سورة قاف - Sûrah 50: ‘Kâf - Qaf
1. ق وَالْقُرْآنِ الْمَجِيدِ
Qaf ngeQur’an enedumela elikhulu.
2. بَلْ عَجِبُوا أَنْ جَاءَهُمْ مُنْذِرٌ مِنْهُمْ فَقَالَ الْكَافِرُونَ هَذَا شَيْءٌ عَجِيبٌ
Kepha bayamangala ukuthi kufike kubona umxwayisi ophuma phakathi kwabo, ngakho-ke abangakholwa bathi, “lokhu yinto emangalisayo”.
3. أَإِذَا مِتْنَا وَكُنَّا تُرَابًا ذَلِكَ رَجْعٌ بَعِيدٌ
Ngakube uma sesifile sabawuthuli – lokho ukuphindela okukude.
4. قَدْ عَلِمْنَا مَا تَنْقُصُ الْأَرْضُ مِنْهُمْ وَعِنْدَنَا كِتَابٌ حَفِيظٌ
Ngempela siyakwazi lokho umhlaba okunciphisayo kubona, ikanye nathi incwadi elondolozayo.
5. بَلْ كَذَّبُوا بِالْحَقِّ لَمَّا جَاءَهُمْ فَهُمْ فِي أَمْرٍ مَرِيجٍ
Kepha baliphika iqiniso ngenkathi lifika kubona, ngakho-ke bona basesimweni esididayo.
6. أَفَلَمْ يَنْظُرُوا إِلَى السَّمَاءِ فَوْقَهُمْ كَيْفَ بَنَيْنَاهَا وَزَيَّنَّاهَا وَمَا لَهَا مِنْ فُرُوجٍ
Ngakube ababheki yini esibhakabhakeni ngaphezulu kwabo ukuthi sasakha kanjani futhi sasenza sabukeka sisihle futhi asinayo imifantu.
7. وَالْأَرْضَ مَدَدْنَاهَا وَأَلْقَيْنَا فِيهَا رَوَاسِيَ وَأَنْبَتْنَا فِيهَا مِنْ كُلِّ زَوْجٍ بَهِيجٍ
Nomhlaba sawendlala futhi sabeka kuwona izintaba futhi samilisa kuwona zonke izinhlobo zezithelo nemithi ngambili.
8. تَبْصِرَةً وَذِكْرَى لِكُلِّ عَبْدٍ مُنِيبٍ
Ukubona nesikhumbuzo kuleyo naleyo nceku ephendukela kuMvelinqangi ngokuzisola.
9. وَنَزَّلْنَا مِنَ السَّمَاءِ مَاءً مُبَارَكًا فَأَنْبَتْنَا بِهِ جَنَّاتٍ وَحَبَّ الْحَصِيدِ
Futhi sawehlisela phansi amanzi avela esibhakabhakeni abusisekile sabe sesenza ngawo ukuthi kumile izivande nohlamvu lokuvunwayo.
10. وَالنَّخْلَ بَاسِقَاتٍ لَهَا طَلْعٌ نَضِيدٌ
Nezihlahla ezinde zesundu ezinezixheke ezilekene ezivuthiwe.
11. رِزْقًا لِلْعِبَادِ وَأَحْيَيْنَا بِهِ بَلْدَةً مَيْتًا كَذَلِكَ الْخُرُوجُ
Isabelo sezinceku (zikaMvelinqangi) futhi saphilisa ngawo (amanzi) izwe elifile kunjalo ukuphuma (ukuvuka kwabafileyo).
12. كَذَّبَتْ قَبْلَهُمْ قَوْمُ نُوحٍ وَأَصْحَابُ الرَّسِّ وَثَمُودُ
Baphika ngaphambilini kwabo abantu baNowa nezihlali zaseRass nezaseThamud.
13. وَعَادٌ وَفِرْعَوْنُ وَإِخْوَانُ لُوطٍ
No A’d noFaro kanye nabafowabo ka-Lothi.
14. وَأَصْحَابُ الْأَيْكَةِ وَقَوْمُ تُبَّعٍ كُلٌّ كَذَّبَ الرُّسُلَ فَحَقَّ وَعِيدِ
Nezihlali zase-Aykah kanye nabantu baseTubba, bonke babeziphika izithunywa ngakho-ke yabe seyiyagcwaliseka insongo yami.
15. أَفَعَيِينَا بِالْخَلْقِ الْأَوَّلِ بَلْ هُمْ فِي لَبْسٍ مِنْ خَلْقٍ جَدِيدٍ
Ngakube sehluleka yini endaweni yokuqala? Kepha bona basekudidekeni ngendawo entsha.
16. وَلَقَدْ خَلَقْنَا الْإِنْسَانَ وَنَعْلَمُ مَا تُوَسْوِسُ بِهِ نَفْسُهُ وَنَحْنُ أَقْرَبُ إِلَيْهِ مِنْ حَبْلِ الْوَرِيدِ
Futhi ngempela samudala umuntu futhi sakwazi lokho ubuyena obuhleba ngakho kuyena futhi thina sisondele kakhulu kuyena kunomthambo (wakhe) omkhulu osentanyeni.
17. إِذْ يَتَلَقَّى الْمُتَلَقِّيَانِ عَنِ الْيَمِينِ وَعَنِ الشِّمَالِ قَعِيدٌ
Ngenkathi abemukeli ababili (izingelosi) bemukela behleli omunye ngakwesokudla omunye ngakwesobunxele.
18. مَا يَلْفِظُ مِنْ قَوْلٍ إِلَّا لَدَيْهِ رَقِيبٌ عَتِيدٌ
Akaliphimisi igama ngaphandle kokuthi eduzane naye kunomalusi (umqaphi) olindile.
19. وَجَاءَتْ سَكْرَةُ الْمَوْتِ بِالْحَقِّ ذَلِكَ مَا كُنْتَ مِنْهُ تَحِيدُ
Futhi ukudalwa kokufa kuyofika ngeqiniso, lokho kuyilokho wena owawuzama ukukugwema.
20. وَنُفِخَ فِي الصُّورِ ذَلِكَ يَوْمُ الْوَعِيدِ
Futhi icilongo liyofuthwa, lolo wusuku lwensongo.