سورة الحج - Sûrah 22: Al- Hajj - uHambo oluya endaweni engcwele

1. يَا أَيُّهَا النَّاسُ اتَّقُوا رَبَّكُمْ إِنَّ زَلْزَلَةَ السَّاعَةِ شَيْءٌ عَظِيمٌ


Oh Bantu! Yesabani iNkosi yenu ngempela ukuzamazama kwehora kuyinto enkulu.

2. يَوْمَ تَرَوْنَهَا تَذْهَلُ كُلُّ مُرْضِعَةٍ عَمَّا أَرْضَعَتْ وَتَضَعُ كُلُّ ذَاتِ حَمْلٍ حَمْلَهَا وَتَرَى النَّاسَ سُكَارَى وَمَا هُمْ بِسُكَارَى وَلَكِنَّ عَذَابَ اللَّهِ شَدِيدٌ


Ngosuku lapho niyokubona lokho, bonke abancelisayo bayokhohlwa ilezo zingane abazincelisayo, futhi bonke abesifazane abakhulelwe bayobeletha lokho kwabo abakukhulelwe futhi uyobabona abantu sengathi badakiwe kulapho bona bengadakiwe, kepha isijeziso sikaMvelinqangi sinzima.

3. وَمِنَ النَّاسِ مَنْ يُجَادِلُ فِي اللَّهِ بِغَيْرِ عِلْمٍ وَيَتَّبِعُ كُلَّ شَيْطَانٍ مَرِيدٍ


Futhi phakathi kwabantu kunalowo owenza impikiswano ngoMvelinqangi engenalo ulwazi futhi elandela bonke osathane abangahloniphi.

4. كُتِبَ عَلَيْهِ أَنَّهُ مَنْ تَوَلَّاهُ فَأَنَّهُ يُضِلُّهُ وَيَهْدِيهِ إِلَى عَذَابِ السَّعِيرِ


Kunqunyiwe ngaye (usathane) ukuthi noma ngabe ngubani ongumngane wakhe uzomdukisa futhi amholele esijezisweni somlilo.

5. يَا أَيُّهَا النَّاسُ إِنْ كُنْتُمْ فِي رَيْبٍ مِنَ الْبَعْثِ فَإِنَّا خَلَقْنَاكُمْ مِنْ تُرَابٍ ثُمَّ مِنْ نُطْفَةٍ ثُمَّ مِنْ عَلَقَةٍ ثُمَّ مِنْ مُضْغَةٍ مُخَلَّقَةٍ وَغَيْرِ مُخَلَّقَةٍ لِنُبَيِّنَ لَكُمْ وَنُقِرُّ فِي الْأَرْحَامِ مَا نَشَاءُ إِلَى أَجَلٍ مُسَمًّى ثُمَّ نُخْرِجُكُمْ طِفْلًا ثُمَّ لِتَبْلُغُوا أَشُدَّكُمْ وَمِنْكُمْ مَنْ يُتَوَفَّى وَمِنْكُمْ مَنْ يُرَدُّ إِلَى أَرْذَلِ الْعُمُرِ لِكَيْلَا يَعْلَمَ مِنْ بَعْدِ عِلْمٍ شَيْئًا وَتَرَى الْأَرْضَ هَامِدَةً فَإِذَا أَنْزَلْنَا عَلَيْهَا الْمَاءَ اهْتَزَّتْ وَرَبَتْ وَأَنْبَتَتْ مِنْ كُلِّ زَوْجٍ بَهِيجٍ


Oh Bantu! uma nisekungabazeni ngokuvuka kwabafileyo ngakho-ke ngempela thina sanidala ngothuli kwase kuba ukuhlangana koketshezi lowesilisa nelowesifazane kwasekuba ingehlule kwasekuba ingesigaxa senyama eyakhekile kanye nengakhekile ukuze sinenzele kucace futhi senza ukuthi lokho esikuthandayo kuhlale ezizalweni kuze kube yisikhathi esinqunyiwe bese sinikhipha niyizingane ukuze nifinyelele esigabeni senu sobudala futhi phakathi kwenu kunabanye abenziwa ukuthi bafe (besebancane) futhi phakathi kwenu kunalabo abaphindiselwa ezingene lokukhula elikhulu kakhulu ukuze angazi emva kokuba wayenolwazi oluthize futhi ubone umhlaba ungugwadule kepha uma sehlisela phansi kuwona amanzi (imvula) uyavuka ubuyele empilweni futhi ukhukhumale bese uveza zonke izinhlobo ezithandekayo (zokumilayo okungutshani nezihlahla).

6. ذَلِكَ بِأَنَّ اللَّهَ هُوَ الْحَقُّ وَأَنَّهُ يُحْيِي الْمَوْتَى وَأَنَّهُ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ


Lokho kungenxa yokuthi uMvelinqangi uyiqiniso futhi yena uphilisa abafileyo futhi yena ungamele zonke izinto.

7. وَأَنَّ السَّاعَةَ آتِيَةٌ لَا رَيْبَ فِيهَا وَأَنَّ اللَّهَ يَبْعَثُ مَنْ فِي الْقُبُورِ


Futhi ihora liyeza akukho kungabaza ngalo nokuthi uMvelinqangi uyobavusa labo abasemangcwabeni.

8. وَمِنَ النَّاسِ مَنْ يُجَادِلُ فِي اللَّهِ بِغَيْرِ عِلْمٍ وَلَا هُدًى وَلَا كِتَابٍ مُنِيرٍ


Futhi phakathi kwabantu kunalowo owenza impikiswano ngoMvelinqangi ngaphandle kolwazi futhi engaholiwe futhi engenayo incwadi ekhanyisayo.

9. ثَانِيَ عِطْفِهِ لِيُضِلَّ عَنْ سَبِيلِ اللَّهِ لَهُ فِي الدُّنْيَا خِزْيٌ وَنُذِيقُهُ يَوْمَ الْقِيَامَةِ عَذَابَ الْحَرِيقِ


Eqhelelana neqiniso ukuze adukise abantu endleleni kaMvelinqangi okwakhe emhlabeni yihlazo futhi ngosuku lokuvuka kwabafileyo siyomenza ukuthi ezwe isijeziso somlilo.

10. ذَلِكَ بِمَا قَدَّمَتْ يَدَاكَ وَأَنَّ اللَّهَ لَيْسَ بِظَلَّامٍ لِلْعَبِيدِ


Lokho kungenxa yalokho okulethwe yizandla zakho zombili ngaphambili futhi uMvelinqangi akasiyena ongenabulungiswa ezincekwini.

11. وَمِنَ النَّاسِ مَنْ يَعْبُدُ اللَّهَ عَلَى حَرْفٍ فَإِنْ أَصَابَهُ خَيْرٌ اطْمَأَنَّ بِهِ وَإِنْ أَصَابَتْهُ فِتْنَةٌ انْقَلَبَ عَلَى وَجْهِهِ خَسِرَ الدُّنْيَا وَالْآخِرَةَ ذَلِكَ هُوَ الْخُسْرَانُ الْمُبِينُ


Futhi phakathi kwabantu kunalowo okhonza uMvelinqangi ecophelweni ngakho-ke uma ehlelwe okuhle ulapho kanye nako kepha uma isilingo simehlela uyashintsha ebusweni bakhe ulahlekelwe yilomhlaba nempilo ezayo lokho kungukulahlekelwa okusobala.

12. يَدْعُو مِنْ دُونِ اللَّهِ مَا لَا يَضُرُّهُ وَمَا لَا يَنْفَعُهُ ذَلِكَ هُوَ الضَّلَالُ الْبَعِيدُ


Umemeza (ukhonza) esikhundleni sikaMvelinqangi lokho okungamlimazi kanye nalokho okungamzuzisi lokho kungukuduka okukude le.

13. يَدْعُو لَمَنْ ضَرُّهُ أَقْرَبُ مِنْ نَفْعِهِ لَبِئْسَ الْمَوْلَى وَلَبِئْسَ الْعَشِيرُ


Umemeza lowo ukulimala kwakhe okuseduzane kakhulu kuyena kunenzuzo yakhe ngempela ngumvikeli omubi futhi ngempela ngumhlanganyeli omubi.

14. إِنَّ اللَّهَ يُدْخِلُ الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِنْ تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ إِنَّ اللَّهَ يَفْعَلُ مَا يُرِيدُ


Ngempela uMvelinqangi uyobangenisa ezivandeni ekugeleza ngaphansi kwazo imifula labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo ngempela uMvelinqangi wenza lokho akuthandayo.

15. مَنْ كَانَ يَظُنُّ أَنْ لَنْ يَنْصُرَهُ اللَّهُ فِي الدُّنْيَا وَالْآخِرَةِ فَلْيَمْدُدْ بِسَبَبٍ إِلَى السَّمَاءِ ثُمَّ لْيَقْطَعْ فَلْيَنْظُرْ هَلْ يُذْهِبَنَّ كَيْدُهُ مَا يَغِيظُ


Noma ngabe ngubani ocabanga ukuthi akasoze uMvelinqangi amlekelele emhlabeni nasempilweni ezayo akadonse intambo eya ezulwini bese eyinqamula bese eyalibona icebo lakhe ukuthi lizokususa yini lokho akuthukuthelelayo na?

16. وَكَذَلِكَ أَنْزَلْنَاهُ آيَاتٍ بَيِّنَاتٍ وَأَنَّ اللَّهَ يَهْدِي مَنْ يُرِيدُ


Futhi kanjalo sawehlisela phansi amavesi acacile futhi ngempela uMvelinqangi uholela (endleleni eqondile) lowo amthandayo.

17. إِنَّ الَّذِينَ آمَنُوا وَالَّذِينَ هَادُوا وَالصَّابِئِينَ وَالنَّصَارَى وَالْمَجُوسَ وَالَّذِينَ أَشْرَكُوا إِنَّ اللَّهَ يَفْصِلُ بَيْنَهُمْ يَوْمَ الْقِيَامَةِ إِنَّ اللَّهَ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ شَهِيدٌ


Ngempela labo abakholwayo kanye nalabo abangamaJuda namaSabayi namaKrestu namaMajusi (abakhonzi bezithixo) kanye nalabo abenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni ngempela uMvelinqangi uyokwehlulela phakathi kwabo ngosuku lokuvuka kwabafileyo, ngempela uMvelinqangi ungufakazi phezu kwazo zonke izinto.

18. أَلَمْ تَرَ أَنَّ اللَّهَ يَسْجُدُ لَهُ مَنْ فِي السَّمَاوَاتِ وَمَنْ فِي الْأَرْضِ وَالشَّمْسُ وَالْقَمَرُ وَالنُّجُومُ وَالْجِبَالُ وَالشَّجَرُ وَالدَّوَابُّ وَكَثِيرٌ مِنَ النَّاسِ وَكَثِيرٌ حَقَّ عَلَيْهِ الْعَذَابُ وَمَنْ يُهِنِ اللَّهُ فَمَا لَهُ مِنْ مُكْرِمٍ إِنَّ اللَّهَ يَفْعَلُ مَا يَشَاءُ


Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi ukhothanyelwa yinoma ngabe ngubani osemazulwini nanoma ngabe ngubani osemhlabeni nelanga nenyanga nezinkanyezi nezintaba nezihlahla nezinhlobonhlobo zezilwane neningi labantu nabaningi esifanelekile kubona isijeziso futhi lowo ohlazwe nguMvelinqangi ngakho-ke akekho ozomhlonipha, ngempela uMvelinqangi wenza lokho akuthandayo.

19. هَذَانِ خَصْمَانِ اخْتَصَمُوا فِي رَبِّهِمْ فَالَّذِينَ كَفَرُوا قُطِّعَتْ لَهُمْ ثِيَابٌ مِنْ نَارٍ يُصَبُّ مِنْ فَوْقِ رُءُوسِهِمُ الْحَمِيمُ


Laba ngabaphikisanayo ababili abaphikisana ngeNkosi yabo, ngakho-ke labo abangakholwayo bayonqunyelwa izingubo zomlilo, amanzi abilayo ayothelwa phezu kwamakhanda abo.

20. يُصْهَرُ بِهِ مَا فِي بُطُونِهِمْ وَالْجُلُودُ


Kuyoncitshilikiswa ngawo lokho okuseziswini zabo nezikhumba (zabo).