سورة المرسلات - Sûrah 77: Al-Mursalât - lezo zinto ezithunyelwe ngaphambili

1. وَالْمُرْسَلَاتِ عُرْفًا


Ngifunga ngokuthunyelwe ngokudedelana.

2. فَالْعَاصِفَاتِ عَصْفًا


Ngifunga nangemimoya evunguza ngodlame.

3. وَالنَّاشِرَاتِ نَشْرًا


Ngifunga kanye nemimoya esakazayo.

4. فَالْفَارِقَاتِ فَرْقًا


Ngifunga nangomoya osakazayo.

5. فَالْمُلْقِيَاتِ ذِكْرًا


Ngifunga nangemimoya ekhumbuzayo.

6. عُذْرًا أَوْ نُذْرًا


Izaba noma ukuxwayisa.

7. إِنَّمَا تُوعَدُونَ لَوَاقِعٌ


Ngempela lokho enethenjiswa kona kuzokwenzeka.

8. فَإِذَا النُّجُومُ طُمِسَتْ


Khumbula lapho izinkanyezi zifiphaliswa (ukukhanya kwazo).

9. وَإِذَا السَّمَاءُ فُرِجَتْ


Futhi khumbula ngenkathi izulu lidatshulwa phakathi.

10. وَإِذَا الْجِبَالُ نُسِفَتْ


Futhi khumbula ngenkathi izintaba zisuswa.

11. وَإِذَا الرُّسُلُ أُقِّتَتْ


Khumbula nangenkathi izithunywa ziqoqwa ngesikhathi (esibekiwe).

12. لِأَيِّ يَوْمٍ أُجِّلَتْ


Kuhlehliselwe luphi usuku.

13. لِيَوْمِ الْفَصْلِ


Usuku lokwahlulela.

14. وَمَا أَدْرَاكَ مَا يَوْمُ الْفَصْلِ


Futhi yini ekwenza ukuthi wazi ukuthi luyini usuku lokwahlulela?

15. وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِلْمُكَذِّبِينَ


Usizi ngalolosuku kwabaphika (iqiniso).

16. أَلَمْ نُهْلِكِ الْأَوَّلِينَ


Asizange yini sibabhubhise abasendulo?

17. ثُمَّ نُتْبِعُهُمُ الْآخِرِينَ


Bese sibalandelanise ngabokugcina.

18. كَذَلِكَ نَفْعَلُ بِالْمُجْرِمِينَ


Senza kanjalo ngezigebengu (labo abanecala).

19. وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِلْمُكَذِّبِينَ


Usizi ngalolosuku kwabaphikayo.

20. أَلَمْ نَخْلُقْكُمْ مِنْ مَاءٍ مَهِينٍ


Asizange yini sinidale ngamanzi anyanyekayo?