سورة يونس - Sûrah 10: Yûnus - uJona

1. الر تِلْكَ آيَاتُ الْكِتَابِ الْحَكِيمِ


Alif Lam Ra, Lawa ngamavesi encwadi enobuhlakani.

2. أَكَانَ لِلنَّاسِ عَجَبًا أَنْ أَوْحَيْنَا إِلَى رَجُلٍ مِنْهُمْ أَنْ أَنْذِرِ النَّاسَ وَبَشِّرِ الَّذِينَ آمَنُوا أَنَّ لَهُمْ قَدَمَ صِدْقٍ عِنْدَ رَبِّهِمْ قَالَ الْكَافِرُونَ إِنَّ هَذَا لَسَاحِرٌ مُبِينٌ


Ngakube kuyisimangaliso yini kubantu ukuthi sembula (isambulo) endodeni ephuma phakathi kwabo ukuthi ixwayise abantu futhi itshene labo abakholwayo izindaba ezimnandi ukuthi okwabo yiqiniso eliseNkosini yabo, abangakholwayo bathi, “ngempela lona ngumlumbi ocacile”.

3. إِنَّ رَبَّكُمُ اللَّهُ الَّذِي خَلَقَ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ فِي سِتَّةِ أَيَّامٍ ثُمَّ اسْتَوَى عَلَى الْعَرْشِ يُدَبِّرُ الْأَمْرَ مَا مِنْ شَفِيعٍ إِلَّا مِنْ بَعْدِ إِذْنِهِ ذَلِكُمُ اللَّهُ رَبُّكُمْ فَاعْبُدُوهُ أَفَلَا تَذَكَّرُونَ


Ngempela iNkosi yenu nguMvelinqangi okunguyena owadala amazulu nomhlaba ezinsukwini eziyisithupha wayesezibeka esihlalweni sobukhosi wahlela udaba, akunamncengeli ngaphandle emumva kwemvume yakhe, lowo nguMvelinqangi iNkosi yenu ngakho-ke mkhonzeni, ngakube anikhumbuli yini na?

4. إِلَيْهِ مَرْجِعُكُمْ جَمِيعًا وَعْدَ اللَّهِ حَقًّا إِنَّهُ يَبْدَأُ الْخَلْقَ ثُمَّ يُعِيدُهُ لِيَجْزِيَ الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ بِالْقِسْطِ وَالَّذِينَ كَفَرُوا لَهُمْ شَرَابٌ مِنْ حَمِيمٍ وَعَذَابٌ أَلِيمٌ بِمَا كَانُوا يَكْفُرُونَ


Kukuyena ukubuyela kwenu nonke isithembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso ngempela yena usungula isidalwa bese eyasiphinda ukuze anike umvuzo ngobulungiswa labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle kanye nalabo abangakholwanga okwabo yisiphuzo esingamanzi ashisayo nesijeziso esibuhlungu ngenxa yokuthi babengakholwa.

5. هُوَ الَّذِي جَعَلَ الشَّمْسَ ضِيَاءً وَالْقَمَرَ نُورًا وَقَدَّرَهُ مَنَازِلَ لِتَعْلَمُوا عَدَدَ السِّنِينَ وَالْحِسَابَ مَا خَلَقَ اللَّهُ ذَلِكَ إِلَّا بِالْحَقِّ يُفَصِّلُ الْآيَاتِ لِقَوْمٍ يَعْلَمُونَ


(UMvelinqangi) nguyena owenza ilanga ukuthi libe ukukhanya okucwazimulayo nenyanga ukuthi ibe yisibani wayenza yabonakala ukuze nikwazi ukubala iminyaka nokubala akazange akudale lokho ngaphandle kweqiniso, uzicacisa (kanjalo) izimpawu kubantu abaziyo.

6. إِنَّ فِي اخْتِلَافِ اللَّيْلِ وَالنَّهَارِ وَمَا خَلَقَ اللَّهُ فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ لَآيَاتٍ لِقَوْمٍ يَتَّقُونَ


Ngempela ukuguquka kobusuku nemini kanye nalokho okwadalwa nguMvelinqangi okusemazulwini nasemhlabeni ngempela kunezimpawu kubantu abesaba uMvelinqangi.

7. إِنَّ الَّذِينَ لَا يَرْجُونَ لِقَاءَنَا وَرَضُوا بِالْحَيَاةِ الدُّنْيَا وَاطْمَأَنُّوا بِهَا وَالَّذِينَ هُمْ عَنْ آيَاتِنَا غَافِلُونَ


Ngempela labo abangakwethembi ukuhlangana nathi futhi bathokoziswa yimpilo yalomhlaba beneliseka ngayo kanye nalabo abangawanaki amavesi ethu.

8. أُولَئِكَ مَأْوَاهُمُ النَّارُ بِمَا كَانُوا يَكْسِبُونَ


Labo indawo yabo yokuhlala kuyoba umlilo ngenxa yalokho abakusebenzelayo.

9. إِنَّ الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ يَهْدِيهِمْ رَبُّهُمْ بِإِيمَانِهِمْ تَجْرِي مِنْ تَحْتِهِمُ الْأَنْهَارُ فِي جَنَّاتِ النَّعِيمِ


Ngempela labo abakholwayo futhi benza izenzo ezinhle (ezilungileyo) iyabahola iNkosi yabo ngokukholwa kwabo, kuyogeleza imifula ngaphansi kwabo ezivandeni zentokozo.

10. دَعْوَاهُمْ فِيهَا سُبْحَانَكَ اللَّهُمَّ وَتَحِيَّتُهُمْ فِيهَا سَلَامٌ وَآخِرُ دَعْوَاهُمْ أَنِ الْحَمْدُ لِلَّهِ رَبِّ الْعَالَمِينَ


Ukumemeza kwabo lapho (ezivandeni kuyoba ukuthi bathi), “inkazimulo mayibe kuwe Oh. Mvelinqangi!” futhi isibingelelo sabo lapho kuyoba ukuthi bathi, “ukuthula” futhi ukumemeza kwabo kokugcina kuyoba ukuthi (bathi) “udumo lungolukaMvelinqangi iNkosi yemihlaba”.

11. وَلَوْ يُعَجِّلُ اللَّهُ لِلنَّاسِ الشَّرَّ اسْتِعْجَالَهُمْ بِالْخَيْرِ لَقُضِيَ إِلَيْهِمْ أَجَلُهُمْ فَنَذَرُ الَّذِينَ لَا يَرْجُونَ لِقَاءَنَا فِي طُغْيَانِهِمْ يَعْمَهُونَ


Futhi ukube uMvelinqangi wayebasheshisela abantu okubi njengoba besheshisa kokuhle kwakuzoba ngempela sesigcwalisekile kubona isikhathi sabo esinqunyiweyo ngakho- ke sibashiya bodwa ekudukeni labo abangakwethembi ukuhlangana nathi sibashiya bodwa ekudukeni bezula zula bephuphutheka.

12. وَإِذَا مَسَّ الْإِنْسَانَ الضُّرُّ دَعَانَا لِجَنْبِهِ أَوْ قَاعِدًا أَوْ قَائِمًا فَلَمَّا كَشَفْنَا عَنْهُ ضُرَّهُ مَرَّ كَأَنْ لَمْ يَدْعُنَا إِلَى ضُرٍّ مَسَّهُ كَذَلِكَ زُيِّنَ لِلْمُسْرِفِينَ مَا كَانُوا يَعْمَلُونَ


Futhi uma kuthinta umuntu ukuhlupheka uyasibiza noma ngabe ulele ngohlangothi lwakhe noma ngabe uhleli noma ngabe umile, kepha uma sesikususile kuyena ukuhlupheka kwakhe ungathi akazange asimemezele ukuhlupheka okwamthinta, ngokunjalo benzelwa kwakuhle abephuli bomthetho lokho ababekwenza.

13. وَلَقَدْ أَهْلَكْنَا الْقُرُونَ مِنْ قَبْلِكُمْ لَمَّا ظَلَمُوا وَجَاءَتْهُمْ رُسُلُهُمْ بِالْبَيِّنَاتِ وَمَا كَانُوا لِيُؤْمِنُوا كَذَلِكَ نَجْزِي الْقَوْمَ الْمُجْرِمِينَ


Futhi ngempela sazibhubhisa izizukulwane ngaphambilini kwenu kwathi lapho sezenza okungalungile zafika kubona izithunywa zazo nezimpawu ezicacile futhi (izizukulwane) azizange zikholwe, kanjalo-ke sibanika umvuzo abantu abayizoni.

14. ثُمَّ جَعَلْنَاكُمْ خَلَائِفَ فِي الْأَرْضِ مِنْ بَعْدِهِمْ لِنَنْظُرَ كَيْفَ تَعْمَلُونَ


Sabe sesinenza ukuthi nibe ngabalandelayo emhlabeni emva kwabo ukuze sibone ukuthi nizokwenza kanjani.

15. وَإِذَا تُتْلَى عَلَيْهِمْ آيَاتُنَا بَيِّنَاتٍ قَالَ الَّذِينَ لَا يَرْجُونَ لِقَاءَنَا ائْتِ بِقُرْآنٍ غَيْرِ هَذَا أَوْ بَدِّلْهُ قُلْ مَا يَكُونُ لِي أَنْ أُبَدِّلَهُ مِنْ تِلْقَاءِ نَفْسِي إِنْ أَتَّبِعُ إِلَّا مَا يُوحَى إِلَيَّ إِنِّي أَخَافُ إِنْ عَصَيْتُ رَبِّي عَذَابَ يَوْمٍ عَظِيمٍ


Futhi uma befundelwa izimpawu zethu eziwubufakazi obucacile labo abangakwethembi ukuhlangana nathi bathi, “letha enye iQur’an ekungesiyona lena noma uyishintshe” yithi, “akusikona okwami ukuthi ngiyiguqule (iQur’an) ngokuthanda kwami, angilandeli lutho ngaphandle kwalokho okwembulwe kumina ngempela mina ngiyesaba uma ngingayihloniphi iNkosi yami ngiyothola isijeziso sosuku olukhulu”.

16. قُلْ لَوْ شَاءَ اللَّهُ مَا تَلَوْتُهُ عَلَيْكُمْ وَلَا أَدْرَاكُمْ بِهِ فَقَدْ لَبِثْتُ فِيكُمْ عُمُرًا مِنْ قَبْلِهِ أَفَلَا تَعْقِلُونَ


Yithi, “ukube uMvelinqangi wayethanda ngangingeke nginifundele yona (iQur’an) noma enze yazeke kunina ngakho-ke ngempela ngihlalile phakathi kwenu isikhathi eside ngaphambi kokuba ifike, ngakube aninawo yini umqondo na?”

17. فَمَنْ أَظْلَمُ مِمَّنِ افْتَرَى عَلَى اللَّهِ كَذِبًا أَوْ كَذَّبَ بِآيَاتِهِ إِنَّهُ لَا يُفْلِحُ الْمُجْرِمُونَ


Ngakho-ke ngubani ongenabo ubulungiswa kakhulu kunalowo oqambela uMvelinqangi amanga noma ophika izimpawu akhe na? Ngempela yena (uMvelinqangi) akasoze abaphumelelise abayizoni.

18. وَيَعْبُدُونَ مِنْ دُونِ اللَّهِ مَا لَا يَضُرُّهُمْ وَلَا يَنْفَعُهُمْ وَيَقُولُونَ هَؤُلَاءِ شُفَعَاؤُنَا عِنْدَ اللَّهِ قُلْ أَتُنَبِّئُونَ اللَّهَ بِمَا لَا يَعْلَمُ فِي السَّمَاوَاتِ وَلَا فِي الْأَرْضِ سُبْحَانَهُ وَتَعَالَى عَمَّا يُشْرِكُونَ


Futhi bakhonza esikhundleni sika-Mvelinqangi lokho okungeke kubalimaze futhi okungeke kubazuzise futhi bathi, “laba ngabancengeli bethu kuMvelinqangi (besho izithixo)” ithi, “ngakube nitshela uMvelinqangi ngalokho angakwazi emazulwini nasemhlabeni na?” Udumo malube kuye futhi uphakame ngaphezulu kwalokho abamenzela abahlanganyeli ekumkhonzeni ngakho.

19. وَمَا كَانَ النَّاسُ إِلَّا أُمَّةً وَاحِدَةً فَاخْتَلَفُوا وَلَوْلَا كَلِمَةٌ سَبَقَتْ مِنْ رَبِّكَ لَقُضِيَ بَيْنَهُمْ فِيمَا فِيهِ يَخْتَلِفُونَ


Futhi abantu babengeyilutho ngaphandle kokuthi babeyisizwe esisodwa (ekugcineni) behlukana futhi ukube lalingekho izwi elalivela eNkosini yakho kwakuzobe sekulungisiwe phakathi kwabo lokho ababephikisene ngakho.

20. وَيَقُولُونَ لَوْلَا أُنْزِلَ عَلَيْهِ آيَةٌ مِنْ رَبِّهِ فَقُلْ إِنَّمَا الْغَيْبُ لِلَّهِ فَانْتَظِرُوا إِنِّي مَعَكُمْ مِنَ الْمُنْتَظِرِينَ


Futhi bathi, “kungani kungathunyelwanga phansi kuyena uphawu oluvela eNkosini yakhe na?” Ngakho-ke ithi, “okungabonwayo kungokukaMvelinqangi kuphela, lindani ngempela mina ngikanye nani kwabalindileyo”.