سورة الواقعة - Sûrah 56: Al-Wa’ki‘a - isehlakalo
61. عَلَى أَنْ نُبَدِّلَ أَمْثَالَكُمْ وَنُنْشِئَكُمْ فِي مَا لَا تَعْلَمُونَ
Ukuthi sikuguqule ukufana kwenu (silethe enye indalo esikhundleni senu) futhi sinidale nibe yilokho eningakwazi.
62. وَلَقَدْ عَلِمْتُمُ النَّشْأَةَ الْأُولَى فَلَوْلَا تَذَكَّرُونَ
Futhi ngempela senikwazile ukudalwa kokuqala manjalo kungani ningakhumbuli?
63. أَفَرَأَيْتُمْ مَا تَحْرُثُونَ
Ngakube nikubonile yini lokho enikutshalayo?
64. أَأَنْتُمْ تَزْرَعُونَهُ أَمْ نَحْنُ الزَّارِعُونَ
Ngakube yinina enikwenza ukuthi kumile (kukhule) noma yithina ummilisi?
65. لَوْ نَشَاءُ لَجَعَلْنَاهُ حُطَامًا فَظَلْتُمْ تَفَكَّهُونَ
Ukube besithanda, besizokwenza kube wuthuli bese nina niyamangala (niyazisola).
66. إِنَّا لَمُغْرَمُونَ
Ngempela thina sisesikweletini.
67. بَلْ نَحْنُ مَحْرُومُونَ
Kepha thina siphuciwe.
68. أَفَرَأَيْتُمُ الْمَاءَ الَّذِي تَشْرَبُونَ
Ngakube niwabonile yini amanzi eniwaphuzayo?
69. أَأَنْتُمْ أَنْزَلْتُمُوهُ مِنَ الْمُزْنِ أَمْ نَحْنُ الْمُنْزِلُونَ
Ngakube yinina yini eniwahlisele phansi ephuma emafini noma yithina umehliseli phansi?
70. لَوْ نَشَاءُ جَعَلْنَاهُ أُجَاجًا فَلَوْلَا تَشْكُرُونَ
Ukube besithanda besizowenza abeduma (angaphuzeki) manjalo kungani ningabongi?
71. أَفَرَأَيْتُمُ النَّارَ الَّتِي تُورُونَ
Ngakube niwubonile yini umlilo eniwokhelayo?
72. أَأَنْتُمْ أَنْشَأْتُمْ شَجَرَتَهَا أَمْ نَحْنُ الْمُنْشِئُونَ
Ngakube yinina yini enenza ukuthi kukhule izihlahla zawo (umhlaba) noma yithina umkhulisi?
73. نَحْنُ جَعَلْنَاهَا تَذْكِرَةً وَمَتَاعًا لِلْمُقْوِينَ
Thina sawenza waba yisikhumbuzo kanye nosizo ezihlalini zasogwadule.
74. فَسَبِّحْ بِاسْمِ رَبِّكَ الْعَظِيمِ
Ngakho-ke dumisa igama leNkosi yakho enkulu kakhulu.
75. فَلَا أُقْسِمُ بِمَوَاقِعِ النُّجُومِ
Manjalo ngifunga ngokubekwa kwezinkanyezi.
76. وَإِنَّهُ لَقَسَمٌ لَوْ تَعْلَمُونَ عَظِيمٌ
Futhi ngempela yisifungo esikhulu ukube benazi.
77. إِنَّهُ لَقُرْآنٌ كَرِيمٌ
Ngempela yona iyiQur’an ehloniphekile.
78. فِي كِتَابٍ مَكْنُونٍ
Encwadini elondolozekile.
79. لَا يَمَسُّهُ إِلَّا الْمُطَهَّرُونَ
Ayithintwa ngaphandle kwabamsulwa.
80. تَنْزِيلٌ مِنْ رَبِّ الْعَالَمِينَ
Isambulo esivela eNkosini yemihlaba.