سورة الحجر - Sûrah 15: Al-Hijr - Idwala

1. الر تِلْكَ آيَاتُ الْكِتَابِ وَقُرْآنٍ مُبِينٍ


Alif Lam Ra lawa ngamavesi encwadi neQur’an ecacile.

2. رُبَمَا يَوَدُّ الَّذِينَ كَفَرُوا لَوْ كَانُوا مُسْلِمِينَ


Mhlawumbe labo abangakholwanga bayofisa sengathi babezinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi.

3. ذَرْهُمْ يَأْكُلُوا وَيَتَمَتَّعُوا وَيُلْهِهِمُ الْأَمَلُ فَسَوْفَ يَعْلَمُونَ


Bayeke bazidlele, bazijabulise futhi babanjezelwe ithemba (elingeyilutho) ngakho-ke bazokwazi.

4. وَمَا أَهْلَكْنَا مِنْ قَرْيَةٍ إِلَّا وَلَهَا كِتَابٌ مَعْلُومٌ


Futhi asizange silibhubhise idolobha ngaphandle kokuba kwakuyisimemezelo salo esaziwayo.

5. مَا تَسْبِقُ مِنْ أُمَّةٍ أَجَلَهَا وَمَا يَسْتَأْخِرُونَ


Asikho isizwe esingajahisa phambili isikhathi saso noma sisilibazise.

6. وَقَالُوا يَا أَيُّهَا الَّذِي نُزِّلَ عَلَيْهِ الذِّكْرُ إِنَّكَ لَمَجْنُونٌ


Futhi bathi, “Oh wena! Okwembulwe kuye isikhumbuzo (iQur’an) ngempela wena uyahlanya”.

7. لَوْ مَا تَأْتِينَا بِالْمَلَائِكَةِ إِنْ كُنْتَ مِنَ الصَّادِقِينَ


Kungani ungezi kuthina nezingelosi uma kungukuthi ungomunye wabaneqiniso na?

8. مَا نُنَزِّلُ الْمَلَائِكَةَ إِلَّا بِالْحَقِّ وَمَا كَانُوا إِذًا مُنْظَرِينَ


Asizithumeli izingelosi phansi ngaphandle uma (ziza) nesijeziso futhi (abangakholwayo) angeke banikwe ithuba.

9. إِنَّا نَحْنُ نَزَّلْنَا الذِّكْرَ وَإِنَّا لَهُ لَحَافِظُونَ


Ngempela thina sasembula isikhumbuzo (iQur’an) futhi ngempela thina singabalondolozi baso.

10. وَلَقَدْ أَرْسَلْنَا مِنْ قَبْلِكَ فِي شِيَعِ الْأَوَّلِينَ


Futhi ngempela sathumela (izithunywa) ngaphambilini kwakho (Oh Muhammad!) phakathi kwabantu basendulo.

11. وَمَا يَأْتِيهِمْ مِنْ رَسُولٍ إِلَّا كَانُوا بِهِ يَسْتَهْزِئُونَ


Futhi sasingafiki kubona isithunywa ngaphandle kokuba basenze inhlekisa

12. كَذَلِكَ نَسْلُكُهُ فِي قُلُوبِ الْمُجْرِمِينَ


Sikwenze kanjalo ukuba kungene ezinhliziyweni zezoni.

13. لَا يُؤْمِنُونَ بِهِ وَقَدْ خَلَتْ سُنَّةُ الْأَوَّلِينَ


Abakholelwa kuyona (iQur’an) futhi ngempela sesadlula isibonelo salabo basendulo.

14. وَلَوْ فَتَحْنَا عَلَيْهِمْ بَابًا مِنَ السَّمَاءِ فَظَلُّوا فِيهِ يَعْرُجُونَ


Futhi noma ngabe sabavulela umnyango wezulu babezoqhubeka bakhuphuke lapho.

15. لَقَالُوا إِنَّمَا سُكِّرَتْ أَبْصَارُنَا بَلْ نَحْنُ قَوْمٌ مَسْحُورُونَ


Babezothi, “kuphela amehlo ethu abexhoshiwe kepha thina singabantu abalunjiwe.”

16. وَلَقَدْ جَعَلْنَا فِي السَّمَاءِ بُرُوجًا وَزَيَّنَّاهَا لِلنَّاظِرِينَ


Futhi ngempela sabeka izinkanyezi ezinkulu ezulwini futhi sazenza zabukeka zizinhle kwabazibonayo.

17. وَحَفِظْنَاهَا مِنْ كُلِّ شَيْطَانٍ رَجِيمٍ


Futhi saliqaphela kubona bonke osathane abagxoshiwe (embusweni kaMvelinqangi).

18. إِلَّا مَنِ اسْتَرَقَ السَّمْعَ فَأَتْبَعَهُ شِهَابٌ مُبِينٌ


Ngaphandle kwalowo (sathane) ontshontsha ukulalela ngakho-ke ulandelwa ilangabi eligqamile.

19. وَالْأَرْضَ مَدَدْنَاهَا وَأَلْقَيْنَا فِيهَا رَوَاسِيَ وَأَنْبَتْنَا فِيهَا مِنْ كُلِّ شَيْءٍ مَوْزُونٍ


Nomhlaba sawendlala senza kuwona izintaba ezisimeme futhi senza ukuthi kumile kuwona zonke izinto ngendlela efanele.

20. وَجَعَلْنَا لَكُمْ فِيهَا مَعَايِشَ وَمَنْ لَسْتُمْ لَهُ بِرَازِقِينَ


Futhi sanenzela kuwona izindlela zokuphila kanye nalezo (zidalwa) eningazondli (izinkomo nokunye).