سورة النساء - Sûrah 4: An-Nisâ’
21. وَكَيْفَ تَأْخُذُونَهُ وَقَدْ أَفْضَى بَعْضُكُمْ إِلَى بَعْضٍ وَأَخَذْنَ مِنْكُمْ مِيثَاقًا غَلِيظًا
Kepha ningasithatha kanjani (isipho) abanye benu sebevele bengenile kwabanye futhi sebesithathile isivumelwano esiqinile kunina.
22. وَلَا تَنْكِحُوا مَا نَكَحَ آبَاؤُكُمْ مِنَ النِّسَاءِ إِلَّا مَا قَدْ سَلَفَ إِنَّهُ كَانَ فَاحِشَةً وَمَقْتًا وَسَاءَ سَبِيلًا
Futhi ningashadi nalabo besifazane asebake bashada nobaba benu ngaphandle kwalokho osekwenzeka ngempela kwakukubi futhi (uMvelinqangi) wakuzonda kuyindlela embi.
23. حُرِّمَتْ عَلَيْكُمْ أُمَّهَاتُكُمْ وَبَنَاتُكُمْ وَأَخَوَاتُكُمْ وَعَمَّاتُكُمْ وَخَالَاتُكُمْ وَبَنَاتُ الْأَخِ وَبَنَاتُ الْأُخْتِ وَأُمَّهَاتُكُمُ اللَّاتِي أَرْضَعْنَكُمْ وَأَخَوَاتُكُمْ مِنَ الرَّضَاعَةِ وَأُمَّهَاتُ نِسَائِكُمْ وَرَبَائِبُكُمُ اللَّاتِي فِي حُجُورِكُمْ مِنْ نِسَائِكُمُ اللَّاتِي دَخَلْتُمْ بِهِنَّ فَإِنْ لَمْ تَكُونُوا دَخَلْتُمْ بِهِنَّ فَلَا جُنَاحَ عَلَيْكُمْ وَحَلَائِلُ أَبْنَائِكُمُ الَّذِينَ مِنْ أَصْلَابِكُمْ وَأَنْ تَجْمَعُوا بَيْنَ الْأُخْتَيْنِ إِلَّا مَا قَدْ سَلَفَ إِنَّ اللَّهَ كَانَ غَفُورًا رَحِيمًا
Ninqatshelwe ukuthi (nishade) nomama benu, namadodakazi enu, nabodadewenu, nodadewabo kababa wakho, nodadewabo kamama wakho, namadodakazi kamfowenu, namadodakazi kadadewenu, nomama benu okuyibona abanincelisa, nobodadewenu okuyibona abanceliswe omama benu (bengazalwa yibona) nabakhwekazi benu, namadodakazi angaphansi kwesandla senu (agadwe yinina) azalwa amakhosikazi enu eniwangenile, kepha uma ningazange niwangene (amakhosikazi) ngakho-ke akuyisona isono kunina, amakhosikazi amadodana ekungawokhalo lwenu, futhi nithatha odade ababili (ukuze nishade nabo) kanyekanye ngaphandle kwalokho osekwadlula ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu.
24. وَالْمُحْصَنَاتُ مِنَ النِّسَاءِ إِلَّا مَا مَلَكَتْ أَيْمَانُكُمْ كِتَابَ اللَّهِ عَلَيْكُمْ وَأُحِلَّ لَكُمْ مَا وَرَاءَ ذَلِكُمْ أَنْ تَبْتَغُوا بِأَمْوَالِكُمْ مُحْصِنِينَ غَيْرَ مُسَافِحِينَ فَمَا اسْتَمْتَعْتُمْ بِهِ مِنْهُنَّ فَآتُوهُنَّ أُجُورَهُنَّ فَرِيضَةً وَلَا جُنَاحَ عَلَيْكُمْ فِيمَا تَرَاضَيْتُمْ بِهِ مِنْ بَعْدِ الْفَرِيضَةِ إِنَّ اللَّهَ كَانَ عَلِيمًا حَكِيمًا
Futhi (nenqatshelwe bonke) abesifazane abashadile ngaphandle kwalabo abasezandleni zenu zangakwesokudla (lona ngumthetho) olotshwe nguMvelinqangi kunina futhi (bonke) bavumelekile kunina ngaphandle kwalabo, inqobo nje uma nifuna (ukushada nabo nibanikeni isabelo) engcebweni yenu nibe msulwa ningenzi ukulalana okungekho emthethweni futhi noma ngabe yini enijabulisayo kubona ngakho-ke banikeni inkokhelo yabo (okuyisipho sabo lona) ngumthetho oyisibopho futhi akusilona icala kunina kulokho enivumelana ngakho emva komthetho oyisibopho ngempela uMvelinqangi wazi konke unobuhlakani.
25. وَمَنْ لَمْ يَسْتَطِعْ مِنْكُمْ طَوْلًا أَنْ يَنْكِحَ الْمُحْصَنَاتِ الْمُؤْمِنَاتِ فَمِنْ مَا مَلَكَتْ أَيْمَانُكُمْ مِنْ فَتَيَاتِكُمُ الْمُؤْمِنَاتِ وَاللَّهُ أَعْلَمُ بِإِيمَانِكُمْ بَعْضُكُمْ مِنْ بَعْضٍ فَانْكِحُوهُنَّ بِإِذْنِ أَهْلِهِنَّ وَآتُوهُنَّ أُجُورَهُنَّ بِالْمَعْرُوفِ مُحْصَنَاتٍ غَيْرَ مُسَافِحَاتٍ وَلَا مُتَّخِذَاتِ أَخْدَانٍ فَإِذَا أُحْصِنَّ فَإِنْ أَتَيْنَ بِفَاحِشَةٍ فَعَلَيْهِنَّ نِصْفُ مَا عَلَى الْمُحْصَنَاتِ مِنَ الْعَذَابِ ذَلِكَ لِمَنْ خَشِيَ الْعَنَتَ مِنْكُمْ وَأَنْ تَصْبِرُوا خَيْرٌ لَكُمْ وَاللَّهُ غَفُورٌ رَحِيمٌ
Futhi noma ngabe ubani phakathi kwenu ongakwazi ukushada nabesifazane abakhululekile abakholwayo ngakho- ke (angashada) nalabo abasezandleni zenu zangakwesokudla (abesifazane abayizigqila) abakholwayo futhi uMvelinqangi ungowazi kangcono ngokholo lwenu, (abakholwayo) bangabanye babanye ngakho-ke shadani nabo ngemvume yabanini babo (labo ababagadile) futhi nibanike okuyisabelo sabo (isipho somshado) ngendlela eyamukelekile, (labo abesifazane abayizigqila kufanele) babemsulwa, bangabi yilabo abahlangana (nabesilisa) ngokungesiwona umthetho, noma bangabi abesifazane abanabangani besilisa, kepha uma sebesemshadweni uma bephinga ngakho-ke okwabo yingxenye yesijeziso sabesifazane (abangashadile) abakhululekile, lokhu okwalowo kunina owesaba ubungozi kodwa kungcono kakhulu kunina ukuba nibekezele futhi uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu.
26. يُرِيدُ اللَّهُ لِيُبَيِّنَ لَكُمْ وَيَهْدِيَكُمْ سُنَنَ الَّذِينَ مِنْ قَبْلِكُمْ وَيَتُوبَ عَلَيْكُمْ وَاللَّهُ عَلِيمٌ حَكِيمٌ
UMvelinqangi uthanda ukunenzela kugqame (phakathi kokuhle nokubi) futhi aniholele endleleni yalabo ababengaphambilini kwenu futhi amukele ukuzisola kwenu uMvelinqangi uyazi unobuhlakani.
27. وَاللَّهُ يُرِيدُ أَنْ يَتُوبَ عَلَيْكُمْ وَيُرِيدُ الَّذِينَ يَتَّبِعُونَ الشَّهَوَاتِ أَنْ تَمِيلُوا مَيْلًا عَظِيمًا
UMvelinqangi uthanda ukuba amukele ukuzisola kwenu kepha labo abalandela izinkanuko (zabo) bathanda ukuniphambukisa ukuphambuka okukhulu.
28. يُرِيدُ اللَّهُ أَنْ يُخَفِّفَ عَنْكُمْ وَخُلِقَ الْإِنْسَانُ ضَعِيفًا
UMvelinqangi uthanda ukunenzela lula (ubunzima) enikubona futhi umuntu wadalwa waba buthakathaka.
29. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لَا تَأْكُلُوا أَمْوَالَكُمْ بَيْنَكُمْ بِالْبَاطِلِ إِلَّا أَنْ تَكُونَ تِجَارَةً عَنْ تَرَاضٍ مِنْكُمْ وَلَا تَقْتُلُوا أَنْفُسَكُمْ إِنَّ اللَّهَ كَانَ بِكُمْ رَحِيمًا
Oh nina enakholwayo! Ningaboyidla ingcebo yenu phakathi kwenu ngezindlela ezingenabo ubulungiswa ngaphandle uma kungukuhweba kube kuyisivumelwano phakathi kwenu, futhi ningazibulali ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi unesihawu kunina.
30. وَمَنْ يَفْعَلْ ذَلِكَ عُدْوَانًا وَظُلْمًا فَسَوْفَ نُصْلِيهِ نَارًا وَكَانَ ذَلِكَ عَلَى اللَّهِ يَسِيرًا
Futhi noma ngabe ngubani owenza lokho wenza ubutha nokungesikhona ubulungiswa, siyomphonsa emlilweni futhi lokho kuyinto elula kakhulu kuMvelinqangi.
31. إِنْ تَجْتَنِبُوا كَبَائِرَ مَا تُنْهَوْنَ عَنْهُ نُكَفِّرْ عَنْكُمْ سَيِّئَاتِكُمْ وَنُدْخِلْكُمْ مُدْخَلًا كَرِيمًا
Uma niqhelelana nokwenza izono ezinkulu lezo enenqatshelwe ukuzenza siyocima izono zenu futhi siningenise esangweni elihloniphekile (ezulwini).
32. وَلَا تَتَمَنَّوْا مَا فَضَّلَ اللَّهُ بِهِ بَعْضَكُمْ عَلَى بَعْضٍ لِلرِّجَالِ نَصِيبٌ مِمَّا اكْتَسَبُوا وَلِلنِّسَاءِ نَصِيبٌ مِمَّا اكْتَسَبْنَ وَاسْأَلُوا اللَّهَ مِنْ فَضْلِهِ إِنَّ اللَّهَ كَانَ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمًا
Futhi ningakufisi lokho uMvelinqangi enze ngako ukuthi abanye benu bedlule abanye, emadodeni kunesabelo kulokho akuzuzile futhi nakwabesifazane kunesabelo kulokho abakuzuzile futhi celani ububele bukaMvelinqangi ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyazi ngazozonke izinto.
33. وَلِكُلٍّ جَعَلْنَا مَوَالِيَ مِمَّا تَرَكَ الْوَالِدَانِ وَالْأَقْرَبُونَ وَالَّذِينَ عَقَدَتْ أَيْمَانُكُمْ فَآتُوهُمْ نَصِيبَهُمْ إِنَّ اللَّهَ كَانَ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ شَهِيدًا
Kubona bonke abantu sibeke izindlalifa kulokho okushiywe abazali nezihlobo futhi nakulabo enabathembisa abangasezandleni zenu zangakwezokudla banikezeni ingxenye yabo ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi ungufakazi kuzona zonke izinto.
34. الرِّجَالُ قَوَّامُونَ عَلَى النِّسَاءِ بِمَا فَضَّلَ اللَّهُ بَعْضَهُمْ عَلَى بَعْضٍ وَبِمَا أَنْفَقُوا مِنْ أَمْوَالِهِمْ فَالصَّالِحَاتُ قَانِتَاتٌ حَافِظَاتٌ لِلْغَيْبِ بِمَا حَفِظَ اللَّهُ وَاللَّاتِي تَخَافُونَ نُشُوزَهُنَّ فَعِظُوهُنَّ وَاهْجُرُوهُنَّ فِي الْمَضَاجِعِ وَاضْرِبُوهُنَّ فَإِنْ أَطَعْنَكُمْ فَلَا تَبْغُوا عَلَيْهِنَّ سَبِيلًا إِنَّ اللَّهَ كَانَ عَلِيًّا كَبِيرًا
Amadoda yiwona alondoloza abesifazane ngenxa yokuthi uMvelinqangi wenze abanye babo ukuthi bedlule abanye (ngezinga) futhi nangenxa yalokho abakuchithayo engcebweni yabo, ngakho-ke abesifazane abalungile yilabo abazinikele ekuhlonipheni nokugada ukungabibikho (kwabayeni babo) njengoba uMvelinqangi ebalondolozile, futhi lawo (makhosikazi) enisaba ukungahloniphi kwawo welulekeni (kepha uma eqhubeka) niwashiye embhedeni, niwashaye kepha uma enihlonipha ningazami izindlela zokuphikisana nawo ngempela uMvelinqangi uphakeme mkhulu.
35. وَإِنْ خِفْتُمْ شِقَاقَ بَيْنِهِمَا فَابْعَثُوا حَكَمًا مِنْ أَهْلِهِ وَحَكَمًا مِنْ أَهْلِهَا إِنْ يُرِيدَا إِصْلَاحًا يُوَفِّقِ اللَّهُ بَيْنَهُمَا إِنَّ اللَّهَ كَانَ عَلِيمًا خَبِيرًا
Futhi uma nesaba uqhekeko phakathi kwabo bobabili ngakho- ke thumelani umahlukanisi ophuma phakathi kwabantu bakhe (owesilisa) nomahlukanisi ophuma phakathi kwabantu bakhe, uma bobabili befuna ukubuyisana uMvelinqangi ozokwenza (kube impumelelo) phakathi kwabo bobabili ngempela uMvelinqangi uyisazi unobuhlakani.
36. وَاعْبُدُوا اللَّهَ وَلَا تُشْرِكُوا بِهِ شَيْئًا وَبِالْوَالِدَيْنِ إِحْسَانًا وَبِذِي الْقُرْبَى وَالْيَتَامَى وَالْمَسَاكِينِ وَالْجَارِ ذِي الْقُرْبَى وَالْجَارِ الْجُنُبِ وَالصَّاحِبِ بِالْجَنْبِ وَابْنِ السَّبِيلِ وَمَا مَلَكَتْ أَيْمَانُكُمْ إِنَّ اللَّهَ لَا يُحِبُّ مَنْ كَانَ مُخْتَالًا فَخُورًا
Futhi khonzani uMvelinqangi ningamenzele nakancane abahlanganyeli ekumkhonzeni futhi nenze okuhle kubazali, nasezihlotsheni, nasezintandaneni, nakubaswele, nakumakhelwane oseduzane nomakhelwano okude, nakulowo okanye naye oseceleni kwakho, nasesihambini, nakulabo abasezandleni zenu zangakwezokudla ngempela uMvelinqangi akabathandi abaqhoshayo nabazigabisayo.
37. الَّذِينَ يَبْخَلُونَ وَيَأْمُرُونَ النَّاسَ بِالْبُخْلِ وَيَكْتُمُونَ مَا آتَاهُمُ اللَّهُ مِنْ فَضْلِهِ وَأَعْتَدْنَا لِلْكَافِرِينَ عَذَابًا مُهِينًا
Labo abancishanayo futhi bakhuthaze abantu ngokuncishana bese befihla lokho uMvelinqangi abapha kona ngomusa wakhe, futhi silungiselele abangakholwa isijeziso esiyihlazo.
38. وَالَّذِينَ يُنْفِقُونَ أَمْوَالَهُمْ رِئَاءَ النَّاسِ وَلَا يُؤْمِنُونَ بِاللَّهِ وَلَا بِالْيَوْمِ الْآخِرِ وَمَنْ يَكُنِ الشَّيْطَانُ لَهُ قَرِينًا فَسَاءَ قَرِينًا
Futhi labo abachitha ingcebo yabo ukuze babukwe ngabantu bese bengakholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina futhi noma ngabe ngubani othatha usathane njengomngane wakhe ngakho-ke ububi nguyena njengomngane (kasathane).
39. وَمَاذَا عَلَيْهِمْ لَوْ آمَنُوا بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ وَأَنْفَقُوا مِمَّا رَزَقَهُمُ اللَّهُ وَكَانَ اللَّهُ بِهِمْ عَلِيمًا
Futhi yibuphi (ubungozi) okungaba phezulu kwabo ukube babekholwe kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina nokuthi bachithe kulokho uMvelinqangi abaphe kona futhi noma nini uMvelinqangi uyisazi ngabo.
40. إِنَّ اللَّهَ لَا يَظْلِمُ مِثْقَالَ ذَرَّةٍ وَإِنْ تَكُ حَسَنَةً يُضَاعِفْهَا وَيُؤْتِ مِنْ لَدُنْهُ أَجْرًا عَظِيمًا
Ngempela uMvelinqangi akabenzi okungesikhona ubulungiswa (ngisho noma) okungangesisindo sentwanyana encane futhi uma kunesenzo esihle uyasiphindaphinda aphinde aphe kulokho anako umvuzo omkhulu.