سورة الشورى - Sûrah 42: Ash-Shûra - Isigungu (ukubonisana)

1. حم


Ha Meem

2. عسق


Ain Sin Qaf.

3. كَذَلِكَ يُوحِي إِلَيْكَ وَإِلَى الَّذِينَ مِنْ قَبْلِكَ اللَّهُ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ


Kanjalo uyakwembula kuwena kanye nakulaba ababengaphambilini kwakho, nguMvelinqangi ophakeme ngamandla onobuhlakani.

4. لَهُ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ وَهُوَ الْعَلِيُّ الْعَظِيمُ


Kungokwakhe noma ngabe yini esemazulwini kanye noma ngabe yini esemhlabeni futhi yena uphakeme kakhulu, mkhulu.

5. تَكَادُ السَّمَاوَاتُ يَتَفَطَّرْنَ مِنْ فَوْقِهِنَّ وَالْمَلَائِكَةُ يُسَبِّحُونَ بِحَمْدِ رَبِّهِمْ وَيَسْتَغْفِرُونَ لِمَنْ فِي الْأَرْضِ أَلَا إِنَّ اللَّهَ هُوَ الْغَفُورُ الرَّحِيمُ


Amazulu angase adabuke phakathi ngaphezulu kwawo futhi izingelosi zigubha indumiso yeNkosi yazo futhi zicelela labo abasemhlabeni intethelelo bheka! Ngempela uMvelinqangi yena ungothethelelayo onesihawu.

6. وَالَّذِينَ اتَّخَذُوا مِنْ دُونِهِ أَوْلِيَاءَ اللَّهُ حَفِيظٌ عَلَيْهِمْ وَمَا أَنْتَ عَلَيْهِمْ بِوَكِيلٍ


Futhi labo abathatha (abanye) abavikeli esikhundleni sakhe, uMvelinqangi ungumlondolozi phezulu kwabo futhi wena awusiyena umphathi phezulu kwabo.

7. وَكَذَلِكَ أَوْحَيْنَا إِلَيْكَ قُرْآنًا عَرَبِيًّا لِتُنْذِرَ أُمَّ الْقُرَى وَمَنْ حَوْلَهَا وَتُنْذِرَ يَوْمَ الْجَمْعِ لَا رَيْبَ فِيهِ فَرِيقٌ فِي الْجَنَّةِ وَفَرِيقٌ فِي السَّعِيرِ


Futhi kanjalo siyembulile kuwena iQur’an ngesi-Arabhu ukuze uxwayise unina wamadolobha kanye noma ngabe ngobani abawazungelezile futhi uxwayise ngosuku lokuhlangana, akukho ukungabaza ngalo, ingxenye iyokuba sesivandeni futhi (enye) ingxenye ibe semlilweni ovuthayo.

8. وَلَوْ شَاءَ اللَّهُ لَجَعَلَهُمْ أُمَّةً وَاحِدَةً وَلَكِنْ يُدْخِلُ مَنْ يَشَاءُ فِي رَحْمَتِهِ وَالظَّالِمُونَ مَا لَهُمْ مِنْ وَلِيٍّ وَلَا نَصِيرٍ


Futhi ukube uMvelinqangi wayethanda wayezobenza isizwe esisodwa kepha ufaka lowo amthandayo emseni wakhe futhi izoni azinaye umvikeli noma umsizi.

9. أَمِ اتَّخَذُوا مِنْ دُونِهِ أَوْلِيَاءَ فَاللَّهُ هُوَ الْوَلِيُّ وَهُوَ يُحْيِي الْمَوْتَى وَهُوَ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ


Noma ngakube bazithathela abavikeli esikhundleni sakhe, kepha nguMvelinqangi ongumvikeli futhi yena uphilisa abafile futhi yena wenza zonke izinto.

10. وَمَا اخْتَلَفْتُمْ فِيهِ مِنْ شَيْءٍ فَحُكْمُهُ إِلَى اللَّهِ ذَلِكُمُ اللَّهُ رَبِّي عَلَيْهِ تَوَكَّلْتُ وَإِلَيْهِ أُنِيبُ


Futhi noma ngabe yini eniphikisana kuyona, ngakho-ke isehlulelo sayo sikuMvelinqangi, lowo nguMvelinqangi iNkosi yami ngethembele kuyena futhi ngiphendukela kuyona ngokuzisola.

11. فَاطِرُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ جَعَلَ لَكُمْ مِنْ أَنْفُسِكُمْ أَزْوَاجًا وَمِنَ الْأَنْعَامِ أَزْوَاجًا يَذْرَؤُكُمْ فِيهِ لَيْسَ كَمِثْلِهِ شَيْءٌ وَهُوَ السَّمِيعُ الْبَصِيرُ


Umdali wamazulu nomhlaba wanenzela phakathi kwenu ngakubili futhi nasezinkomeni ngakubili, uyaniphindaphinda akukho lutho olufana naye futhi yena ungozwayo obonayo.

12. لَهُ مَقَالِيدُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ يَبْسُطُ الرِّزْقَ لِمَنْ يَشَاءُ وَيَقْدِرُ إِنَّهُ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمٌ


Ngezakhe izihluthulelo zamazulu nomhlaba. Uyaselula isabelo kunoma ngabe ngubani amthandayo futhi anciphise, ngempela yena uyisazi sazo zonke izinto.

13. شَرَعَ لَكُمْ مِنَ الدِّينِ مَا وَصَّى بِهِ نُوحًا وَالَّذِي أَوْحَيْنَا إِلَيْكَ وَمَا وَصَّيْنَا بِهِ إِبْرَاهِيمَ وَمُوسَى وَعِيسَى أَنْ أَقِيمُوا الدِّينَ وَلَا تَتَفَرَّقُوا فِيهِ كَبُرَ عَلَى الْمُشْرِكِينَ مَا تَدْعُوهُمْ إِلَيْهِ اللَّهُ يَجْتَبِي إِلَيْهِ مَنْ يَشَاءُ وَيَهْدِي إِلَيْهِ مَنْ يُنِيبُ


UMvelinqangi wanibekela inkolo leyo ayibekela uNowa kanye naleyo esiyembulile kuwena kanye nesayembula ku- Abrahamu nakuMose kanye nakuJesu ukuthi baqinise inkolo, futhi ningaqembukelani kuyona, kunzima kulabo abakhonza izithombe lokho enibamemela kukona, uMvelinqangi uziqokela lowo amthandayo futhi uholela kuyena lowo ophendukela kuyena ngokuzisola.

14. وَمَا تَفَرَّقُوا إِلَّا مِنْ بَعْدِ مَا جَاءَهُمُ الْعِلْمُ بَغْيًا بَيْنَهُمْ وَلَوْلَا كَلِمَةٌ سَبَقَتْ مِنْ رَبِّكَ إِلَى أَجَلٍ مُسَمًّى لَقُضِيَ بَيْنَهُمْ وَإِنَّ الَّذِينَ أُورِثُوا الْكِتَابَ مِنْ بَعْدِهِمْ لَفِي شَكٍّ مِنْهُ مُرِيبٍ


Futhi babengaqembukelene kwaze kwaba yingaphambili kokuba sebefikelwe ulwazi ngenxa yomona nenzondo phakathi kwabo futhi ukube kwakungesingenxa yegama eselidlulile elivela eNkosini yakho esikhathini esimisiwe kwakuzokwehlulelwa phakathi kwabo, futhi ngempela labo ababenziwe ukuthi badle ifa lencwadi emva kwabo ngempela basekungabazeni okunzima ngayo.

15. فَلِذَلِكَ فَادْعُ وَاسْتَقِمْ كَمَا أُمِرْتَ وَلَا تَتَّبِعْ أَهْوَاءَهُمْ وَقُلْ آمَنْتُ بِمَا أَنْزَلَ اللَّهُ مِنْ كِتَابٍ وَأُمِرْتُ لِأَعْدِلَ بَيْنَكُمُ اللَّهُ رَبُّنَا وَرَبُّكُمْ لَنَا أَعْمَالُنَا وَلَكُمْ أَعْمَالُكُمْ لَا حُجَّةَ بَيْنَنَا وَبَيْنَكُمُ اللَّهُ يَجْمَعُ بَيْنَنَا وَإِلَيْهِ الْمَصِيرُ


Ngakho-ke kulokho mema futhi ume uqine njengokuba uphoqiwe futhi ungalandeli izifiso zabo futhi ithi, “ngikholiwe kulokho okwembulwa nguMvelinqangi okuyincwadi futhi ngiphoqiwe ukuthi ngenze ubulungiswa phakathi kwenu, uMvelinqangi yiNkosi yethu neNkosi yenu, okwethu yimisebenzi yethu nokwenu yimisebenzi yenu, ayikho impikiswano phakathi kwethu nani, uMvelinqangi uyosiqoqela ndawonye futhi kukuyena ukuphindela kokugcina.

16. وَالَّذِينَ يُحَاجُّونَ فِي اللَّهِ مِنْ بَعْدِ مَا اسْتُجِيبَ لَهُ حُجَّتُهُمْ دَاحِضَةٌ عِنْدَ رَبِّهِمْ وَعَلَيْهِمْ غَضَبٌ وَلَهُمْ عَذَابٌ شَدِيدٌ


Futhi labo abaphikisanayo ngoMvelinqangi emva kokuba sekwamukeliwe impikiswano yabo iyize leze eNkosini yabo futhi phezulu kwabo kunentukuthelo (kaMvelinqangi) futhi okwabo yisijeziso esinzima.

17. اللَّهُ الَّذِي أَنْزَلَ الْكِتَابَ بِالْحَقِّ وَالْمِيزَانَ وَمَا يُدْرِيكَ لَعَلَّ السَّاعَةَ قَرِيبٌ


NguMvelinqangi owembula incwadi ngeqiniso nangesikalo, futhi yini ekwenza wazi ukuthi mhlawumbe ihora selisondele?

18. يَسْتَعْجِلُ بِهَا الَّذِينَ لَا يُؤْمِنُونَ بِهَا وَالَّذِينَ آمَنُوا مُشْفِقُونَ مِنْهَا وَيَعْلَمُونَ أَنَّهَا الْحَقُّ أَلَا إِنَّ الَّذِينَ يُمَارُونَ فِي السَّاعَةِ لَفِي ضَلَالٍ بَعِيدٍ


Ukulisheshisa (ihora bayakufisa) labo abangakholelwa kulona kulapho labo abakholwayo belesaba futhi bayazi ukuthi lona liyiqiniso bheka! Ngempela labo abaphikisanayo mayelana nehora ngempela basekudukeni okukude le.

19. اللَّهُ لَطِيفٌ بِعِبَادِهِ يَرْزُقُ مَنْ يَشَاءُ وَهُوَ الْقَوِيُّ الْعَزِيزُ


UMvelinqangi unomusa ezincekwini zakhe wabela noma ngabe ngubani amthandayo futhi yena uqatha, ungophakeme ngamandla.

20. مَنْ كَانَ يُرِيدُ حَرْثَ الْآخِرَةِ نَزِدْ لَهُ فِي حَرْثِهِ وَمَنْ كَانَ يُرِيدُ حَرْثَ الدُّنْيَا نُؤْتِهِ مِنْهَا وَمَا لَهُ فِي الْآخِرَةِ مِنْ نَصِيبٍ


Noma ngabe ngubani ofisa isivuno sempilo ezayo siyamunezelela esivunweni sakhe futhi noma ngabe ngubani ofisa isivuno salomhlaba simunika sona futhi empilweni ezayo angeke abenayo ingxenye.