سورة الإنشقاق - Sûrah 84: Al-Inshi‘kâ‘k - ukuqhekeka phakathi

1. إِذَا السَّمَاءُ انْشَقَّتْ


Khumbula lapho izulu liyohlakazeka khona.

2. وَأَذِنَتْ لِرَبِّهَا وَحُقَّتْ


Futhi khumbula lilalela iNkosi yalo futhi kufanele likwenze lokho.

3. وَإِذَا الْأَرْضُ مُدَّتْ


Futhi khumbula nangenkathi umhlaba unwetshwa.

4. وَأَلْقَتْ مَا فِيهَا وَتَخَلَّتْ


Futhi khumbula (umhlaba) ukhipha konke okuphakathi kuwona usale ungenalutho.

5. وَأَذِنَتْ لِرَبِّهَا وَحُقَّتْ


Futhi ulalela iNkosi yawo futhi kufanele ukwenze lokho.

6. يَا أَيُّهَا الْإِنْسَانُ إِنَّكَ كَادِحٌ إِلَى رَبِّكَ كَدْحًا فَمُلَاقِيهِ


Oh muntu! Ngempela wena usebenzele iNkosi yakho ukusebenza okuphelele ekugcineni uzohlangana nayo.

7. فَأَمَّا مَنْ أُوتِيَ كِتَابَهُ بِيَمِينِهِ


Mayelana nalowo onikezwa incwadi yakhe (yezenzo zakhe) esandleni sakhe sokunene.

8. فَسَوْفَ يُحَاسَبُ حِسَابًا يَسِيرًا


Manjalo uyokwahlulela ngokwahlulela okulula.

9. وَيَنْقَلِبُ إِلَى أَهْلِهِ مَسْرُورًا


Futhi aphindele kubantu bakhe ejabulile.

10. وَأَمَّا مَنْ أُوتِيَ كِتَابَهُ وَرَاءَ ظَهْرِهِ


Kepha lowo onikezwe incwadi yakhe (yezenzo zakhe) ngemumva komhlane wakhe.

11. فَسَوْفَ يَدْعُو ثُبُورًا


Manjalo uyobe ezifunela ukubhujiswa.

12. وَيَصْلَى سَعِيرًا


Futhi angene emlilweni ovuthayo.

13. إِنَّهُ كَانَ فِي أَهْلِهِ مَسْرُورًا


Ngempela yena wayephakathi kwabantu bakhe (bakubo) ejabulile.

14. إِنَّهُ ظَنَّ أَنْ لَنْ يَحُورَ


Ngempela yena wayecabanga ukuthi angeke aphindele (kuMvelinqangi.

15. بَلَى إِنَّ رَبَّهُ كَانَ بِهِ بَصِيرًا


Yebo! Ngempela iNkosi yakhe ngasosonke isikhathi yayimbona.

16. فَلَا أُقْسِمُ بِالشَّفَقِ


Kepha lutho! Ngifunga ngobubomvu bokushona kwelanga.

17. وَاللَّيْلِ وَمَا وَسَقَ


Futhi ngifunga nangobusuku kanye nalokho okwenza ukuthi kubemnyama.

18. وَالْقَمَرِ إِذَا اتَّسَقَ


Futhi ngifunga nangenyanga ngenkathi igcwala.

19. لَتَرْكَبُنَّ طَبَقًا عَنْ طَبَقٍ


Ngempela niyodlula izigaba ngezigaba.

20. فَمَا لَهُمْ لَا يُؤْمِنُونَ


Ngakho-ke kwenzenjani ngabo ukuthi bangakholwa na?