سورة الزخرف - Sûrah 43: Al-Zukhruf - ukuhlobisa

1. حم


Ha Meem

2. وَالْكِتَابِ الْمُبِينِ


Ngencwadi ecacile.

3. إِنَّا جَعَلْنَاهُ قُرْآنًا عَرَبِيًّا لَعَلَّكُمْ تَعْقِلُونَ


Ngempela siyenze yaba iQur’an engesi-Arabhu ukuze niqonde.

4. وَإِنَّهُ فِي أُمِّ الْكِتَابِ لَدَيْنَا لَعَلِيٌّ حَكِيمٌ


Futhi ngempela yona ikumama wencwadi okuthina ophakeme onobuhlakani.

5. أَفَنَضْرِبُ عَنْكُمُ الذِّكْرَ صَفْحًا أَنْ كُنْتُمْ قَوْمًا مُسْرِفِينَ


Ngakube sizosusa isikhumbuzo kunina ngoba ningabantu abamoshayo?

6. وَكَمْ أَرْسَلْنَا مِنْ نَبِيٍّ فِي الْأَوَّلِينَ


Futhi bangaki abaphrofethi esabathumela emandulo?

7. وَمَا يَأْتِيهِمْ مِنْ نَبِيٍّ إِلَّا كَانُوا بِهِ يَسْتَهْزِئُونَ


Futhi kwakungakaze kufike kubona umphrofethi ngaphandle kokuthi babemenza inhlekisa.

8. فَأَهْلَكْنَا أَشَدَّ مِنْهُمْ بَطْشًا وَمَضَى مَثَلُ الْأَوَّلِينَ


Ngakho-ke sababhubhisa labo ababeqatha kunabo ngamandla futhi sesadlula isibonelo sabasendulo.

9. وَلَئِنْ سَأَلْتَهُمْ مَنْ خَلَقَ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ لَيَقُولُنَّ خَلَقَهُنَّ الْعَزِيزُ الْعَلِيمُ


Futhi uma ubabuza ukuthi ngubani owadala amazulu nomhlaba ngempela bangathi, “owawadala ophakeme ngamandla owaziyo”.

10. الَّذِي جَعَلَ لَكُمُ الْأَرْضَ مَهْدًا وَجَعَلَ لَكُمْ فِيهَا سُبُلًا لَعَلَّكُمْ تَهْتَدُونَ


Okunguyena owanenzela umhlaba waba yindawo yokuphumula futhi wanenzela kuwona izindlela ukuze niholeke.

11. وَالَّذِي نَزَّلَ مِنَ السَّمَاءِ مَاءً بِقَدَرٍ فَأَنْشَرْنَا بِهِ بَلْدَةً مَيْتًا كَذَلِكَ تُخْرَجُونَ


Futhi okunguyena owehlisela phansi amanzi avela esibhakabhakeni ngesilinganiso wayesevusa ngawo izwe elifile, niyovuswa kanjalo.

12. وَالَّذِي خَلَقَ الْأَزْوَاجَ كُلَّهَا وَجَعَلَ لَكُمْ مِنَ الْفُلْكِ وَالْأَنْعَامِ مَا تَرْكَبُونَ


Futhi okunguyena owadala zonke izinto ngambili futhi wanenzela imikhumbi kanye nezinkomo lezo enizigibelayo.

13. لِتَسْتَوُوا عَلَى ظُهُورِهِ ثُمَّ تَذْكُرُوا نِعْمَةَ رَبِّكُمْ إِذَا اسْتَوَيْتُمْ عَلَيْهِ وَتَقُولُوا سُبْحَانَ الَّذِي سَخَّرَ لَنَا هَذَا وَمَا كُنَّا لَهُ مُقْرِنِينَ


Ukuze nigibele emihlane yazo bese nikhumbula umusa weNkosi yenu uma senigibele phezulu kwazo bese nithi, “udumo malube kulowo osenzele lokhu futhi thina besingeke sibenako”.

14. وَإِنَّا إِلَى رَبِّنَا لَمُنْقَلِبُونَ


Futhi ngempela eNkosini yethu siyophindela.

15. وَجَعَلُوا لَهُ مِنْ عِبَادِهِ جُزْءًا إِنَّ الْإِنْسَانَ لَكَفُورٌ مُبِينٌ


Futhi bambekela ingxenye ezincekwini zakhe, ngempela umuntu akabongi ngokucacile.

16. أَمِ اتَّخَذَ مِمَّا يَخْلُقُ بَنَاتٍ وَأَصْفَاكُمْ بِالْبَنِينَ


Noma ngakube wazithathela kulokho akudalayo amadodakazi wayesenikhethela amadodana na?

17. وَإِذَا بُشِّرَ أَحَدُهُمْ بِمَا ضَرَبَ لِلرَّحْمَنِ مَثَلًا ظَلَّ وَجْهُهُ مُسْوَدًّا وَهُوَ كَظِيمٌ


Futhi uma oyedwa wabo etshelwa ngezindaba zalokho akwenzile okuyisibonelo konomusa, ubuso bakhe bubamnyama futhi agcwale usizi.

18. أَوَمَنْ يُنَشَّأُ فِي الْحِلْيَةِ وَهُوَ فِي الْخِصَامِ غَيْرُ مُبِينٍ


Lowo okhuliswe ngemihlobiso kulapho yena esempikiswaneni engacacile.

19. وَجَعَلُوا الْمَلَائِكَةَ الَّذِينَ هُمْ عِبَادُ الرَّحْمَنِ إِنَاثًا أَشَهِدُوا خَلْقَهُمْ سَتُكْتَبُ شَهَادَتُهُمْ وَيُسْأَلُونَ


Futhi benza izingelosi isifazane lezo okuyizona eziyizinceku zonomusa, ngakube bakubona ukudalwa kwazo na?.

20. وَقَالُوا لَوْ شَاءَ الرَّحْمَنُ مَا عَبَدْنَاهُمْ مَا لَهُمْ بِذَلِكَ مِنْ عِلْمٍ إِنْ هُمْ إِلَّا يَخْرُصُونَ


Futhi bathi, “ukube wayethanda onomusa sasingeke sibakhonze”, abanalo ulwazi lwaloko (abenzi) lutho ngaphandle kokuqamba amanga.