سورة الغاشية -  Sûrah 88: Al-Grhâshiyah - Isehlakalo esehlulayo

1. هَلْ أَتَاكَ حَدِيثُ الْغَاشِيَةِ


Ngakube seyafika yini kuwena indaba yesehlakalo esehlulayo.

2. وُجُوهٌ يَوْمَئِذٍ خَاشِعَةٌ


Ubuso ngalolosuku buyothotshiswa.

3. عَامِلَةٌ نَاصِبَةٌ


Busebenza bukhandlekile.

4. تَصْلَى نَارًا حَامِيَةً


Bungena emlilweni ovuthayo.

5. تُسْقَى مِنْ عَيْنٍ آنِيَةٍ


Buphuziswa esiphethwini esibilayo.

6. لَيْسَ لَهُمْ طَعَامٌ إِلَّا مِنْ ضَرِيعٍ


Abanako ukudla ngaphandle kwesihlahla sameva sasesihogweni.

7. لَا يُسْمِنُ وَلَا يُغْنِي مِنْ جُوعٍ


Isihlahla asondli futhi asisizi ekulweni nendlala.

8. وُجُوهٌ يَوْمَئِذٍ نَاعِمَةٌ


(Obunye) ubuso ngalolosuku buyothokoza.

9. لِسَعْيِهَا رَاضِيَةٌ


Buthokozela imizamo yabo.

10. فِي جَنَّةٍ عَالِيَةٍ


Esivandeni esiphakeme.

11. لَا تَسْمَعُ فِيهَا لَاغِيَةً


Awuyizwa lapho phakathi inkulumo eyilize (engamanga).

12. فِيهَا عَيْنٌ جَارِيَةٌ


Lapho phakathi kunomthombo ogelezayo.

13. فِيهَا سُرُرٌ مَرْفُوعَةٌ


Lapho phakathi kunemibhede ephakanyisiwe.

14. وَأَكْوَابٌ مَوْضُوعَةٌ


Nezinkomishi ezibekiwe.

15. وَنَمَارِقُ مَصْفُوفَةٌ


Nemiqamelo ebekwe yaba uhlu.

16. وَزَرَابِيُّ مَبْثُوثَةٌ


Kanye nabokhaphethi abendlaliwe.

17. أَفَلَا يَنْظُرُونَ إِلَى الْإِبِلِ كَيْفَ خُلِقَتْ


Ngakube abawaboni yini amakameli ukuthi adalwa kanjani na?

18. وَإِلَى السَّمَاءِ كَيْفَ رُفِعَتْ


Nesibhakabhaka ukuthi saphakanyiswa kanjani.

19. وَإِلَى الْجِبَالِ كَيْفَ نُصِبَتْ


Nezintaba ukuthi zakhiwa kanjani?

20. وَإِلَى الْأَرْضِ كَيْفَ سُطِحَتْ


Nomhlaba ukuthi wendlalwa kanjani?