سورة النازعات - Sûrah 79: An-Nâzi‘ât - lokho okukhiphayo
1. وَالنَّازِعَاتِ غَرْقًا
Ngifunga ngokukhiphayo okucwilisayo.
2. وَالنَّاشِطَاتِ نَشْطًا
Ngifunga ngokukhipha ngobumnene.
3. وَالسَّابِحَاتِ سَبْحًا
Ngifunga ngokubhukudayo, ngokubhukuda ngokushesha.
4. فَالسَّابِقَاتِ سَبْقًا
Ngifunga ngokuncintisanayo ngokushesha.
5. فَالْمُدَبِّرَاتِ أَمْرًا
Ngokwenza icebo odabeni.
6. يَوْمَ تَرْجُفُ الرَّاجِفَةُ
Usuku okuyokhala ngalo (icilongo) kunyakaze umhlaba.
7. تَتْبَعُهَا الرَّادِفَةُ
Kuyolandelwa okukhala kwecilongo kwesibili.
8. قُلُوبٌ يَوْمَئِذٍ وَاجِفَةٌ
Izinhliziyo ngalolosuku ziyoqhaqhazela.
9. أَبْصَارُهَا خَاشِعَةٌ
Ukubuka kwabo kuyojabhiswa.
10. يَقُولُونَ أَإِنَّا لَمَرْدُودُونَ فِي الْحَافِرَةِ
Bathi, “ngakube ngempela siyobuyiselwa yini esimweni sokuqala (sempilo) na?”
11. أَإِذَا كُنَّا عِظَامًا نَخِرَةً
Ngisho noma ngabe sesingamathambo abolile?
12. قَالُوا تِلْكَ إِذًا كَرَّةٌ خَاسِرَةٌ
Bathi, “lokho kuyokuba ukuphindela (empilweni) enokulahlekelwa.
13. فَإِنَّمَا هِيَ زَجْرَةٌ وَاحِدَةٌ
Kuphela kuyokuba ukukhala okukodwa.
14. فَإِذَا هُمْ بِالسَّاهِرَةِ
Kulapho bona besemhlabeni.
15. هَلْ أَتَاكَ حَدِيثُ مُوسَى
Ngakube yafika yini kuwena indaba kaMose?
16. إِذْ نَادَاهُ رَبُّهُ بِالْوَادِ الْمُقَدَّسِ طُوًى
Ngenkathi ebizwa yiNkosi yakhe esigodini esingcwele iTuwa
17. اذْهَبْ إِلَى فِرْعَوْنَ إِنَّهُ طَغَى
(Ithi) hamba uye kuFaro ngempela yena wephule umthetho.
18. فَقُلْ هَلْ لَكَ إِلَى أَنْ تَزَكَّى
Bese uthi (kuyena) “ngakube uyafuna yini ukuzihlanza?
19. وَأَهْدِيَكَ إِلَى رَبِّكَ فَتَخْشَى
Futhi ngikuholele eNkosini yakho ukuze uyesabe.
20. فَأَرَاهُ الْآيَةَ الْكُبْرَى
Ngakho-ke wamkhombisa uphawu olukhulu.