سورة الواقعة - Sûrah 56: Al-Wa’ki‘a - isehlakalo

1. إِذَا وَقَعَتِ الْوَاقِعَةُ


Khumbula uma isehlakalo sehlakala.

2. لَيْسَ لِوَقْعَتِهَا كَاذِبَةٌ


Akusiwona amanga ukwehlakala kwaso.

3. خَافِضَةٌ رَافِعَةٌ


Sehlisa (abanye) siphakamisa (abanye).

4. إِذَا رُجَّتِ الْأَرْضُ رَجًّا


Khumbula lapho umhlaba unyakaziswa ngokuzamazama.

5. وَبُسَّتِ الْجِبَالُ بَسًّا


Nezintaba zibhidlizwa ziba wuthuli.

6. فَكَانَتْ هَبَاءً مُنْبَثًّا


Bese zibawuthuli olusaphazekile.

7. وَكُنْتُمْ أَزْوَاجًا ثَلَاثَةً


Futhi naniyizigaba ezintathu.

8. فَأَصْحَابُ الْمَيْمَنَةِ مَا أَصْحَابُ الْمَيْمَنَةِ


Manjalo abangane bangakwesokudla, yini abangane bangakwesokudla?

9. وَأَصْحَابُ الْمَشْأَمَةِ مَا أَصْحَابُ الْمَشْأَمَةِ


Kanye nabangane bangakwesobunxele, yini abangane bangakwesobunxele?

10. وَالسَّابِقُونَ السَّابِقُونَ


Nabedlulelayo (ekwenzeni izenzo ezinhle kulomhlaba) bangabedlulelayo (empilweni ezayo).

11. أُولَئِكَ الْمُقَرَّبُونَ


Labo bangabasondele (kuMvelinqangi).

12. فِي جَنَّاتِ النَّعِيمِ


Bayongena ezivandeni zentokozo.

13. ثُلَّةٌ مِنَ الْأَوَّلِينَ


Isixuku sabantu basendulo.

14. وَقَلِيلٌ مِنَ الْآخِرِينَ


Kanye nabambalwa kwabangamumva.

15. عَلَى سُرُرٍ مَوْضُونَةٍ


Emibhedeni ephothwe ngegolide.

16. مُتَّكِئِينَ عَلَيْهَا مُتَقَابِلِينَ


Becambalele phezulu kwayo bebhekene.

17. يَطُوفُ عَلَيْهِمْ وِلْدَانٌ مُخَلَّدُونَ


Bayobazungeleza abafana bangunaphakade.

18. بِأَكْوَابٍ وَأَبَارِيقَ وَكَأْسٍ مِنْ مَعِينٍ


Nezinkomishi, nabojeke kanye nezingilazi zewayini eligobhozayo.

19. لَا يُصَدَّعُونَ عَنْهَا وَلَا يُنْزِفُونَ


Alibaphathisi ngekhanda futhi alibashintshi umqondo

20. وَفَاكِهَةٍ مِمَّا يَتَخَيَّرُونَ


Kanye nezithelo abakhetha kuzona.