi (kwesisindo).

4. أَلَا يَظُنُّ أُولَئِكَ أَنَّهُمْ مَبْعُوثُونَ


Abacabangi yini ukuthi bona bayovuswa kwabafileyo?

5. لِيَوْمٍ عَظِيمٍ


(Bevuselwa) usuku olukhulu.

6. يَوْمَ يَقُومُ النَّاسُ لِرَبِّ الْعَالَمِينَ


Usuku lapho abantu beyokuma ngaphambili kweNkosi yemihlaba

7. كَلَّا إِنَّ كِتَابَ الْفُجَّارِ لَفِي سِجِّينٍ


Lutho! Ngempela ukubhalwa phansi kwezenzo (zabonayo) kusejele (esimweni esinzima).

8. وَمَا أَدْرَاكَ مَا سِجِّينٌ


Futhi yini ekwenza wazi ukuthi yini ijele (isimo esinzima).

9. كِتَابٌ مَرْقُومٌ


Incwadi ekubhalwa kuyona (izenzo zabantu) ibhaliwe.

10. وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِلْمُكَذِّبِينَ


Usizi ngalolosuku kwabaphikayo.

11. الَّذِينَ يُكَذِّبُونَ بِيَوْمِ الدِّينِ


Labo abaphika usuku lokwahlulelwa.

12. وَمَا يُكَذِّبُ بِهِ إِلَّا كُلُّ مُعْتَدٍ أَثِيمٍ


Futhi akekho oluphikayo ngaphandle kwawo wonke (umuntu) owephula umthetho oyisoni.

13. إِذَا تُتْلَى عَلَيْهِ آيَاتُنَا قَالَ أَسَاطِيرُ الْأَوَّلِينَ


Uma efundelwa amavesi ethu uthi, “yizinganekwane zabasendulo”.

14. كَلَّا بَلْ رَانَ عَلَى قُلُوبِهِمْ مَا كَانُوا يَكْسِبُونَ


Lutho! Kepha kunesembozo ezinhliziyweni zabo salokho ababekusebenzela.

15. كَلَّا إِنَّهُمْ عَنْ رَبِّهِمْ يَوْمَئِذٍ لَمَحْجُوبُونَ


Lutho! Ngempela bona ngalolosuku bayosithezwa (ekuboneni) iNkosi yabo.

16. ثُمَّ إِنَّهُمْ لَصَالُو الْجَحِيمِ


Bese ngempela bona bayongena emlilweni ovuthayo.

17. ثُمَّ يُقَالُ هَذَا الَّذِي كُنْتُمْ بِهِ تُكَذِّبُونَ


Bese kuthiwa, “nakhu lokhu nina enanikuphika.

18. كَلَّا إِنَّ كِتَابَ الْأَبْرَارِ لَفِي عِلِّيِّينَ


Lutho! Ngempela umbhalo (umlando) wabalungile ugciniwe kwi-Illiyun.

19. وَمَا أَدْرَاكَ مَا عِلِّيُّونَ


Futhi yini ekwenza wazi ukuthi yini I-illiyun?

20. كِتَابٌ مَرْقُومٌ


Incwadi elotshiwe.