سورة الأعراف - Sûrah 7: Al-A‘râf - Unqenqema (indawo ephakeme)

1. المص


Alif Laam Meem Sad (Lamagama akekho noyedwa owazi incazelo yawo ngaphandle kukaMvelinqangi).

2. كِتَابٌ أُنْزِلَ إِلَيْكَ فَلَا يَكُنْ فِي صَدْرِكَ حَرَجٌ مِنْهُ لِتُنْذِرَ بِهِ وَذِكْرَى لِلْمُؤْمِنِينَ


Lena yincwadi eyembulwa kuwena ngakho-ke isifuba sakho (inhliziyo yakho) ayingaphatheki kabi ngayo ukuze ukwazi ukuxwayisa ngayo nesikhumbuzo kwabakholwayo.

3. اتَّبِعُوا مَا أُنْزِلَ إِلَيْكُمْ مِنْ رَبِّكُمْ وَلَا تَتَّبِعُوا مِنْ دُونِهِ أَوْلِيَاءَ قَلِيلًا مَا تَذَكَّرُونَ


Landelani lokho okwembulwa kunina okuvela eNkosini yenu futhi ningalandeli abanye abavikeli ngaphandle kwayo (iNkosi yenu), kuncane lokho enikukhumbulayo.

4. وَكَمْ مِنْ قَرْيَةٍ أَهْلَكْنَاهَا فَجَاءَهَا بَأْسُنَا بَيَاتًا أَوْ هُمْ قَائِلُونَ


Futhi mangaphi amadolobha esawabhubhisa, isijeziso sethu safika kuwona (amadolobha) ngenkathi belele ukulala kwasemini.

5. فَمَا كَانَ دَعْوَاهُمْ إِذْ جَاءَهُمْ بَأْسُنَا إِلَّا أَنْ قَالُوا إِنَّا كُنَّا ظَالِمِينَ


Akubanga khona ukukhala kubona ngesikhathi befikelwa yisijeziso sethu ngaphandle kokuthi bathi ngempela thina sasiyizoni.

6. فَلَنَسْأَلَنَّ الَّذِينَ أُرْسِلَ إِلَيْهِمْ وَلَنَسْأَلَنَّ الْمُرْسَلِينَ


Manjalo ngempela siyobabuza labo ababethunywe kubona futhi ngempela siyozibuza izithunywa.

7. فَلَنَقُصَّنَّ عَلَيْهِمْ بِعِلْمٍ وَمَا كُنَّا غَائِبِينَ


Ngakho-ke ngempela siyobatshena (wonke umlando) ngolwazi futhi sasingakaze singabi khona.

8. وَالْوَزْنُ يَوْمَئِذٍ الْحَقُّ فَمَنْ ثَقُلَتْ مَوَازِينُهُ فَأُولَئِكَ هُمُ الْمُفْلِحُونَ


Futhi ukukalwa kwesisindo (sezenzo zabantu) ngalelolanga kuyobe kuyiqiniso, ngakho-ke labo izisindo (zezenzo zabo ezinhle) eziyosinda esikalini labo-ke bayoba ngabaphumeleleyo.

9. وَمَنْ خَفَّتْ مَوَازِينُهُ فَأُولَئِكَ الَّذِينَ خَسِرُوا أَنْفُسَهُمْ بِمَا كَانُوا بِآيَاتِنَا يَظْلِمُونَ


Futhi labo izisindo (zezenzo zabo) eziyoba lula (esikalini) ngakho-ke labo bayilabo abalahla imiphefumulo yabo ngenxa yokuthi babengawathathi ngendlela efanele amavesi ethu.

10. وَلَقَدْ مَكَّنَّاكُمْ فِي الْأَرْضِ وَجَعَلْنَا لَكُمْ فِيهَا مَعَايِشَ قَلِيلًا مَا تَشْكُرُونَ


Futhi ngempela sanibeka emhlabeni futhi sanenzela izindlela zokuphila kuwona, kuncane lokho enikubongayo.

11. وَلَقَدْ خَلَقْنَاكُمْ ثُمَّ صَوَّرْنَاكُمْ ثُمَّ قُلْنَا لِلْمَلَائِكَةِ اسْجُدُوا لِآدَمَ فَسَجَدُوا إِلَّا إِبْلِيسَ لَمْ يَكُنْ مِنَ السَّاجِدِينَ


Futhi ngempela sanidala sabe sesiyanibumba sabe sesithi ezingelosini ngempela “khothamelani u-Adamu” ngakho-ke zakhothama ngaphandle kuka-Iblis (usathane) akazange abe ngomunye wabakhothamayo.

12. قَالَ مَا مَنَعَكَ أَلَّا تَسْجُدَ إِذْ أَمَرْتُكَ قَالَ أَنَا خَيْرٌ مِنْهُ خَلَقْتَنِي مِنْ نَارٍ وَخَلَقْتَهُ مِنْ طِينٍ


(UMvelinqangi) wathi “yini lena ekuvimba ukuthi ungakhothami uma ngikuphoqa na?” Wathi (u-Iblisi-sathane) “mina ngingcono kunaye mina wangidala ngomlilo wadala yena ngobumba”.

13. قَالَ فَاهْبِطْ مِنْهَا فَمَا يَكُونُ لَكَ أَنْ تَتَكَبَّرَ فِيهَا فَاخْرُجْ إِنَّكَ مِنَ الصَّاغِرِينَ


(UMvelinqangi) wathi yehlika (phuma) kulona (izulu) ngoba akufanele uqhoshe lapha ngakho-ke phuma, ngempela wena ungomunye walabo abehlisiwe (abathotshisiwe).

14. قَالَ أَنْظِرْنِي إِلَى يَوْمِ يُبْعَثُونَ


(U-Iblis) wathi “nginike ithuba kuze kube ilanga lokuvuswa kwabo”.

15. قَالَ إِنَّكَ مِنَ الْمُنْظَرِينَ


(UMvelinqangi) wathi “ngempela wena ungomunye wabanikwe ithuba”.

16. قَالَ فَبِمَا أَغْوَيْتَنِي لَأَقْعُدَنَّ لَهُمْ صِرَاطَكَ الْمُسْتَقِيمَ


(U-Iblis) wathi “njengoba ungidukisile (ungangiholanga) ngempela ngizohlala ngibalinde endleleni yakho eqondile”.

17. ثُمَّ لَآتِيَنَّهُمْ مِنْ بَيْنِ أَيْدِيهِمْ وَمِنْ خَلْفِهِمْ وَعَنْ أَيْمَانِهِمْ وَعَنْ شَمَائِلِهِمْ وَلَا تَجِدُ أَكْثَرَهُمْ شَاكِرِينَ


Manjalo ngiyoza kubona ngaphambili kwabo nangemva kwabo nangakwesokudla sabo ngakwesobunxele sabo futhi angeke uthole iningi labo lingababongayo.

18. قَالَ اخْرُجْ مِنْهَا مَذْءُومًا مَدْحُورًا لَمَنْ تَبِعَكَ مِنْهُمْ لَأَمْلَأَنَّ جَهَنَّمَ مِنْكُمْ أَجْمَعِينَ


(UMvelinqangi) wathi (ku-Iblis-sathane) phuma kulona (izulu) ungogxoshiweyo nogxekiweyo noma ngabe ngubani okulandelayo kubona ngempela ngiyogcwalisa isihogo ngani nonke.

19. وَيَا آدَمُ اسْكُنْ أَنْتَ وَزَوْجُكَ الْجَنَّةَ فَكُلَا مِنْ حَيْثُ شِئْتُمَا وَلَا تَقْرَبَا هَذِهِ الشَّجَرَةَ فَتَكُونَا مِنَ الظَّالِمِينَ


Futhi Oh Adam! hlala wena nomkakho esivandeni ngakho- ke yidlani nobabili lapho nithanda khona futhi nobabili ningasondeli eduze kwalesisihlahla ngale kwalokho nobabili niyokuba ngabanye babayizoni.

20. فَوَسْوَسَ لَهُمَا الشَّيْطَانُ لِيُبْدِيَ لَهُمَا مَا وُورِيَ عَنْهُمَا مِنْ سَوْآتِهِمَا وَقَالَ مَا نَهَاكُمَا رَبُّكُمَا عَنْ هَذِهِ الشَّجَرَةِ إِلَّا أَنْ تَكُونَا مَلَكَيْنِ أَوْ تَكُونَا مِنَ الْخَالِدِينَ


Ngakho-ke usathane wabanyenyezela bobabili (okungalungile) ukuze kuvezwe kubona bobabili lokho okwakufihliweyo kubona bobabili okuyizitho zomzimba zangasese zabo bobabili wayesethi usathane, “INkosi yenu nobabili ayinenqabelanga lesi sihlahla ngaphandle kokuthi hleze nobabili niphenduke izingelosi noma nibe abayophila ingunaphakade”.