سورة الأنبياء - Sûrah 21: Al-Anbiyâ’ - Abaphrofethi
1. اقْتَرَبَ لِلنَّاسِ حِسَابُهُمْ وَهُمْ فِي غَفْلَةٍ مُعْرِضُونَ
Kusondele kubantu ukwehlulelwa kwabo kulapho bona befulathela benganaki.
2. مَا يَأْتِيهِمْ مِنْ ذِكْرٍ مِنْ رَبِّهِمْ مُحْدَثٍ إِلَّا اسْتَمَعُوهُ وَهُمْ يَلْعَبُونَ
Asifiki kubona isikhumbuzo esivela eNkosini yabo ngaphandle kokuba bayasilalela kulapho bona bedlala.
3. لَاهِيَةً قُلُوبُهُمْ وَأَسَرُّوا النَّجْوَى الَّذِينَ ظَلَمُوا هَلْ هَذَا إِلَّا بَشَرٌ مِثْلُكُمْ أَفَتَأْتُونَ السِّحْرَ وَأَنْتُمْ تُبْصِرُونَ
Izinhliziyo zabo zibambezelekile (ekwenzeni ukona) futhi bayayifihla inkulumo yangasese labo abayizoni (babuzana bodwa bathi) “ngakube lona akayilutho ngaphandle kokuba ngumuntu onjengani na? Ngakho-ke ngakube nifikelwa ngumlingo kulapho nina nibhekile na?
4. قَالَ رَبِّي يَعْلَمُ الْقَوْلَ فِي السَّمَاءِ وَالْأَرْضِ وَهُوَ السَّمِيعُ الْعَلِيمُ
Ithi, “Inkosi yami iyayazi inkulumo esemazulwini nesemhlabeni futhi yona ingezwayo eyaziyo”.
5. بَلْ قَالُوا أَضْغَاثُ أَحْلَامٍ بَلِ افْتَرَاهُ بَلْ هُوَ شَاعِرٌ فَلْيَأْتِنَا بِآيَةٍ كَمَا أُرْسِلَ الْأَوَّلُونَ
Kepha bathi, (iQur’an) ingamaphupho axubene ayimanga, Qha uyakhile, Qha uyimbongi ngakho-ke akasilethele uphawu olufana nalolo olwaluthunyelwe (kubaphrofethi) basendulo”.
6. مَا آمَنَتْ قَبْلَهُمْ مِنْ قَرْيَةٍ أَهْلَكْنَاهَا أَفَهُمْ يُؤْمِنُونَ
Alikho idolobha (abantu) esababhubhisa ababekholwa ngaphambilini kwabo, ngakube bona bayakholwa na?
7. وَمَا أَرْسَلْنَا قَبْلَكَ إِلَّا رِجَالًا نُوحِي إِلَيْهِمْ فَاسْأَلُوا أَهْلَ الذِّكْرِ إِنْ كُنْتُمْ لَا تَعْلَمُونَ
Futhi asizange simthumele (umuntu) ngaphambi kwakho ngaphandle kwamadoda esembula kuwona (umyalezo) ngakho-ke buzani abantu besikhumbuzo (abanolwazi) uma nina ningazi.
8. وَمَا جَعَلْنَاهُمْ جَسَدًا لَا يَأْكُلُونَ الطَّعَامَ وَمَا كَانُوا خَالِدِينَ
Futhi asibanikezanga imizimba engakudli ukudla futhi asibenzanga ukuthi bahlale ingunaphakade.
9. ثُمَّ صَدَقْنَاهُمُ الْوَعْدَ فَأَنْجَيْنَاهُمْ وَمَنْ نَشَاءُ وَأَهْلَكْنَا الْمُسْرِفِينَ
Sabe sesiqinisekisa kubona isethembiso ngakho-ke sabasindisa kanye nalabo esibathandayo, sababhubhisa abamoshayo.
10. لَقَدْ أَنْزَلْنَا إِلَيْكُمْ كِتَابًا فِيهِ ذِكْرُكُمْ أَفَلَا تَعْقِلُونَ
Ngempela sayehlisela phansi kunina incwadi kuyona kunesikhumbuzo senu, ngakube aninamqondo yini na?
11. وَكَمْ قَصَمْنَا مِنْ قَرْيَةٍ كَانَتْ ظَالِمَةً وَأَنْشَأْنَا بَعْدَهَا قَوْمًا آخَرِينَ
Futhi mangaki amadolobha esawabhubhisa ayenza okungalungile na? Futhi emva kwawo sabavusa abanye abantu.
12. فَلَمَّا أَحَسُّوا بَأْسَنَا إِذَا هُمْ مِنْهَا يَرْكُضُونَ
Ngakho-ke kwathi lapho sebesibona isijeziso sethu kwaba yilapho bona bebaleka kusona.
13. لَا تَرْكُضُوا وَارْجِعُوا إِلَى مَا أُتْرِفْتُمْ فِيهِ وَمَسَاكِنِكُمْ لَعَلَّكُمْ تُسْأَلُونَ
Musani ukubaleka phindelani empilweni yenu enhle enothile enanikuyona nasezindlini zenu ukuze mhlawumbe nibuzwe.
14. قَالُوا يَا وَيْلَنَا إِنَّا كُنَّا ظَالِمِينَ
Bathi, “Oh! usizi kuthina ngempela thina sasiyizoni”.
15. فَمَا زَالَتْ تِلْكَ دَعْوَاهُمْ حَتَّى جَعَلْنَاهُمْ حَصِيدًا خَامِدِينَ
Lokho kukhala kwabo akupheli kuze kube yilapho sibenza ukuba babe njengensimu evuniweyo, efile.
16. وَمَا خَلَقْنَا السَّمَاءَ وَالْأَرْضَ وَمَا بَيْنَهُمَا لَاعِبِينَ
Futhi asiwadalanga ngokudlala amazulu nomhlaba kanye nalokho okuphakathi kwako kokubili.
17. لَوْ أَرَدْنَا أَنْ نَتَّخِذَ لَهْوًا لَاتَّخَذْنَاهُ مِنْ لَدُنَّا إِنْ كُنَّا فَاعِلِينَ
Ukube sasithandile ukuthatha isikhathi sokuzilibazisa ngempela sasizosithatha kuthina, uma sasizokwenza (lokho).
18. بَلْ نَقْذِفُ بِالْحَقِّ عَلَى الْبَاطِلِ فَيَدْمَغُهُ فَإِذَا هُوَ زَاهِقٌ وَلَكُمُ الْوَيْلُ مِمَّا تَصِفُونَ
Qha, siyaliveza iqiniso ukushabalalisa amanga ngakho-ke liyawabhubhisa bheka! (amanga) ayanyamalala futhi okwenu lusizi ngenxa yalokho enikuchazayo.
19. وَلَهُ مَنْ فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَمَنْ عِنْدَهُ لَا يَسْتَكْبِرُونَ عَنْ عِبَادَتِهِ وَلَا يَسْتَحْسِرُونَ
Futhi ungowakhe (ungokaMvelinqangi) noma ngabe ngubani osemazulwini nasemhlabeni futhi noma ngabe ngubani oseduzane naye (izingelosi) azizigabisi ngokumdumisa (zenza lokho eziphoqwayo ukuba zikwenze) futhi azidinwa.
20. يُسَبِّحُونَ اللَّيْلَ وَالنَّهَارَ لَا يَفْتُرُونَ
(Izingelosi) zimdumisa ubusuku nemini azidembeseli.