سورة فصلت - Sûrah 41: Fussilat - Ha-Mim - Izinhlamvu zeQurani

1. حم


Ha meem

2. تَنْزِيلٌ مِنَ الرَّحْمَنِ الرَّحِيمِ


Isambulo esivela konomusa onesihawu.

3. كِتَابٌ فُصِّلَتْ آيَاتُهُ قُرْآنًا عَرَبِيًّا لِقَوْمٍ يَعْلَمُونَ


Incwadi, enziwe acaca amavesi ayo iQur’an engesi-arabhu yabantu abaziyo.

4. بَشِيرًا وَنَذِيرًا فَأَعْرَضَ أَكْثَرُهُمْ فَهُمْ لَا يَسْمَعُونَ


Iletha izindaba ezimnandi futhi ingumxwayisi kepha liyafulathela iningi labo ngakho-ke bona abezwa.

5. وَقَالُوا قُلُوبُنَا فِي أَكِنَّةٍ مِمَّا تَدْعُونَا إِلَيْهِ وَفِي آذَانِنَا وَقْرٌ وَمِنْ بَيْنِنَا وَبَيْنِكَ حِجَابٌ فَاعْمَلْ إِنَّنَا عَامِلُونَ


Futhi bathi “izinhliziyo zethu zingaphansi kwezembozo kulokho osimemela kukona futhi ezindlebeni zethu kunobuthulu futhi phakathi kwethu nawe kunesisitho, ngakho-ke sebenza (ngendlela yakho) ngempela nathi siyasebenza”.

6. قُلْ إِنَّمَا أَنَا بَشَرٌ مِثْلُكُمْ يُوحَى إِلَيَّ أَنَّمَا إِلَهُكُمْ إِلَهٌ وَاحِدٌ فَاسْتَقِيمُوا إِلَيْهِ وَاسْتَغْفِرُوهُ وَوَيْلٌ لِلْمُشْرِكِينَ


Ithi, kuphela mina ngingumuntu njengani kwembuliwe kumina ukuthi uNkulunkulu wenu nguNkulunkulu oyedwa ngakho-ke yibani ngabaqondile kuyena futhi nicele intethelelo yakhe futhi usizi kwabenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni.

7. الَّذِينَ لَا يُؤْتُونَ الزَّكَاةَ وَهُمْ بِالْآخِرَةِ هُمْ كَافِرُونَ


Labo abangayikhokhi izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhelwa abampofu) futhi bona bengakholwelwa empilweni ezayo.

8. إِنَّ الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ لَهُمْ أَجْرٌ غَيْرُ مَمْنُونٍ


Ngempela labo abakholwayo futhi abenza okulungileyo okwabo ngumvuzo ongapheliyo.

9. قُلْ أَئِنَّكُمْ لَتَكْفُرُونَ بِالَّذِي خَلَقَ الْأَرْضَ فِي يَوْمَيْنِ وَتَجْعَلُونَ لَهُ أَنْدَادًا ذَلِكَ رَبُّ الْعَالَمِينَ


Ithi “ngukube ngempela nina anikholwa kulowo owadala umhlaba ezinsukwini ezimbili na? Futhi nimbekela izimbangi, lowo yiNkosi yemihlaba”.

10. وَجَعَلَ فِيهَا رَوَاسِيَ مِنْ فَوْقِهَا وَبَارَكَ فِيهَا وَقَدَّرَ فِيهَا أَقْوَاتَهَا فِي أَرْبَعَةِ أَيَّامٍ سَوَاءً لِلسَّائِلِينَ


Futhi yabeka kuwona izintaba ngaphezulu kwawo futhi yawubusisa futhi kuwona yenza ukudla (kwezihlali) zawo ezinsukwini ezine (ukuze bazi) labo ababuzayo.

11. ثُمَّ اسْتَوَى إِلَى السَّمَاءِ وَهِيَ دُخَانٌ فَقَالَ لَهَا وَلِلْأَرْضِ ائْتِيَا طَوْعًا أَوْ كَرْهًا قَالَتَا أَتَيْنَا طَائِعِينَ


Yabe seyiphendukela ezulwini lona laliyintuthu yabeseyithi kulona nasemhlabeni “wozani nobabili nithanda noma ningathandi” kokubili kwathi, “siyeza sithanda”

12. فَقَضَاهُنَّ سَبْعَ سَمَاوَاتٍ فِي يَوْمَيْنِ وَأَوْحَى فِي كُلِّ سَمَاءٍ أَمْرَهَا وَزَيَّنَّا السَّمَاءَ الدُّنْيَا بِمَصَابِيحَ وَحِفْظًا ذَلِكَ تَقْدِيرُ الْعَزِيزِ الْعَلِيمِ


(INkosi yemihlaba) yabe seyikuqeda ukukwakha kwaba ngamazulu ayisikhombisa ezinsukwini ezimbili futhi yembula kulelo nalelozulu udaba lwalo futhi sahlobisa izulu elingezansi ngezibani kanye nokulondolozeka, leso yisimiso sophakeme ngamandla, isazi.

13. فَإِنْ أَعْرَضُوا فَقُلْ أَنْذَرْتُكُمْ صَاعِقَةً مِثْلَ صَاعِقَةِ عَادٍ وَثَمُودَ


Ngakho-ke uma befulathela ithi “nginexwayisile ngesehlakalo esifana nesehlakalo sika-A’D noThamud.

14. إِذْ جَاءَتْهُمُ الرُّسُلُ مِنْ بَيْنِ أَيْدِيهِمْ وَمِنْ خَلْفِهِمْ أَلَّا تَعْبُدُوا إِلَّا اللَّهَ قَالُوا لَوْ شَاءَ رَبُّنَا لَأَنْزَلَ مَلَائِكَةً فَإِنَّا بِمَا أُرْسِلْتُمْ بِهِ كَافِرُونَ


Ngenkathi zifika kubona izithunywa ziqhamuka ngaphambili kwabo nangemumva kwabo zathi “ningakhonzi lutho ngaphandle kukaMvelinqangi” bathi, “ukube iNkosi yethu yayithanda yayizokwehlisela phansi izingelosi, ngakho-ke thina singabangakholelwa kulokho enithunywe kona”.

15. فَأَمَّا عَادٌ فَاسْتَكْبَرُوا فِي الْأَرْضِ بِغَيْرِ الْحَقِّ وَقَالُوا مَنْ أَشَدُّ مِنَّا قُوَّةً أَوَلَمْ يَرَوْا أَنَّ اللَّهَ الَّذِي خَلَقَهُمْ هُوَ أَشَدُّ مِنْهُمْ قُوَّةً وَكَانُوا بِآيَاتِنَا يَجْحَدُونَ


Mayelana noA’D, babezikhukhumeza emhlabeni ngokungesilona iqiniso futhi bathi,“ngubani onamandla amakhulu ukwedlula thina?, Ababoni yini ukuthi nguMvelinqangi owabadala, yena unamandla amakhulu ngaphezulu kwabo futhi babewaphika amavesi ethu.

16. فَأَرْسَلْنَا عَلَيْهِمْ رِيحًا صَرْصَرًا فِي أَيَّامٍ نَحِسَاتٍ لِنُذِيقَهُمْ عَذَابَ الْخِزْيِ فِي الْحَيَاةِ الدُّنْيَا وَلَعَذَابُ الْآخِرَةِ أَخْزَى وَهُمْ لَا يُنْصَرُونَ


Ngakho-ke sathumela kubona umoya onamandla ezinsukwini zeshwa ukuze sibazwise isijeziso esiyihlazo empilweni yakulomhlaba futhi isijeziso sempilo ezayo siyihlazo kakhulu futhi bona angeke balekelelwe.

17. وَأَمَّا ثَمُودُ فَهَدَيْنَاهُمْ فَاسْتَحَبُّوا الْعَمَى عَلَى الْهُدَى فَأَخَذَتْهُمْ صَاعِقَةُ الْعَذَابِ الْهُونِ بِمَا كَانُوا يَكْسِبُونَ


Futhi mayelana (nabantu) ba-Thamud sabahola, kepha bathanda ubumpumputhe kunokuholwa, ngakho-ke sabathatha isehlakalo sesijeziso esiyihlazo ngenxa yaloko ababekwenza.

18. وَنَجَّيْنَا الَّذِينَ آمَنُوا وَكَانُوا يَتَّقُونَ


Futhi sabasindisa labo ababekholwa futhi abagwema ububi.

19. وَيَوْمَ يُحْشَرُ أَعْدَاءُ اللَّهِ إِلَى النَّارِ فَهُمْ يُوزَعُونَ


Futhi khumbula ngosuku lapho ziyobe ziqoqelwa emlilweni izitha zikaMvelinqangi ziyoqhutshelwa phambili.

20. حَتَّى إِذَا مَا جَاءُوهَا شَهِدَ عَلَيْهِمْ سَمْعُهُمْ وَأَبْصَارُهُمْ وَجُلُودُهُمْ بِمَا كَانُوا يَعْمَلُونَ


Kuze kube yilapho uma zifika kusona ukuzwa kwazo (amadlebe azo) namehlo azo kanye nezikhumba zazo ziyofakaza maqondana nazo mayelana naloko ababekwenza.