سورة البقرة - Sûrah 2: Al-Ba‘karah

281. وَاتَّقُوا يَوْمًا تُرْجَعُونَ فِيهِ إِلَى اللَّهِ ثُمَّ تُوَفَّى كُلُّ نَفْسٍ مَا كَسَبَتْ وَهُمْ لَا يُظْلَمُونَ


Futhi sabani usuku eniyokubuyiselwa ngalo kuMvelinqangi ngakho-ke wonke umuntu uyokhokhelwa lokho okuvumile futhi angeke benziwe okungeyisikhona ubulungiswa.

282. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا إِذَا تَدَايَنْتُمْ بِدَيْنٍ إِلَى أَجَلٍ مُسَمًّى فَاكْتُبُوهُ وَلْيَكْتُبْ بَيْنَكُمْ كَاتِبٌ بِالْعَدْلِ وَلَا يَأْبَ كَاتِبٌ أَنْ يَكْتُبَ كَمَا عَلَّمَهُ اللَّهُ فَلْيَكْتُبْ وَلْيُمْلِلِ الَّذِي عَلَيْهِ الْحَقُّ وَلْيَتَّقِ اللَّهَ رَبَّهُ وَلَا يَبْخَسْ مِنْهُ شَيْئًا فَإِنْ كَانَ الَّذِي عَلَيْهِ الْحَقُّ سَفِيهًا أَوْ ضَعِيفًا أَوْ لَا يَسْتَطِيعُ أَنْ يُمِلَّ هُوَ فَلْيُمْلِلْ وَلِيُّهُ بِالْعَدْلِ وَاسْتَشْهِدُوا شَهِيدَيْنِ مِنْ رِجَالِكُمْ فَإِنْ لَمْ يَكُونَا رَجُلَيْنِ فَرَجُلٌ وَامْرَأَتَانِ مِمَّنْ تَرْضَوْنَ مِنَ الشُّهَدَاءِ أَنْ تَضِلَّ إِحْدَاهُمَا فَتُذَكِّرَ إِحْدَاهُمَا الْأُخْرَى وَلَا يَأْبَ الشُّهَدَاءُ إِذَا مَا دُعُوا وَلَا تَسْأَمُوا أَنْ تَكْتُبُوهُ صَغِيرًا أَوْ كَبِيرًا إِلَى أَجَلِهِ ذَلِكُمْ أَقْسَطُ عِنْدَ اللَّهِ وَأَقْوَمُ لِلشَّهَادَةِ وَأَدْنَى أَلَّا تَرْتَابُوا إِلَّا أَنْ تَكُونَ تِجَارَةً حَاضِرَةً تُدِيرُونَهَا بَيْنَكُمْ فَلَيْسَ عَلَيْكُمْ جُنَاحٌ أَلَّا تَكْتُبُوهَا وَأَشْهِدُوا إِذَا تَبَايَعْتُمْ وَلَا يُضَارَّ كَاتِبٌ وَلَا شَهِيدٌ وَإِنْ تَفْعَلُوا فَإِنَّهُ فُسُوقٌ بِكُمْ وَاتَّقُوا اللَّهَ وَيُعَلِّمُكُمُ اللَّهُ وَاللَّهُ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمٌ


Oh nina enikholwayo! Uma nenza izikweletu nivumelene ngesikhathi esithize zibhaleni phansi. Futhi umbhali azibhale phakathi kwenu ngobulungiswa, futhi umbhali akanganqabi ukubhala ngendlela uMvelinqangi amfundise ngayo. Ngakho- ke akabhale futhi lowo okweletayo akube uyena obizelayo futhi esabe uMvelinqangi iNkosi yakhe futhi angashiyi lutho ngaphandle. Kodwa uma lowo okweletayo enokuqonda okuncane noma eyintengentenge noma engakwazi ukuzibizela yena ngakho-ke akube umgadi wake ozobizela ngobulungiswa, akuze ofakazi ababili phakathi kwabesilisa benu kepha uma bengekho abesilisa ababili, akube owesilisa nabesifazane ababili kulabo enibamukelayo ukuba babe ngofakazi, ukuthi uma oyedwa wabo (abesifazane) enza iphutha omunye bese eyamkhumbuzisa futhi abanganqabi ofakazi uma bebizwa ningenqeni ukusibhala (isikweletu) noma ngabe sincane noma ngabe sikhulu mayelana nesikhathi saso esinqunyiwe lokho kunobulungiswa obukhulu emehlweni kaMvelinqangi futhi kuqinisekile njengobufakazi futhi kungukuvikela ukungabaza phakathi kwenu, ngaphandle uma kungukuhwebelana enikwenza nina uqobo lwenu phakathi kwenu ngakho-ke alikho icala kunina uma ningazibhali, futhi akube khona ofakazi uma nenza isivumelwano nithengiselana, akungabibikho ubungozi phakathi kombhali noma ufakazi kepha uma nenze kanjalo ngempela lokho kuwukungahloniphi kunina futhi sabani uMvelinqangi, nokuthi uMvelinqangi uyanifundisa futhi uMvelinqangi uyisazi sazo zonke izinto.

283. وَإِنْ كُنْتُمْ عَلَى سَفَرٍ وَلَمْ تَجِدُوا كَاتِبًا فَرِهَانٌ مَقْبُوضَةٌ فَإِنْ أَمِنَ بَعْضُكُمْ بَعْضًا فَلْيُؤَدِّ الَّذِي اؤْتُمِنَ أَمَانَتَهُ وَلْيَتَّقِ اللَّهَ رَبَّهُ وَلَا تَكْتُمُوا الشَّهَادَةَ وَمَنْ يَكْتُمْهَا فَإِنَّهُ آثِمٌ قَلْبُهُ وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ عَلِيمٌ


Futhi uma nisohambweni ningenako ukuthola umbhali ngakho-ke makuthathwe isibambiso, kodwa uma omunye wenu ethemba omunye ngakho-ke lowo othenjwayo akakhombise ukwethembeka kwakhe asabe uMvelinqangi iNkosi yakhe futhi ningabufihli ubufakazi futhi noma ngabe ubani obufihlayo ngempela inhliziyo yakhe isesonweni futhi ngempela uMvelinqangi ungokwaziyo abakwenzayo.

284. لِلَّهِ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ وَإِنْ تُبْدُوا مَا فِي أَنْفُسِكُمْ أَوْ تُخْفُوهُ يُحَاسِبْكُمْ بِهِ اللَّهُ فَيَغْفِرُ لِمَنْ يَشَاءُ وَيُعَذِّبُ مَنْ يَشَاءُ وَاللَّهُ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ


Kungokuka Mvelinqangi noma ngabe yini esemazulwini nanoma ngabe yini esemhlabeni noma ngabe nivezani okusemiphefumulweni yenu noma ngabe niyakufihla uMvelinqangi uyokuletha kunina ukunibuza ngakho, Ngakho-ke uyothethelela lowo Amthandayo ajezise lowo amthandayo. Futhi uMvelinqangi unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto.

285. آمَنَ الرَّسُولُ بِمَا أُنْزِلَ إِلَيْهِ مِنْ رَبِّهِ وَالْمُؤْمِنُونَ كُلٌّ آمَنَ بِاللَّهِ وَمَلَائِكَتِهِ وَكُتُبِهِ وَرُسُلِهِ لَا نُفَرِّقُ بَيْنَ أَحَدٍ مِنْ رُسُلِهِ وَقَالُوا سَمِعْنَا وَأَطَعْنَا غُفْرَانَكَ رَبَّنَا وَإِلَيْكَ الْمَصِيرُ


Isithunywa sakholelwa kulokho okwehliselwa kusona okuvela eNkosini yaso nabakholwayo. Bonke bakholwa kuMvelinqangi nasezingelosini zakhe, nasezincwadi zakhe nasezithunyweni zakhe (bathi), “thina asiwenzi umehluko phakathi kwezithunywa zakhe”, futhi bathi, “sizwile futhi sahlonipha usithethelele Nkosi yethu futhi ngokuba sikuwena isiphetho.

286. لَا يُكَلِّفُ اللَّهُ نَفْسًا إِلَّا وُسْعَهَا لَهَا مَا كَسَبَتْ وَعَلَيْهَا مَا اكْتَسَبَتْ رَبَّنَا لَا تُؤَاخِذْنَا إِنْ نَسِينَا أَوْ أَخْطَأْنَا رَبَّنَا وَلَا تَحْمِلْ عَلَيْنَا إِصْرًا كَمَا حَمَلْتَهُ عَلَى الَّذِينَ مِنْ قَبْلِنَا رَبَّنَا وَلَا تُحَمِّلْنَا مَا لَا طَاقَةَ لَنَا بِهِ وَاعْفُ عَنَّا وَاغْفِرْ لَنَا وَارْحَمْنَا أَنْتَ مَوْلَانَا فَانْصُرْنَا عَلَى الْقَوْمِ الْكَافِرِينَ


UMvelinqangi akawuthwesi umphefumulo (okungaphezulu) kwamandla awo ngaphandle kokuwulingene okwawo yilokho okuwuvunile (ezintweni ezinhle) futhi okwawo yilokho okuwuvunile (ezintweni ezimbi), Nkosi yethu ungasibeki icala uma sikhohliwe noma senze iphutha. Nkosi yethu ungawubeki phezulu kwethu umthwalo njengoba wabetheswa labo ababengaphambilini kwethu, Nkosi yethu ungasethwesi lokho esingenawo amandla awokukumela sixolele usithethelele yiba nesihawu kuthina wena ungumvikeli wethu, senze ukuba sinqobe abantuabangahola.