سورة الحاقة - Sûrah 69: Al-Hâ‘k‘kah - Iqiniso elingenakuphikiswa

1. الْحَاقَّةُ


Iqiniso elingenakuphikiswa.

2. مَا الْحَاقَّةُ


Yini iqiniso elingenakuphikiswa na?

3. وَمَا أَدْرَاكَ مَا الْحَاقَّةُ


Futhiyiniekwenzawaziukuthiyiniiqinisoelingenakuphikiswa?

4. كَذَّبَتْ ثَمُودُ وَعَادٌ بِالْقَارِعَةِ


(Abantu) baThamud naba-A’d basiphika isehlakalo.

5. فَأَمَّا ثَمُودُ فَأُهْلِكُوا بِالطَّاغِيَةِ


Mayelana (nabantu) baThamud babhujiswa ngomsindo owesabekayo.

6. وَأَمَّا عَادٌ فَأُهْلِكُوا بِرِيحٍ صَرْصَرٍ عَاتِيَةٍ


Futhi mayelana (nabantu) ba-A’d babhujiswa ngomoya obandayo, ovunguzayo.

7. سَخَّرَهَا عَلَيْهِمْ سَبْعَ لَيَالٍ وَثَمَانِيَةَ أَيَّامٍ حُسُومًا فَتَرَى الْقَوْمَ فِيهَا صَرْعَى كَأَنَّهُمْ أَعْجَازُ نَخْلٍ خَاوِيَةٍ


Wawenza kubona waba ubusuku obuyisikhombisa nezinsuku eziyisishiyagalombili ezilandelanayo manjalo ubone abantu beholokohleka phansi okusengathi bona bayiziqu zemithi yesundu.

8. فَهَلْ تَرَى لَهُمْ مِنْ بَاقِيَةٍ


Ngakube uyayibona yini insalela yabo na?

9. وَجَاءَ فِرْعَوْنُ وَمَنْ قَبْلَهُ وَالْمُؤْتَفِكَاتُ بِالْخَاطِئَةِ


Futhi kwafika uFaro kanye nalabo ababengaphambilini kwakhe kanye namadolobha achithiweyo (agumbukuqiwe) ngokona.

10. فَعَصَوْا رَسُولَ رَبِّهِمْ فَأَخَذَهُمْ أَخْذَةً رَابِيَةً


Futhi abazange basihloniphe isithunywa seNkosi yabo ngakho-ke yababamba ngokubamba okukhulu okubuhlungu.

11. إِنَّا لَمَّا طَغَى الْمَاءُ حَمَلْنَاكُمْ فِي الْجَارِيَةِ


Ngempela, ngenkathi amanzi ephophoza ephakama sanithwala emkhunjini.

12. لِنَجْعَلَهَا لَكُمْ تَذْكِرَةً وَتَعِيَهَا أُذُنٌ وَاعِيَةٌ


Ukuze sinenzele wona (umkhumbi kaNowa) ubeyisikhumbuzo futhi (lokho) kuzwiwe yindlebe ezwayo.

13. فَإِذَا نُفِخَ فِي الصُّورِ نَفْخَةٌ وَاحِدَةٌ


Manjalo uma sekushawa icilongo ukushawa (ukufuthwa) okukodwa.

14. وَحُمِلَتِ الْأَرْضُ وَالْجِبَالُ فَدُكَّتَا دَكَّةً وَاحِدَةً


Futhi kuyothwala umhlaba nezintaba bese kubhidlizwa ngokubhidlizwa okukodwa.

15. فَيَوْمَئِذٍ وَقَعَتِ الْوَاقِعَةُ


Ngalolosuku siyokwenzeka isigameko.

16. وَانْشَقَّتِ السَّمَاءُ فَهِيَ يَوْمَئِذٍ وَاهِيَةٌ


Futhi isibhakabhaka siyodabuka phakathi ngakho-ke sona ngalolosuku siyobantengentenge.

17. وَالْمَلَكُ عَلَى أَرْجَائِهَا وَيَحْمِلُ عَرْشَ رَبِّكَ فَوْقَهُمْ يَوْمَئِذٍ ثَمَانِيَةٌ


Futhi izingelosi ziyokuba semaceleni azo, futhi izingelosi eziyisishiyagalombili ngalolosuku ziyothwala isihlalo sobukhosi seNkosi yakho ngaphezulu kwazo.

18. يَوْمَئِذٍ تُعْرَضُونَ لَا تَخْفَى مِنْكُمْ خَافِيَةٌ


Ngalolosuku niyolethwa, ayikho imfihlo yenu eyofihlwa.

19. فَأَمَّا مَنْ أُوتِيَ كِتَابَهُ بِيَمِينِهِ فَيَقُولُ هَاؤُمُ اقْرَءُوا كِتَابِيَهْ


Manjalo lowo onikezwe incwadi yakhe esandleni sakhe sokudla bese ethi yifundeni incwadi yami.

20. إِنِّي ظَنَنْتُ أَنِّي مُلَاقٍ حِسَابِيَهْ


Ngempela mina bengazi ukuthi ngiyohlangana nokubalelwa kwami.