سورة التوبة - Sûrah 9: At-Tawbah - ukuphendukela (kuMvelinqangi ngentethelelo)

1. بَرَاءَةٌ مِنَ اللَّهِ وَرَسُولِهِ إِلَى الَّذِينَ عَاهَدْتُمْ مِنَ الْمُشْرِكِينَ


Isimemezelo sokubamsulwa esivela kuMvelinqangi nesithunywa sakhe iya kulabo enenza nabo isivumelwano abangabakhonzi bezithixo.

2. فَسِيحُوا فِي الْأَرْضِ أَرْبَعَةَ أَشْهُرٍ وَاعْلَمُوا أَنَّكُمْ غَيْرُ مُعْجِزِي اللَّهِ وَأَنَّ اللَّهَ مُخْزِي الْكَافِرِينَ


Ngakho-ke hambani emhlabeni izinyanga ezine kepha nazi ukuthi nina angeke niphunyuke (esijezisweni) sikaMvelinqangi nokuthi uMvelinqangi ungohlaza abangakholwa.

3. وَأَذَانٌ مِنَ اللَّهِ وَرَسُولِهِ إِلَى النَّاسِ يَوْمَ الْحَجِّ الْأَكْبَرِ أَنَّ اللَّهَ بَرِيءٌ مِنَ الْمُشْرِكِينَ وَرَسُولُهُ فَإِنْ تُبْتُمْ فَهُوَ خَيْرٌ لَكُمْ وَإِنْ تَوَلَّيْتُمْ فَاعْلَمُوا أَنَّكُمْ غَيْرُ مُعْجِزِي اللَّهِ وَبَشِّرِ الَّذِينَ كَفَرُوا بِعَذَابٍ أَلِيمٍ


Nesimemezelo esivela kuMvelinqangi nasesithunyweni sakhe esiya kubantu ngosuku olukhulu kakhulu lwehajj ukuthi uMvelinqangi ukhululekile ngabantu abakhonza izithixo kanye nesithunywa sakhe, ngakho-ke uma nizisola kuzoba ngcono kunina futhi uma niphendukela emumva (ekoneni) azini ukuthi nina angeke niphunyuke (esijezisweni) sikaMvelinqangi futhi batshele labo abangakholwa ngesijeziso esibuhlungu.

4. إِلَّا الَّذِينَ عَاهَدْتُمْ مِنَ الْمُشْرِكِينَ ثُمَّ لَمْ يَنْقُصُوكُمْ شَيْئًا وَلَمْ يُظَاهِرُوا عَلَيْكُمْ أَحَدًا فَأَتِمُّوا إِلَيْهِمْ عَهْدَهُمْ إِلَى مُدَّتِهِمْ إِنَّ اللَّهَ يُحِبُّ الْمُتَّقِينَ


Ngaphandle kwalabo enenza nabo isivumelwano abayizikhonzi zezithixo bese benganidumazi ngalutho futhi bangeseki ngisho noyedwa (ekulweni noma ekuphikisaneni) nani ngakho-ke gcwalisa isivumelwano sabo kuze kube yisikhathi sabo esinqunyiweyo ngempela uMvelinqangi uyabathanda abalungileyo (abamesabayo).

5. فَإِذَا انْسَلَخَ الْأَشْهُرُ الْحُرُمُ فَاقْتُلُوا الْمُشْرِكِينَ حَيْثُ وَجَدْتُمُوهُمْ وَخُذُوهُمْ وَاحْصُرُوهُمْ وَاقْعُدُوا لَهُمْ كُلَّ مَرْصَدٍ فَإِنْ تَابُوا وَأَقَامُوا الصَّلَاةَ وَآتَوُا الزَّكَاةَ فَخَلُّوا سَبِيلَهُمْ إِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَحِيمٌ


Ngakho-ke uma sekudlule izinyanga ezingcwele seningababulala abakhonzi bezithixo noma ngabe yikuphi lapho nibathola khona futhi nibathumbe futhi nibavimbele nihlale nibalindele kuzona zonke izindawo zokucasha kepha uma bezisola futhi benza imithandazo futhi bekhokha izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhelwa abampofu) iyekeni indlela yabo ikhululekile, ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu.

6. وَإِنْ أَحَدٌ مِنَ الْمُشْرِكِينَ اسْتَجَارَكَ فَأَجِرْهُ حَتَّى يَسْمَعَ كَلَامَ اللَّهِ ثُمَّ أَبْلِغْهُ مَأْمَنَهُ ذَلِكَ بِأَنَّهُمْ قَوْمٌ لَا يَعْلَمُونَ


Futhi uma oyedwa wabakhonza izithixo efuna ukuvikelwa nguwena ngakho-ke mvikele kuze kube uzwa amazwi kaMvelinqangi bese umuletha endaweni ephephile lokhu kungenxa yokuthi bona bangabantu abangazi (lutho).

7. كَيْفَ يَكُونُ لِلْمُشْرِكِينَ عَهْدٌ عِنْدَ اللَّهِ وَعِنْدَ رَسُولِهِ إِلَّا الَّذِينَ عَاهَدْتُمْ عِنْدَ الْمَسْجِدِ الْحَرَامِ فَمَا اسْتَقَامُوا لَكُمْ فَاسْتَقِيمُوا لَهُمْ إِنَّ اللَّهَ يُحِبُّ الْمُتَّقِينَ


Singabakhona kanjani isivumelwano sabakhonzi bezithombe noMvelinqangi nasesithunyweni sakhe ngaphandle kwalabo enenza nabo isivumelwano eMasjid Al-Haraam ngakho-ke uma beqondile kunina yibani ngabaqondile kubona ngempela uMvelinqangi uyabathanda abalungileyo.

8. كَيْفَ وَإِنْ يَظْهَرُوا عَلَيْكُمْ لَا يَرْقُبُوا فِيكُمْ إِلًّا وَلَا ذِمَّةً يُرْضُونَكُمْ بِأَفْوَاهِهِمْ وَتَأْبَى قُلُوبُهُمْ وَأَكْثَرُهُمْ فَاسِقُونَ


(Kungenzeka) kanjani ukuthi uma benehlula bangazinaki izibopho zobuhlobo nezesivumelwano na? Banithokozisa ngemilomo yabo kepha izinhliziyo zabo ziyenqaba (bayanikhohlisa) futhi iningi labo liyizoni.

9. اشْتَرَوْا بِآيَاتِ اللَّهِ ثَمَنًا قَلِيلًا فَصَدُّوا عَنْ سَبِيلِهِ إِنَّهُمْ سَاءَ مَا كَانُوا يَعْمَلُونَ


Bathenga izimpawu zikaMvelinqangi okuyinzuzo encane ngakho-ke bavimbela (abantu) endleleni yakhe ngempela bona kwakukubi lokho ababekwenza.

10. لَا يَرْقُبُونَ فِي مُؤْمِنٍ إِلًّا وَلَا ذِمَّةً وَأُولَئِكَ هُمُ الْمُعْتَدُونَ


Babengalinaki ikholwa mayelana nezibopho zobuhlobo noma ezesivumelwano futhi laba yibona abephula umthetho.

11. فَإِنْ تَابُوا وَأَقَامُوا الصَّلَاةَ وَآتَوُا الزَّكَاةَ فَإِخْوَانُكُمْ فِي الدِّينِ وَنُفَصِّلُ الْآيَاتِ لِقَوْمٍ يَعْلَمُونَ


Kepha uma bezisola benza imithandazo futhi bakhokhe izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhwa kwabampofu) ngakho-ke bangabazalwane benu enkolweni futhi siwachaza ngobunjalo bawo amavesi kubantu abanolwazi.

12. وَإِنْ نَكَثُوا أَيْمَانَهُمْ مِنْ بَعْدِ عَهْدِهِمْ وَطَعَنُوا فِي دِينِكُمْ فَقَاتِلُوا أَئِمَّةَ الْكُفْرِ إِنَّهُمْ لَا أَيْمَانَ لَهُمْ لَعَلَّهُمْ يَنْتَهُونَ


Futhi uma bephula izifungo zabo emumva kwesivumelwano sabo futhi bagxeke inkolo yenu ngakho-ke yilwani nabaholi bokungakholwa ngempela bona izifungo zabo aziyilutho kubona ukuze bayeke ukona.

13. أَلَا تُقَاتِلُونَ قَوْمًا نَكَثُوا أَيْمَانَهُمْ وَهَمُّوا بِإِخْرَاجِ الرَّسُولِ وَهُمْ بَدَءُوكُمْ أَوَّلَ مَرَّةٍ أَتَخْشَوْنَهُمْ فَاللَّهُ أَحَقُّ أَنْ تَخْشَوْهُ إِنْ كُنْتُمْ مُؤْمِنِينَ


Ngakube angeke nilwe yini nabantu abephula izifungo zabo na? Behlose nokugxosha isithunywa futhi kuyibona abanihlasela kuqala, ngakube niyabesaba yini na? Ngakho-ke uMvelinqangi ofanelwe kakhulu ukuthi nimesabe uma nina ningabakholwayo.

14. قَاتِلُوهُمْ يُعَذِّبْهُمُ اللَّهُ بِأَيْدِيكُمْ وَيُخْزِهِمْ وَيَنْصُرْكُمْ عَلَيْهِمْ وَيَشْفِ صُدُورَ قَوْمٍ مُؤْمِنِينَ


Yilwani nabo uMvelinqangi uzobajezisa ngezandla zenu futhi uyobahlaza bese enenza ukuba nibanqobe alaphe izifuba zabantu abakholwayo.

15. وَيُذْهِبْ غَيْظَ قُلُوبِهِمْ وَيَتُوبُ اللَّهُ عَلَى مَنْ يَشَاءُ وَاللَّهُ عَلِيمٌ حَكِيمٌ


Futhi asuse intukuthelo yezinhliziyo zabo, futhi uMvelinqangi uthethelela lowo amthandayo futhi uMvelinqangi unolwazi unobuhlakani.

16. أَمْ حَسِبْتُمْ أَنْ تُتْرَكُوا وَلَمَّا يَعْلَمِ اللَّهُ الَّذِينَ جَاهَدُوا مِنْكُمْ وَلَمْ يَتَّخِذُوا مِنْ دُونِ اللَّهِ وَلَا رَسُولِهِ وَلَا الْمُؤْمِنِينَ وَلِيجَةً وَاللَّهُ خَبِيرٌ بِمَا تَعْمَلُونَ


Ngakube nicabange ukuthi nizoyekwa ngenkathi uMvelinqangi engakabazi labo kunina abazabalaza kanzima abalwa (endleleni yakhe) futhi abangathathanga umeseki ngaphandle kukaMvelinqangi, isithunywa sakhe kanye nabakholwayo na? Futhi uMvelinqangi uyisazi ngalokho enikwenzayo.

17. مَا كَانَ لِلْمُشْرِكِينَ أَنْ يَعْمُرُوا مَسَاجِدَ اللَّهِ شَاهِدِينَ عَلَى أَنْفُسِهِمْ بِالْكُفْرِ أُولَئِكَ حَبِطَتْ أَعْمَالُهُمْ وَفِي النَّارِ هُمْ خَالِدُونَ


Akusikona okwabakhonzi bezithixo ukuthi bangahlala eMasjid kaMvelinqangi kulapho benobufakazi emiphefumulweni yabo ngokungakholwa, labo izenzo zabo ziphenduke zaba yize leze futhi bona bayohlala emlilweni ingunaphakade.

18. إِنَّمَا يَعْمُرُ مَسَاجِدَ اللَّهِ مَنْ آمَنَ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ وَأَقَامَ الصَّلَاةَ وَآتَى الزَّكَاةَ وَلَمْ يَخْشَ إِلَّا اللَّهَ فَعَسَى أُولَئِكَ أَنْ يَكُونُوا مِنَ الْمُهْتَدِينَ


Kuphela abahlala eMasjid kaMvelinqangi yilabo abakholwayo kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina, benze imithandazo futhi bakhokhe izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhwa kwabampofu) futhi bangesabi (omunye umuntu) ngaphandle kukaMvelinqangi ngakho-ke kulindelekile ukuthi labo babengabaholiweyo.

19. أَجَعَلْتُمْ سِقَايَةَ الْحَاجِّ وَعِمَارَةَ الْمَسْجِدِ الْحَرَامِ كَمَنْ آمَنَ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ وَجَاهَدَ فِي سَبِيلِ اللَّهِ لَا يَسْتَوُونَ عِنْدَ اللَّهِ وَاللَّهُ لَا يَهْدِي الْقَوْمَ الظَّالِمِينَ


Ngakube niyakunaka yini ukupha labo abenza iHajj amanzi okuphuza nokulondoza iMasjid Al-Haraam njengalowo okholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina futhi azabalaze kanzima endleleni kaMvelinqangi abalingani emehlweni kaMvelinqangi futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni.

20. الَّذِينَ آمَنُوا وَهَاجَرُوا وَجَاهَدُوا فِي سَبِيلِ اللَّهِ بِأَمْوَالِهِمْ وَأَنْفُسِهِمْ أَعْظَمُ دَرَجَةً عِنْدَ اللَّهِ وَأُولَئِكَ هُمُ الْفَائِزُونَ


Labo abakholwayo abashiya imizi yabo baya kwezinye izindawo futhi bazabalaza endleleni kaMvelinqangi ngengcebo yabo nangemiphefumulo yabo okwabo yizinga eliphezulu kuMvelinqangi futhi laba yibona abanqobayo.