سورة المعارج - Sûrah 70: Al-Ma’ârij - Izindlela ezenyukayo

1. سَأَلَ سَائِلٌ بِعَذَابٍ وَاقِعٍ


Wabuza umbuzi mayelana nesijeziso esizokwenzeka.

2. لِلْكَافِرِينَ لَيْسَ لَهُ دَافِعٌ


Kwabangakholwa – akekho umvimbi waso.

3. مِنَ اللَّهِ ذِي الْمَعَارِجِ


Sivela kuMvelinqangi umnikazi wezindlela ezenyukayo.

4. تَعْرُجُ الْمَلَائِكَةُ وَالرُّوحُ إِلَيْهِ فِي يَوْمٍ كَانَ مِقْدَارُهُ خَمْسِينَ أَلْفَ سَنَةٍ


Zenyukela kuyena izingelosi kanye nomoya ngosuku isilinganiso salo esiyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu zeminyaka.

5. فَاصْبِرْ صَبْرًا جَمِيلًا


Ngakho-ke bekezela ukubekezela kuhle.

6. إِنَّهُمْ يَرَوْنَهُ بَعِيدًا


Ngempela bona bakubona kukude.

7. وَنَرَاهُ قَرِيبًا


Kepha sikubona (lokho) kuseduzane.

8. يَوْمَ تَكُونُ السَّمَاءُ كَالْمُهْلِ


Ngosuku lapho isibhakabhaka siyoba njengethusi elincibilikayo (noma njengensalela yamafutha).

9. وَتَكُونُ الْجِبَالُ كَالْعِهْنِ


Futhi izintaba ziyoba njengovolo (angeke zehlukaniseke).

10. وَلَا يَسْأَلُ حَمِيمٌ حَمِيمًا


Futhi akekho umngane oyobuza (omunye) umngane.

11. يُبَصَّرُونَهُمْ يَوَدُّ الْمُجْرِمُ لَوْ يَفْتَدِي مِنْ عَذَابِ يَوْمِئِذٍ بِبَنِيهِ


Bayokwenziwa ukuthi babonane, isigebengu (onecala) uyofisa ukuthi azihlenge esijezisweni salolosuku ngezingane zakhe.

12. وَصَاحِبَتِهِ وَأَخِيهِ


Kanye nonkosikazi wakhe nomfowabo.

13. وَفَصِيلَتِهِ الَّتِي تُؤْوِيهِ


Kanye nesihlobo esiseduze okuyisona esamvikela.

14. وَمَنْ فِي الْأَرْضِ جَمِيعًا ثُمَّ يُنْجِيهِ


Kanye nabobonke abasemhlabeni bese kuyamsindisa.

15. كَلَّا إِنَّهَا لَظَى


Lutho! Ngempela kona kungumlilo wesihogo.

16. نَزَّاعَةً لِلشَّوَى


(Umlilo wesihogo) ususa isikhumba (kuze kungasali lutho).

17. تَدْعُو مَنْ أَدْبَرَ وَتَوَلَّى


Umeme (bonke) labo ababefulathelisa imihlane (yabo) futhi bafulathela (endleleni eqondile).

18. وَجَمَعَ فَأَوْعَى


Futhi aqoqe (ingcebo) bese eyayigodla.

19. إِنَّ الْإِنْسَانَ خُلِقَ هَلُوعًا


Ngempela umuntu wadalwa wangabi nokubekezela.

20. إِذَا مَسَّهُ الشَّرُّ جَزُوعًا


Uma ethintwa okubi akabekezeli.