سورة يس - Sûrah 36: Yâsîn

1. يس


Ya’ seen.

2. وَالْقُرْآنِ الْحَكِيمِ


NgeQur’an enobuhlakani.

3. إِنَّكَ لَمِنَ الْمُرْسَلِينَ


Ngempela wena ungomunye wezithunywa.

4. عَلَى صِرَاطٍ مُسْتَقِيمٍ


Endleleni eqondile.

5. تَنْزِيلَ الْعَزِيزِ الرَّحِيمِ


Isambulo sophakeme ngamandla onesihawu.

6. لِتُنْذِرَ قَوْمًا مَا أُنْذِرَ آبَاؤُهُمْ فَهُمْ غَافِلُونَ


Ukuze wexwayise abantu ababengaxwayiswanga oyise ngakho- ke bona abanakile.

7. لَقَدْ حَقَّ الْقَوْلُ عَلَى أَكْثَرِهِمْ فَهُمْ لَا يُؤْمِنُونَ


Ngempela izwi laqiniseka kwabaningi babo kepha bona bakholwa.

8. إِنَّا جَعَلْنَا فِي أَعْنَاقِهِمْ أَغْلَالًا فَهِيَ إِلَى الْأَذْقَانِ فَهُمْ مُقْمَحُونَ


Ngempela thina sibeke amaketango ezintanyeni zabo afinyelela ezilevini ukuze amakhanda abo abheke phezulu.

9. وَجَعَلْنَا مِنْ بَيْنِ أَيْدِيهِمْ سَدًّا وَمِنْ خَلْفِهِمْ سَدًّا فَأَغْشَيْنَاهُمْ فَهُمْ لَا يُبْصِرُونَ


Futhi sibeke okuvimbelayo ngaphambi kwabo nokumvimbelayo ngemva kwabo sabe sesiyabamboza ukuze bangaboni.

10. وَسَوَاءٌ عَلَيْهِمْ أَأَنْذَرْتَهُمْ أَمْ لَمْ تُنْذِرْهُمْ لَا يُؤْمِنُونَ


Futhi kuyefana kubona noma uyabaxwayisa noma awubaxwayisi angeke bakholwe.

11. إِنَّمَا تُنْذِرُ مَنِ اتَّبَعَ الذِّكْرَ وَخَشِيَ الرَّحْمَنَ بِالْغَيْبِ فَبَشِّرْهُ بِمَغْفِرَةٍ وَأَجْرٍ كَرِيمٍ


Kuphela ungakwazi ukuxwayisa lowo olandela isikhumbuzo futhi owesaba onomusa ongabonwayo, ngakho-ke mnike izindaba ezimnandi ngentethelelo nangomvuzo osezingeni eliphezulu.

12. إِنَّا نَحْنُ نُحْيِي الْمَوْتَى وَنَكْتُبُ مَا قَدَّمُوا وَآثَارَهُمْ وَكُلَّ شَيْءٍ أَحْصَيْنَاهُ فِي إِمَامٍ مُبِينٍ


Ngempela thina siyabaphilisa abafile futhi sikubhala phansi lokho abakubeke ngaphambili kanye (nalokho) okusezinyathelweni zabo futhi zonke izinto sizibhalile emholini ocacile.

13. وَاضْرِبْ لَهُمْ مَثَلًا أَصْحَابَ الْقَرْيَةِ إِذْ جَاءَهَا الْمُرْسَلُونَ


Futhi benzele isibonelo sabantu bedolobha ngenkathi kufika kulona izithunywa.

14. إِذْ أَرْسَلْنَا إِلَيْهِمُ اثْنَيْنِ فَكَذَّبُوهُمَا فَعَزَّزْنَا بِثَالِثٍ فَقَالُوا إِنَّا إِلَيْكُمْ مُرْسَلُونَ


Ngenkathi sithumela kubona (izithunywa) ezimbili base beyaziphika zombili sabe sesiyabaqinisa ngowesithathu basebethi “ngempela thina sithunyiwe kunina.

15. قَالُوا مَا أَنْتُمْ إِلَّا بَشَرٌ مِثْلُنَا وَمَا أَنْزَلَ الرَّحْمَنُ مِنْ شَيْءٍ إِنْ أَنْتُمْ إِلَّا تَكْذِبُونَ


Bathi (abantu bedolobha) “nina aniyilutho ngaphandle kokuba ngabantu abafana nathi futhi onomusa akazange ambule lutho kuphela nina niqamba amanga”.

16. قَالُوا رَبُّنَا يَعْلَمُ إِنَّا إِلَيْكُمْ لَمُرْسَلُونَ


Zathi (izithunywa) “Inkosi yethu iyazi ukuthi thina siyizithunywa kunina”.

17. وَمَا عَلَيْنَا إِلَّا الْبَلَاغُ الْمُبِينُ


Futhi alikho icala kuthina ngaphandle kokudlulisela umyalezo ocacile.

18. قَالُوا إِنَّا تَطَيَّرْنَا بِكُمْ لَئِنْ لَمْ تَنْتَهُوا لَنَرْجُمَنَّكُمْ وَلَيَمَسَّنَّكُمْ مِنَّا عَذَابٌ أَلِيمٌ


Bathi, “ngempela thina sibona ukubikezela okubi kunina uma ningaphezi ngempela sizonikhanda ngamatshe futhi nizothintwa yisijeziso esibuhlungu esivela kuthina”.

19. قَالُوا طَائِرُكُمْ مَعَكُمْ أَئِنْ ذُكِّرْتُمْ بَلْ أَنْتُمْ قَوْمٌ مُسْرِفُونَ


Zathi (izithunywa), “ukubikezela kwenu kukanye nani ngoba nikhunjuzisiwe kepha nina ningabantu abephula umthetho”.

20. وَجَاءَ مِنْ أَقْصَى الْمَدِينَةِ رَجُلٌ يَسْعَى قَالَ يَا قَوْمِ اتَّبِعُوا الْمُرْسَلِينَ


Futhi kwafika indoda ivela engxenyeni ebuqamama yedolobha igijima yathi “Oh Bantu bami! landelani izithunywa”.