سورة ص - Sûrah 38: Sâd - Uhlamvu lwemfihlakalo

1. ص وَالْقُرْآنِ ذِي الذِّكْرِ


Swad, ngeQur’an enesikhumbuzo.

2. بَلِ الَّذِينَ كَفَرُوا فِي عِزَّةٍ وَشِقَاقٍ


Kepha labo abangakholwanga basekuziphazamiseni nasekuphikisaneni.

3. كَمْ أَهْلَكْنَا مِنْ قَبْلِهِمْ مِنْ قَرْنٍ فَنَادَوْا وَلَاتَ حِينَ مَنَاصٍ


Zingaki izizukulwane esazibhubhisa ngaphambilini kwabo ngakho-ke zakhala kulapho sasingekho isikhathi sokuphunyuka?

4. وَعَجِبُوا أَنْ جَاءَهُمْ مُنْذِرٌ مِنْهُمْ وَقَالَ الْكَافِرُونَ هَذَا سَاحِرٌ كَذَّابٌ


Futhi bamangale ukuthi bafikelwe ngumxwayisi ophuma phakathi kwabo futhi abangakholwanga bathi, “lona ngumlubi umqambimanga”.

5. أَجَعَلَ الْآلِهَةَ إِلَهًا وَاحِدًا إِنَّ هَذَا لَشَيْءٌ عُجَابٌ


Ngakube wenza izithixo uNkulunkulu oyedwa na? ngempela lokhu kuyinto emangalisayo.

6. وَانْطَلَقَ الْمَلَأُ مِنْهُمْ أَنِ امْشُوا وَاصْبِرُوا عَلَى آلِهَتِكُمْ إِنَّ هَذَا لَشَيْءٌ يُرَادُ


Futhi abaholi phakathi kwabo basuka bahamba, hambani futhi nibambelele ezithixweni zenu ngempela lokhu kuyinto ehlosiwe.

7. مَا سَمِعْنَا بِهَذَا فِي الْمِلَّةِ الْآخِرَةِ إِنْ هَذَا إِلَّا اخْتِلَاقٌ


Asikaze sizwe ngalokhu enkolweni yokugcina, lokhu akuyilutho ngaphandle komqambo.

8. أَأُنْزِلَ عَلَيْهِ الذِّكْرُ مِنْ بَيْنِنَا بَلْ هُمْ فِي شَكٍّ مِنْ ذِكْرِي بَلْ لَمَّا يَذُوقُوا عَذَابِ


Ngakube sehliselwe phezulu kwakhe yini isikhumbuzo phakathi kwethu? Kepha bona basekungabazeni mayelana nesikhumbuzo, kepha abakasizwa isijeziso sami.

9. أَمْ عِنْدَهُمْ خَزَائِنُ رَحْمَةِ رَبِّكَ الْعَزِيزِ الْوَهَّابِ


Noma, ngakube banawo yini amagugu omusa weNkosi yakho ephakeme ngamandla, ephanayo.

10. أَمْ لَهُمْ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَمَا بَيْنَهُمَا فَلْيَرْتَقُوا فِي الْأَسْبَابِ


Noma okwabo umbuso wamazulu nomhlaba kanye nako konke okuphakathi kwako kokubili? Ngakho-ke mabakhuphuke ngemizamo (yabo).

11. جُنْدٌ مَا هُنَالِكَ مَهْزُومٌ مِنَ الْأَحْزَابِ


Isixuku esiyohlulwa lapho phakathi kwezinhlangano.

12. كَذَّبَتْ قَبْلَهُمْ قَوْمُ نُوحٍ وَعَادٌ وَفِرْعَوْنُ ذُو الْأَوْتَادِ


Abantu baNowa baphika ngaphambilini kwabo kanye no-Ad noFaro.

13. وَثَمُودُ وَقَوْمُ لُوطٍ وَأَصْحَابُ الْأَيْكَةِ أُولَئِكَ الْأَحْزَابُ


NoThamud nabantu baLothi kanye nezihlali zase-Ayka.

14. إِنْ كُلٌّ إِلَّا كَذَّبَ الرُّسُلَ فَحَقَّ عِقَابِ


Babengenzi lutho ngaphandle kokuphika izithunywa ngakho- ke saqiniseka isijeziso sami.

15. وَمَا يَنْظُرُ هَؤُلَاءِ إِلَّا صَيْحَةً وَاحِدَةً مَا لَهَا مِنْ فَوَاقٍ


Futhi laba abalindele lutho ngaphandle kokukhala (kwecilongo) okukodwa angeke kube nokulibala.

16. وَقَالُوا رَبَّنَا عَجِّلْ لَنَا قِطَّنَا قَبْلَ يَوْمِ الْحِسَابِ


Futhi bathi, “Nkosi yethu sisheshisele ingxenye yethu ngaphambili kosuku lokubala (lokwahlulela)”.

17. اصْبِرْ عَلَى مَا يَقُولُونَ وَاذْكُرْ عَبْدَنَا دَاوُودَ ذَا الْأَيْدِ إِنَّهُ أَوَّابٌ


Kubekezelele lokho abakushoyo futhi khumbula inceku yethu uDavide onamandla ngempela yena wayephendukela emumva ngokuzisola.

18. إِنَّا سَخَّرْنَا الْجِبَالَ مَعَهُ يُسَبِّحْنَ بِالْعَشِيِّ وَالْإِشْرَاقِ


Ngempela sazenza izintaba kanye naye ukuthi badumise (uMvelinqangi) kusihlwa nasekuseni.

19. وَالطَّيْرَ مَحْشُورَةً كُلٌّ لَهُ أَوَّابٌ


Kanye nezinyoni zaqoqana ndawonye, konke kwakumthobela.

20. وَشَدَدْنَا مُلْكَهُ وَآتَيْنَاهُ الْحِكْمَةَ وَفَصْلَ الْخِطَابِ


Futhi sawuqinisa umbuso wakhe futhi samupha ubuhlakani nokukhuluma.