سورة مريم - Sûrah 19: Maryam - uMariya

1. كهيعص


Kaf Ha Ya ‘Ain Saad

2. ذِكْرُ رَحْمَتِ رَبِّكَ عَبْدَهُ زَكَرِيَّا


Isikhumbuzo somusa weNkosi yakho encekwini yayo uZakariya.

3. إِذْ نَادَى رَبَّهُ نِدَاءً خَفِيًّا


Khumbula ngenkathi ememeza iNkosi yakhe, ukumemeza kwasesithe.

4. قَالَ رَبِّ إِنِّي وَهَنَ الْعَظْمُ مِنِّي وَاشْتَعَلَ الرَّأْسُ شَيْبًا وَلَمْ أَكُنْ بِدُعَائِكَ رَبِّ شَقِيًّا


Wathi (uZakariya), “Nkosi yami ngempela amathambo ami abuthakathaka nekhanda lami elingwevu lishintshile (ngenxa yobudala) futhi angikaze ngingajabuli (ngingabusiseki) emthandazweni wami kuwena Nkosi yami.”

5. وَإِنِّي خِفْتُ الْمَوَالِيَ مِنْ وَرَائِي وَكَانَتِ امْرَأَتِي عَاقِرًا فَهَبْ لِي مِنْ لَدُنْكَ وَلِيًّا


Futhi ngempela mina ngesaba izihlobo zami eziza ngemumva kwami futhi nonkosikazi wami uyinyumba ngakho-ke ngiphe indlalifa evela kuwena.

6. يَرِثُنِي وَيَرِثُ مِنْ آلِ يَعْقُوبَ وَاجْعَلْهُ رَبِّ رَضِيًّا


Eyizokuba yindlalifa yami nendlalifa yomndeni (yezizukulwane) zikaJakobe futhi uyenze Nkosi yami ibe ngozoyithanda.

7. يَا زَكَرِيَّا إِنَّا نُبَشِّرُكَ بِغُلَامٍ اسْمُهُ يَحْيَى لَمْ نَجْعَلْ لَهُ مِنْ قَبْلُ سَمِيًّا


Yathi (iNkosi) “Oh Zakariya! Ngempela thina sikutshela izindaba ezimnandi ngomfana ogama lakhe okuzoba nguJohane, asikaze silinikeze muntu ngaphambilini leligama”.

8. قَالَ رَبِّ أَنَّى يَكُونُ لِي غُلَامٌ وَكَانَتِ امْرَأَتِي عَاقِرًا وَقَدْ بَلَغْتُ مِنَ الْكِبَرِ عِتِيًّا


Wathi (uZakariya) “Nkosi yami ngingaba kanjani nendodana kulapho unkosikazi wami eyinyumba futhi kulapho sengifinyelele ebangeni lokukhula elikhulu kangaka na?”

9. قَالَ كَذَلِكَ قَالَ رَبُّكَ هُوَ عَلَيَّ هَيِّنٌ وَقَدْ خَلَقْتُكَ مِنْ قَبْلُ وَلَمْ تَكُ شَيْئًا


Yathi (ingelosi) kuzoba njalo, INkosi yakho ithi, “kulula kumina futhi ngempela ngakudala ngaphambilini ngenkathi wawungeyilutho”.

10. قَالَ رَبِّ اجْعَلْ لِي آيَةً قَالَ آيَتُكَ أَلَّا تُكَلِّمَ النَّاسَ ثَلَاثَ لَيَالٍ سَوِيًّا


Wathi, “Nkosi yami ngiphe uphawu” yathi “uphawu lwakho ngukuthi ungakhulumi nabantu ubusuku obuthathu kulapho uphila kahle”.

11. فَخَرَجَ عَلَى قَوْمِهِ مِنَ الْمِحْرَابِ فَأَوْحَى إِلَيْهِمْ أَنْ سَبِّحُوا بُكْرَةً وَعَشِيًّا


Ngakho-ke waphuma waya kubantu bakhe ephuma endaweni yokwenza umthandazo ngakho-ke wabatshela ukuthi mabadumise (uMvelinqangi) ekuseni nakusihlwa.

12. يَا يَحْيَى خُذِ الْكِتَابَ بِقُوَّةٍ وَآتَيْنَاهُ الْحُكْمَ صَبِيًّا


Yathi (iNkosi) “Oh Johane! Ibambisise incwadi, futhi samupha ubuhlakani ngenkathi esayingane.”

13. وَحَنَانًا مِنْ لَدُنَّا وَزَكَاةً وَكَانَ تَقِيًّا


Nomusa ovela kuthina nokuhlanzwa futhi wayengoqotho.

14. وَبَرًّا بِوَالِدَيْهِ وَلَمْ يَكُنْ جَبَّارًا عَصِيًّا


Futhi wayebalalela abazali bakhe, futhi wayengesiyena oqhoshileyo, ongahloniphi.

15. وَسَلَامٌ عَلَيْهِ يَوْمَ وُلِدَ وَيَوْمَ يَمُوتُ وَيَوْمَ يُبْعَثُ حَيًّا


Ukuthula makube kuye ngosuku azalwa ngalo nangosuku afa ngalo nangosuku ayovuselwa ngalo ekuphileni.

16. وَاذْكُرْ فِي الْكِتَابِ مَرْيَمَ إِذِ انْتَبَذَتْ مِنْ أَهْلِهَا مَكَانًا شَرْقِيًّا


Futhi mkhumbule encwadini uMariya ngenkathi ehamba emndenini wakhe eya endaweni engasempumalanga.

17. فَاتَّخَذَتْ مِنْ دُونِهِمْ حِجَابًا فَأَرْسَلْنَا إِلَيْهَا رُوحَنَا فَتَمَثَّلَ لَهَا بَشَرًا سَوِيًّا


(UMariya) wayesezisitheza kubona ngakho-ke sathumela kuyena umoya wethu (Gabriyeli) wase uqhamuka kuyena uyisimo somuntu ophelele.

18. قَالَتْ إِنِّي أَعُوذُ بِالرَّحْمَنِ مِنْكَ إِنْ كُنْتَ تَقِيًّا


(UMariya) wathi, “ngempela mina ngifuna isiphephelo konomusa ukubalekela wena (suka kumina) uma umesaba uMvelinqangi”.

19. قَالَ إِنَّمَا أَنَا رَسُولُ رَبِّكِ لِأَهَبَ لَكِ غُلَامًا زَكِيًّا


(Ingelosi) yathi, “kuphela mina ngiyisithunywa seNkosi yakho ukuthi (ngimemezele) kwena (izindaba ezimnandi) ngesiphiwo sendodana emsulwa”.

20. قَالَتْ أَنَّى يَكُونُ لِي غُلَامٌ وَلَمْ يَمْسَسْنِي بَشَرٌ وَلَمْ أَكُ بَغِيًّا


(UMariya) wathi, “kungenzeka kanjani ukuthi ngibe nendodana kulapho engekho umuntu ongithintile futhi angikaze ngingabi msulwa na?”.