سورة الرحمن - Sûrah 55: Ar-Rahmân - Onomusa

1. الرَّحْمَنُ


(UMvelinqangi) onomusa.

2. عَلَّمَ الْقُرْآنَ


Wafundisa iQur’an.

3. خَلَقَ الْإِنْسَانَ


Wadala umuntu.

4. عَلَّمَهُ الْبَيَانَ


Wamfundisa ukukhuluma.

5. الشَّمْسُ وَالْقَمَرُ بِحُسْبَانٍ


Ilanga nenyanga kuhamba ngendlela ekuyiyona ngasosonke isikhathi.

6. وَالنَّجْمُ وَالشَّجَرُ يَسْجُدَانِ


Futhi izinkanyezi kanye nezihlahla kokubili (kukhothamela umthetho kaMvelinqangi).

7. وَالسَّمَاءَ رَفَعَهَا وَوَضَعَ الْمِيزَانَ


Nezulu waliphakamisa wayesebeka isikalo.

8. أَلَّا تَطْغَوْا فِي الْمِيزَانِ


Ukuze ningoni esikalini.

9. وَأَقِيمُوا الْوَزْنَ بِالْقِسْطِ وَلَا تُخْسِرُوا الْمِيزَانَ


Futhi niqaphele isisindo ngobulungiswa, futhi ningasinciphisi isilinganiso.

10. وَالْأَرْضَ وَضَعَهَا لِلْأَنَامِ


Futhi umhlaba wawubekela izidalwa.

11. فِيهَا فَاكِهَةٌ وَالنَّخْلُ ذَاتُ الْأَكْمَامِ


Lapho phakathi kukhona izithelo, nezihlahla zamasundu ezinezixheke.

12. وَالْحَبُّ ذُو الْعَصْفِ وَالرَّيْحَانُ


Nohlamvu kanye noluthi olomile lukakolweni (noma amaqabunga aluhlaza) kanye nezihlahla ezinuka amakha.

13. فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ


Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo?

14. خَلَقَ الْإِنْسَانَ مِنْ صَلْصَالٍ كَالْفَخَّارِ


Wadala umuntu ngobumba olunjengolokwakha izitsha zobumba.

15. وَخَلَقَ الْجَانَّ مِنْ مَارِجٍ مِنْ نَارٍ


Futhi wadala amajinn ngelangabi lomlilo.

16. فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ


Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo?

17. رَبُّ الْمَشْرِقَيْنِ وَرَبُّ الْمَغْرِبَيْنِ


INkosi yezimpumalanga ezimbili neNkosi yezintshonalanga ezimbili.

18. فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ


Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo?

19. مَرَجَ الْبَحْرَيْنِ يَلْتَقِيَانِ


Yenza ukuthi izilwandle ezimbili zihlangane.

20. بَيْنَهُمَا بَرْزَخٌ لَا يَبْغِيَانِ


Phakathi kwazo zombili (izilwandle) kunomngcele zombili ezingaweqi.