سورة النساء - Sûrah 4: An-Nisâ’
1. يَا أَيُّهَا النَّاسُ اتَّقُوا رَبَّكُمُ الَّذِي خَلَقَكُمْ مِنْ نَفْسٍ وَاحِدَةٍ وَخَلَقَ مِنْهَا زَوْجَهَا وَبَثَّ مِنْهُمَا رِجَالًا كَثِيرًا وَنِسَاءً وَاتَّقُوا اللَّهَ الَّذِي تَسَاءَلُونَ بِهِ وَالْأَرْحَامَ إِنَّ اللَّهَ كَانَ عَلَيْكُمْ رَقِيبًا
Oh Bantu! Sabani iNkosi yenu enidalile emphefumulweni owodwa yadala kuwona umsizi wawo waphinde wenza ukuthi kuyona yomibili (imiphefumulo) kuphume abesilisa abaningi nabesifazane futhi sabani uMvelinqangi okunguyena enibuzana ngaye nezizalo (ekuyizona ezanizala) ngempela uMvelinqangi uhlala engaphezulu kwenu enigcinile.
2. وَآتُوا الْيَتَامَى أَمْوَالَهُمْ وَلَا تَتَبَدَّلُوا الْخَبِيثَ بِالطَّيِّبِ وَلَا تَأْكُلُوا أَمْوَالَهُمْ إِلَى أَمْوَالِكُمْ إِنَّهُ كَانَ حُوبًا كَبِيرًا
Futhi nikani izintandane okwazo futhi ningashintshi okubi ngokuhle futhi ningadli okwazo (izintandane) nikwenze okwenu ngempela kona kuyisono esikhulu.
3. وَإِنْ خِفْتُمْ أَلَّا تُقْسِطُوا فِي الْيَتَامَى فَانْكِحُوا مَا طَابَ لَكُمْ مِنَ النِّسَاءِ مَثْنَى وَثُلَاثَ وَرُبَاعَ فَإِنْ خِفْتُمْ أَلَّا تَعْدِلُوا فَوَاحِدَةً أَوْ مَا مَلَكَتْ أَيْمَانُكُمْ ذَلِكَ أَدْنَى أَلَّا تَعُولُوا
Futhi uma nesaba ukuthi angeke nikwazi ukwenza ubulungiswa ezintandaneni (zabesifazane) shadani abesifazane enibathandayoababilinomaabathathunomaabane, kephauma nesaba ukuthi angeke nenze ubulungiswa (kubona) ngakho- ke (shadani kuphela) noyedwa noma lokho okuphethwe yisandla senu sangakwesokudla lokhu (kwenzelwe) ukuthi ukuze ningachezukeli (ekungenzini ubulungiswa).
4. وَآتُوا النِّسَاءَ صَدُقَاتِهِنَّ نِحْلَةً فَإِنْ طِبْنَ لَكُمْ عَنْ شَيْءٍ مِنْهُ نَفْسًا فَكُلُوهُ هَنِيئًا مَرِيئًا
Futhi nikani abesifazane (enizoshada nabo) izipho zabo ngenhliziyo enhle, kepha uma bona (abesifazane) benifisela ingxenye yokuthi kwakho kudleni futhi nikuthokozele ngaphandle kokusaba ubungozi.
5. وَلَا تُؤْتُوا السُّفَهَاءَ أَمْوَالَكُمُ الَّتِي جَعَلَ اللَّهُ لَكُمْ قِيَامًا وَارْزُقُوهُمْ فِيهَا وَاكْسُوهُمْ وَقُولُوا لَهُمْ قَوْلًا مَعْرُوفًا
Futhi ningayiniki iziwula ingcebo yenu okuyiyona uMvelinqangi ayenze yaba yisondlo senu. Futhi bondleni ngayo (ingcebo) nibagqokise ngokunjalo futhi nikhulume kubona inkulumo ngendlela efanele neyakhayo.
6. وَابْتَلُوا الْيَتَامَى حَتَّى إِذَا بَلَغُوا النِّكَاحَ فَإِنْ آنَسْتُمْ مِنْهُمْ رُشْدًا فَادْفَعُوا إِلَيْهِمْ أَمْوَالَهُمْ وَلَا تَأْكُلُوهَا إِسْرَافًا وَبِدَارًا أَنْ يَكْبَرُوا وَمَنْ كَانَ غَنِيًّا فَلْيَسْتَعْفِفْ وَمَنْ كَانَ فَقِيرًا فَلْيَأْكُلْ بِالْمَعْرُوفِ فَإِذَا دَفَعْتُمْ إِلَيْهِمْ أَمْوَالَهُمْ فَأَشْهِدُوا عَلَيْهِمْ وَكَفَى بِاللَّهِ حَسِيبًا
Futhi vivinyani izintandane zize zifike ebangeni lokuthi zishade, ngakho-ke uma senikwazile ukubehlulela kwangempela umqondo (wabo) abakhokhelwe ingcebo yabo (ifa), futhi ngingayidli (ingcebo yabo) ngokuyimosha nangokushesha ngokuthi zizokhula futhi noma ngabe ubani oyisicebi akaqhelelane (nokuthatha imali) kepha lowo ompofu akadle (akayithathe) ngendlela enobulungiswa kepha uma senizikhokhela ingcebo yazo (ifa) lethani ofakazi phambili kwazo (izintandane) futhi uMvelinqangi wanele njengombali.
7. لِلرِّجَالِ نَصِيبٌ مِمَّا تَرَكَ الْوَالِدَانِ وَالْأَقْرَبُونَ وَلِلنِّسَاءِ نَصِيبٌ مِمَّا تَرَكَ الْوَالِدَانِ وَالْأَقْرَبُونَ مِمَّا قَلَّ مِنْهُ أَوْ كَثُرَ نَصِيبًا مَفْرُوضًا
Emadodeni kunesabelo kokwashiywa abazali nezihlobo ezisondele, nakwabesifazane kunesabelo kokwashiywa abazali nezihlobo ezisondele, noma ngabe sincane noma ngabe sikhulu isabelo esiyimpoqo.
8. وَإِذَا حَضَرَ الْقِسْمَةَ أُولُو الْقُرْبَى وَالْيَتَامَى وَالْمَسَاكِينُ فَارْزُقُوهُمْ مِنْهُ وَقُولُوا لَهُمْ قَوْلًا مَعْرُوفًا
Uma abayizihlobo nabayizintandane nabaswele bekhona ekwahlukaniseni, babeleni kukona futhi nikhulume nabo amazwi ngendlela enobulungiswa.
9. وَلْيَخْشَ الَّذِينَ لَوْ تَرَكُوا مِنْ خَلْفِهِمْ ذُرِّيَّةً ضِعَافًا خَافُوا عَلَيْهِمْ فَلْيَتَّقُوا اللَّهَ وَلْيَقُولُوا قَوْلًا سَدِيدًا
Futhi akube ngukuthi labo (abahlukanisa ifa nabagadi) besabe (ukungenzi ubulungiswa) okungathi ukube bebeshiye ngemuva inzalo ebuthakathaka babezoba novalo ngayo, ngakho-ke mabesabe uMvelinqangi futhi bakhulume inkulu elungileyo.
10. إِنَّ الَّذِينَ يَأْكُلُونَ أَمْوَالَ الْيَتَامَى ظُلْمًا إِنَّمَا يَأْكُلُونَ فِي بُطُونِهِمْ نَارًا وَسَيَصْلَوْنَ سَعِيرًا
Ngempela labo abadla impahla yezintandane ngokungesikhona ubulungiswa kuphela nje badla umlilo eziswini zabo futhi bayosha emlilweni (wesihogo).
11. يُوصِيكُمُ اللَّهُ فِي أَوْلَادِكُمْ لِلذَّكَرِ مِثْلُ حَظِّ الْأُنْثَيَيْنِ فَإِنْ كُنَّ نِسَاءً فَوْقَ اثْنَتَيْنِ فَلَهُنَّ ثُلُثَا مَا تَرَكَ وَإِنْ كَانَتْ وَاحِدَةً فَلَهَا النِّصْفُ وَلِأَبَوَيْهِ لِكُلِّ وَاحِدٍ مِنْهُمَا السُّدُسُ مِمَّا تَرَكَ إِنْ كَانَ لَهُ وَلَدٌ فَإِنْ لَمْ يَكُنْ لَهُ وَلَدٌ وَوَرِثَهُ أَبَوَاهُ فَلِأُمِّهِ الثُّلُثُ فَإِنْ كَانَ لَهُ إِخْوَةٌ فَلِأُمِّهِ السُّدُسُ مِنْ بَعْدِ وَصِيَّةٍ يُوصِي بِهَا أَوْ دَيْنٍ آبَاؤُكُمْ وَأَبْنَاؤُكُمْ لَا تَدْرُونَ أَيُّهُمْ أَقْرَبُ لَكُمْ نَفْعًا فَرِيضَةً مِنَ اللَّهِ إِنَّ اللَّهَ كَانَ عَلِيمًا حَكِيمًا
UMvelinqangi uyaniphoqa mayelana nezingane zenu (mayelana nengxenye yefa lazo) isabelo sowesilisa silingana nesabelo sabesifazane ababili, kepha uma abesifazane (amadodakazi) emabili noma engaphezu kwamabili isabelo sawo sefa okubili kokuthathu kokwashiywa (oshonile) kepha uma emunye okwakhe ingxenye yefa futhi okwabazali bakhe ngamunye wabo okuyisithupha efeni kulokho akushiyile, uma eshiye ingane kepha uma engayishiyanga ingane ifa lakhe lidliwa abazali, okukamama wakhe okunye kokuthathu (efeni) uma lowo oshonile enabafowabo ngakho-ke okukamama wakhe okuyisithupha (konke lokhu kwaba) kwenziwa emuva kokukhokha okwasalayo okungase kube uyakukhokha okuyifa noma isikweletu, anazi ukuthi ubani osondele kakhulu kunina mayelana nokuzuza (efeni) abazali benu noma izingane zenu, (lezi zabelo) ziyimpoqo evela kuMvelinqangi. Ngempela uMvelinqangi ungowaziyo unobuhlakani.
12. وَلَكُمْ نِصْفُ مَا تَرَكَ أَزْوَاجُكُمْ إِنْ لَمْ يَكُنْ لَهُنَّ وَلَدٌ فَإِنْ كَانَ لَهُنَّ وَلَدٌ فَلَكُمُ الرُّبُعُ مِمَّا تَرَكْنَ مِنْ بَعْدِ وَصِيَّةٍ يُوصِينَ بِهَا أَوْ دَيْنٍ وَلَهُنَّ الرُّبُعُ مِمَّا تَرَكْتُمْ إِنْ لَمْ يَكُنْ لَكُمْ وَلَدٌ فَإِنْ كَانَ لَكُمْ وَلَدٌ فَلَهُنَّ الثُّمُنُ مِمَّا تَرَكْتُمْ مِنْ بَعْدِ وَصِيَّةٍ تُوصُونَ بِهَا أَوْ دَيْنٍ وَإِنْ كَانَ رَجُلٌ يُورَثُ كَلَالَةً أَوِ امْرَأَةٌ وَلَهُ أَخٌ أَوْ أُخْتٌ فَلِكُلِّ وَاحِدٍ مِنْهُمَا السُّدُسُ فَإِنْ كَانُوا أَكْثَرَ مِنْ ذَلِكَ فَهُمْ شُرَكَاءُ فِي الثُّلُثِ مِنْ بَعْدِ وَصِيَّةٍ يُوصَى بِهَا أَوْ دَيْنٍ غَيْرَ مُضَارٍّ وَصِيَّةً مِنَ اللَّهِ وَاللَّهُ عَلِيمٌ حَلِيمٌ
Futhi okwenu yingxenye yalokho okushiywa amakhosikazi enu uma kungukuthi awanayo ingane. Uma kungukuthi awanayo ingane isabelo senu yingxenye eyodwa kokune kuloko akushiyile (amakhosikazi enu) lesisabelo senziwa emuva kokukhokhela okwasalayo okungase kube uyakukhokha okuyifa noma isikweletu, futhi okwawo (amakhosikazi enu) yingxenye eyodwa kokune kulokho enikushiyile uma kungukuthi aninayo ingane. Kepha uma kungukuthi ninayo ingane okwawo (amakhosikazi enu) yingxenye eyodwa kokuyisishiyagalombili kulokho enikushiyile (lezo zabelo zenziwa) emuva kokukhokhwa kokwasalayo okungase kube uyakukhokha okuyifa noma isikweletu. Kepha uma kungukuthi indoda noma owesifazane engenazo izingane noma abazali ashiye ifa kepha enomfowabo noma udadewabo ngakho-ke ngamunye-ngamunye kubona uthola isabelo sokuyisithupha kepha uma kungukuthi baningi ngaphezu kwalokho bazohlukaniselana kokuthathu (lezo zabelo zenziwa) emva kokukhokhwa kokwasalayo okungase kube uyakukhokha okuyifa noma isikweletu inqobo nje uma kungekho bungozi (obudalekile) lokhu kuyimpoqo evela kuMvelinqangi futhi uMvelinqangi uyazi uyabekezela.
13. تِلْكَ حُدُودُ اللَّهِ وَمَنْ يُطِعِ اللَّهَ وَرَسُولَهُ يُدْخِلْهُ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِنْ تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ خَالِدِينَ فِيهَا وَذَلِكَ الْفَوْزُ الْعَظِيمُ
Lezi yizinqumo zikaMvelinqangi futhi noma ngabe ubani ohlonipha uMvelinqangi nesithunywa sakhe uyomngenisa ezivandeni okugobhoza ngaphansi kwazo imifula bayohlala khona ingunaphakade futhi lokhu kungukunqoba okukhulu.
14. وَمَنْ يَعْصِ اللَّهَ وَرَسُولَهُ وَيَتَعَدَّ حُدُودَهُ يُدْخِلْهُ نَارًا خَالِدًا فِيهَا وَلَهُ عَذَابٌ مُهِينٌ
Futhi noma ngabe ubani ongamhloniphi uMvelinqangi nesithunywa sakhe bese eqe izinqumo zakhe uyomfaka emlilweni uyohlala kuwona ingunaphakade futhi uyothola isijeziso esidumazayo.
15. وَاللَّاتِي يَأْتِينَ الْفَاحِشَةَ مِنْ نِسَائِكُمْ فَاسْتَشْهِدُوا عَلَيْهِنَّ أَرْبَعَةً مِنْكُمْ فَإِنْ شَهِدُوا فَأَمْسِكُوهُنَّ فِي الْبُيُوتِ حَتَّى يَتَوَفَّاهُنَّ الْمَوْتُ أَوْ يَجْعَلَ اللَّهُ لَهُنَّ سَبِيلًا
Futhi labo abesifazane benu abenza okungalungile baletheleni ofakazi abane phakathi kwenu ngakho-ke uma befakaza iqiniso (ngabo) bavaleleni (abesifazane) ezindlini kuze kube ngukuthi bathathwa ukufa noma uMvelinqangi ubenzela (enye) indlela.
16. وَاللَّذَانِ يَأْتِيَانِهَا مِنْكُمْ فَآذُوهُمَا فَإِنْ تَابَا وَأَصْلَحَا فَأَعْرِضُوا عَنْهُمَا إِنَّ اللَّهَ كَانَ تَوَّابًا رَحِيمًا
Futhi labo ababili kunina abenza izenzo ezingalungile ngakho-ke bajeziseni bobabili uma bezisola futhi bezilungisa bona, ngakho-ke bayekeni bobabili ngempela uMvelinqangi ungokwamukelayo ukuzisola unesihawu.
17. إِنَّمَا التَّوْبَةُ عَلَى اللَّهِ لِلَّذِينَ يَعْمَلُونَ السُّوءَ بِجَهَالَةٍ ثُمَّ يَتُوبُونَ مِنْ قَرِيبٍ فَأُولَئِكَ يَتُوبُ اللَّهُ عَلَيْهِمْ وَكَانَ اللَّهُ عَلِيمًا حَكِيمًا
UMvelinqangi wamukela kuphela ukuzisola kwalabo abenza okubi bengazi bese becela intethelelo maduzane labo-ke bayilabo uMvelinqangi abathethelelayo futhi uMvelinqangi ungowaziyo unobuhlakani.
18. وَلَيْسَتِ التَّوْبَةُ لِلَّذِينَ يَعْمَلُونَ السَّيِّئَاتِ حَتَّى إِذَا حَضَرَ أَحَدَهُمُ الْمَوْتُ قَالَ إِنِّي تُبْتُ الْآنَ وَلَا الَّذِينَ يَمُوتُونَ وَهُمْ كُفَّارٌ أُولَئِكَ أَعْتَدْنَا لَهُمْ عَذَابًا أَلِيمًا
Ukuphenduka akusikhona okwalabo abaqhubeka nokwenza izenzo ezimbi kuze kuthi uma esefikelwa ukufa omunye wabo bese ethi, “manje sengiphendukile futhi hhayi labo abafa bengesiwona amakholwa labo-ke sibalungiselele isijeziso esibuhlungu.
19. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لَا يَحِلُّ لَكُمْ أَنْ تَرِثُوا النِّسَاءَ كَرْهًا وَلَا تَعْضُلُوهُنَّ لِتَذْهَبُوا بِبَعْضِ مَا آتَيْتُمُوهُنَّ إِلَّا أَنْ يَأْتِينَ بِفَاحِشَةٍ مُبَيِّنَةٍ وَعَاشِرُوهُنَّ بِالْمَعْرُوفِ فَإِنْ كَرِهْتُمُوهُنَّ فَعَسَى أَنْ تَكْرَهُوا شَيْئًا وَيَجْعَلَ اللَّهُ فِيهِ خَيْرًا كَثِيرًا
Oh Nina enikholwayo! akusiwona umthetho kunina ukuthi nithathe abesifazane njengefa bengathandi, futhi ningabaphathi kabi (abesifazane) ukuze nithathe ingxenye yalokho (isipho sokushada) enabanika sona ngaphandle kokuba uma benza izenzo ezimbi ngokusobala, futhi hlalani nabo ngendlela efanele kepha uma ningabathandi kungenzeka ukuthi ningakuthandi okuthize kepha uMvelinqangi enibekele okuhle kakhulu kukona.
20. وَإِنْ أَرَدْتُمُ اسْتِبْدَالَ زَوْجٍ مَكَانَ زَوْجٍ وَآتَيْتُمْ إِحْدَاهُنَّ قِنْطَارًا فَلَا تَأْخُذُوا مِنْهُ شَيْئًا أَتَأْخُذُونَهُ بُهْتَانًا وَإِثْمًا مُبِينًا
Futhi uma nifisa ukuthatha omunye unkosikazi esikhundleni somunye unkosikazi nibe nanika oyedwa wabo (abesifazane) isipho esikhulu (somshado) nize ningabothatha lutho kusona nilubuyisele emumva ngisho nakancane ngakube nisithatha ngendlela engafanele nengenabo ubulungiswa (lokho) kuyisono esisobala.