سورة الدخان - Sûrah 44: Ad-Durhân - Intuthu

1. حم


Ha Meem

2. وَالْكِتَابِ الْمُبِينِ


Ngencwadi ecacile.

3. إِنَّا أَنْزَلْنَاهُ فِي لَيْلَةٍ مُبَارَكَةٍ إِنَّا كُنَّا مُنْذِرِينَ


Ngempela sayithumela phansi ebusuku obubusisiwe, ngempela thina sasingabaxwayisi.

4. فِيهَا يُفْرَقُ كُلُّ أَمْرٍ حَكِيمٍ


Kubona (ubusuku) kunqunywe zonke izindaba ezonobuhlakani.

5. أَمْرًا مِنْ عِنْدِنَا إِنَّا كُنَّا مُرْسِلِينَ


Udaba oluvela kuthina, ngempela thina sasingabathumeli.

6. رَحْمَةً مِنْ رَبِّكَ إِنَّهُ هُوَ السَّمِيعُ الْعَلِيمُ


Umusa ovela eNkosini yakho, ngempela yona ingezwayo eyaziyo.

7. رَبِّ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَمَا بَيْنَهُمَا إِنْ كُنْتُمْ مُوقِنِينَ


INkosi yamazulu nomhlaba kanye nakho konke okuphakathi kwako kokubili ukube nina beniqinisekile.

8. لَا إِلَهَ إِلَّا هُوَ يُحْيِي وَيُمِيتُ رَبُّكُمْ وَرَبُّ آبَائِكُمُ الْأَوَّلِينَ


Akukho okunokukhonzwa ngaphandle kwakhe (uMvelinqangi) uyaphilisa futhi uyabulala, iNkosi yenu neNkosi yobaba benu basendulo.

9. بَلْ هُمْ فِي شَكٍّ يَلْعَبُونَ


Kepha bona basekungabazeni, bayazidlalela nje.

10. فَارْتَقِبْ يَوْمَ تَأْتِي السَّمَاءُ بِدُخَانٍ مُبِينٍ


Ngakho-ke lindela usuku lapho isibhababhaka siyoletha intuthu egqamile.

11. يَغْشَى النَّاسَ هَذَا عَذَابٌ أَلِيمٌ


Imboza abantu, lesi yisijeziso esibuhlungu.

12. رَبَّنَا اكْشِفْ عَنَّا الْعَذَابَ إِنَّا مُؤْمِنُونَ


Nkosi yethu sisuse kuthina isijeziso, ngempela singabakholwayo.

13. أَنَّى لَهُمُ الذِّكْرَى وَقَدْ جَاءَهُمْ رَسُولٌ مُبِينٌ


Bangaba kanjani nesikhumbuzo kulapho sezafika kubona izithunywa ezicacile.

14. ثُمَّ تَوَلَّوْا عَنْهُ وَقَالُوا مُعَلَّمٌ مَجْنُونٌ


Babe sebeyasifulathela (isithunywa) futhi bathi, “sifundisiwe futhi siyahlanya”.

15. إِنَّا كَاشِفُو الْعَذَابِ قَلِيلًا إِنَّكُمْ عَائِدُونَ


Ngempela siyasisusa isijeziso kancane ngempela nina niyaphindela (ekoneni).

16. يَوْمَ نَبْطِشُ الْبَطْشَةَ الْكُبْرَى إِنَّا مُنْتَقِمُونَ


Ngosuku lapho siyobashaya ngokushaya okukhulu, ngempela thina singabaziphindiselayo.

17. وَلَقَدْ فَتَنَّا قَبْلَهُمْ قَوْمَ فِرْعَوْنَ وَجَاءَهُمْ رَسُولٌ كَرِيمٌ


Futhi ngempela sabalinga ngaphambilini kwabo abantu baFaro, futhi safika kubona isithunywa esihloniphekile.

18. أَنْ أَدُّوا إِلَيَّ عِبَادَ اللَّهِ إِنِّي لَكُمْ رَسُولٌ أَمِينٌ


(UMose wathi), “zikhulule zize kimina izinceku zikaMvelinqangi, ngempela mina ngiyisithunywa esihloniphekile kunina”.

19. وَأَنْ لَا تَعْلُوا عَلَى اللَّهِ إِنِّي آتِيكُمْ بِسُلْطَانٍ مُبِينٍ


Futhi ningaziphakamisi ngokuphambene noMvelinqangi, ngempela mina ngize kunina negunya elicacile.

20. وَإِنِّي عُذْتُ بِرَبِّي وَرَبِّكُمْ أَنْ تَرْجُمُونِ


Futhi ngempela ngifune isiphephelo eNkosini yami neNkosi yenu hleze ningikhande ngamatshe.