سورة الفجر - Sûrah 89: Al-Fajr - ukusa

1. وَالْفَجْرِ


Ngifunga ngokusa.

2. وَلَيَالٍ عَشْرٍ


Futhi ngifunga nangobusuku obuyishumi.

3. وَالشَّفْعِ وَالْوَتْرِ


Futhi ngifunga nangokulingene nokukodwa (okungalingani).

4. وَاللَّيْلِ إِذَا يَسْرِ


Futhi ngifunga nangobusuku ngenkathi buhamba.

5. هَلْ فِي ذَلِكَ قَسَمٌ لِذِي حِجْرٍ


Ngakube kulokho kunesifundo kulowo oqondayo.

6. أَلَمْ تَرَ كَيْفَ فَعَلَ رَبُّكَ بِعَادٍ


Awuzange yini ubone ukuthi yenza kanjani iNkosi yakho ku- Ad

7. إِرَمَ ذَاتِ الْعِمَادِ


I – iram enezinsika (eziqatha eziphakeme).

8. الَّتِي لَمْ يُخْلَقْ مِثْلُهَا فِي الْبِلَادِ


Okuyiyona okungekho okwakhiwe njengayo ezweni.

9. وَثَمُودَ الَّذِينَ جَابُوا الصَّخْرَ بِالْوَادِ


Kanye noThamud okunguyena owagumba idwala esigodini.

10. وَفِرْعَوْنَ ذِي الْأَوْتَادِ


NoFaro umnikazi wezigxobo.

11. الَّذِينَ طَغَوْا فِي الْبِلَادِ


Labo abangazange bahloniphe ezweni.

12. فَأَكْثَرُوا فِيهَا الْفَسَادَ


(uFaro nabantu bakhe) benza okuningi ukukhwabanisa kulona (izwe).

13. فَصَبَّ عَلَيْهِمْ رَبُّكَ سَوْطَ عَذَابٍ


Ngakho-ke iNkosi yakho yathela phezulu kwabo isijeziso.

14. إِنَّ رَبَّكَ لَبِالْمِرْصَادِ


Ngempela iNkosi yakho ingeqaphile.

15. فَأَمَّا الْإِنْسَانُ إِذَا مَا ابْتَلَاهُ رَبُّهُ فَأَكْرَمَهُ وَنَعَّمَهُ فَيَقُولُ رَبِّي أَكْرَمَنِ


Mayelana nomuntu uma imlinga iNkosi yakhe bese imnika ukuhlonipheka bese imupha (umusa nokunye) bese ethi, “iNkosi yami iyangithanda”

16. وَأَمَّا إِذَا مَا ابْتَلَاهُ فَقَدَرَ عَلَيْهِ رِزْقَهُ فَيَقُولُ رَبِّي أَهَانَنِ


Kepha uma (iNkosi yakhe) imlinga ngokumncisha (noma imnciphisele) isabelo sakhe bese ethi, “iNkosi yami ingidumazile”.

17. كَلَّا بَلْ لَا تُكْرِمُونَ الْيَتِيمَ


Lutho! Kepha aniyihloniphi intandane.

18. وَلَا تَحَاضُّونَ عَلَى طَعَامِ الْمِسْكِينِ


Futhi anibancengi abantu ukuthi bondle abampofu.

19. وَتَأْكُلُونَ التُّرَاثَ أَكْلًا لَمًّا


Futhi nidla ifa ngokudla komona.

20. وَتُحِبُّونَ الْمَالَ حُبًّا جَمًّا


Futhi nithanda ingcebo ngothando olukhulu.