سورة المائدة - Sûrah 5: Al-Mâ-idah – Itafula (eligcwele ukudla)
1. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا أَوْفُوا بِالْعُقُودِ أُحِلَّتْ لَكُمْ بَهِيمَةُ الْأَنْعَامِ إِلَّا مَا يُتْلَى عَلَيْكُمْ غَيْرَ مُحِلِّي الصَّيْدِ وَأَنْتُمْ حُرُمٌ إِنَّ اللَّهَ يَحْكُمُ مَا يُرِيدُ
Oh nina enikholwayo! Gcwalisani izethembiso nivunyelwe (ukudla) izilwane eziyizinkomo ngaphandle kwalezo enitshelwa ngazo, ukuzingela akuvumelekile uma nina nisesimweni se- ihraam (amashidi amabili amhlophe agqokwa umuntu owenza iHajj noma i-Umrah) ngempela uMvelinqangi uphoqa (wehlulela) lokho akuthandayo.
2. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لَا تُحِلُّوا شَعَائِرَ اللَّهِ وَلَا الشَّهْرَ الْحَرَامَ وَلَا الْهَدْيَ وَلَا الْقَلَائِدَ وَلَا آمِّينَ الْبَيْتَ الْحَرَامَ يَبْتَغُونَ فَضْلًا مِنْ رَبِّهِمْ وَرِضْوَانًا وَإِذَا حَلَلْتُمْ فَاصْطَادُوا وَلَا يَجْرِمَنَّكُمْ شَنَآنُ قَوْمٍ أَنْ صَدُّوكُمْ عَنِ الْمَسْجِدِ الْحَرَامِ أَنْ تَعْتَدُوا وَتَعَاوَنُوا عَلَى الْبِرِّ وَالتَّقْوَى وَلَا تَعَاوَنُوا عَلَى الْإِثْمِ وَالْعُدْوَانِ وَاتَّقُوا اللَّهَ إِنَّ اللَّهَ شَدِيدُ الْعِقَابِ
Oh nina enikholwayo! Ningoni izimpawu (ubungcwele) zikaMvelinqangi noma inyanga engcwele noma iminikelo (yezilwane) noma igaxwe umqhele wezimbali noma ubungcwele bendlu iHaraam labo abafuna umusa weNkosi yabo nenjabulo, kepha uma seniphumulile esimweni se- ihraam ngakho-ke ningazingela futhi ningavumeli inzondo yabantu ukuthi inivimbele emasjid Haraam, ukuniholela ekoneni nokusiza omunye nomunye ekwenzeni ukulunga nasebuqothweni kodwa ningasizani ekwenzeni isono nokona futhi sabani uMvelinqangi ngempela uMvelinqangi unzima ekujeziseni.
3. حُرِّمَتْ عَلَيْكُمُ الْمَيْتَةُ وَالدَّمُ وَلَحْمُ الْخِنْزِيرِ وَمَا أُهِلَّ لِغَيْرِ اللَّهِ بِهِ وَالْمُنْخَنِقَةُ وَالْمَوْقُوذَةُ وَالْمُتَرَدِّيَةُ وَالنَّطِيحَةُ وَمَا أَكَلَ السَّبُعُ إِلَّا مَا ذَكَّيْتُمْ وَمَا ذُبِحَ عَلَى النُّصُبِ وَأَنْ تَسْتَقْسِمُوا بِالْأَزْلَامِ ذَلِكُمْ فِسْقٌ الْيَوْمَ يَئِسَ الَّذِينَ كَفَرُوا مِنْ دِينِكُمْ فَلَا تَخْشَوْهُمْ وَاخْشَوْنِ الْيَوْمَ أَكْمَلْتُ لَكُمْ دِينَكُمْ وَأَتْمَمْتُ عَلَيْكُمْ نِعْمَتِي وَرَضِيتُ لَكُمُ الْإِسْلَامَ دِينًا فَمَنِ اضْطُرَّ فِي مَخْمَصَةٍ غَيْرَ مُتَجَانِفٍ لِإِثْمٍ فَإِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَحِيمٌ
Ninqatshelwe (ukudla inyama) yezilwane ezizifeleyo negazi nenyama yengulube nalokho okuhlatshelwe abanye hhayi uMvelinqangi noma okuklinyiwe noma okubulawe ngendluzula noma okufe ngokuwa noma okubhijwe izimpondo nalezo ezidliwe yizilwane zasendle ngaphandle uma ningazibulala (ngaphambi kokuba zizifele) nalokho okubulawe enusub (indawo okwakwenziwa kuyo umnikelo ngaphambi kwezithixo eMakha) futhi (kunqatshelwe) ukuthatha izinqumo ngemicibisholo, lokho kuwukungahloniphi (isono) kunina, kulolusuku labo abangakholwa balahle ithemba ngenkolo yenu ngakho-ke ningabesabi kodwa sabani mina, kulolusuku nginiphelelisele inkolo yenu futhi ngaqedelela umusa (ububele) bami phezu kwenu futhi nganikhethela i-islam njengenkolo yenu ngakho-ke noma ngabe ophoqwa yindlala enzima (adle okungavumelekile) engaqondile ukwenza isono ngakho-ke ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu.
4. يَسْأَلُونَكَ مَاذَا أُحِلَّ لَهُمْ قُلْ أُحِلَّ لَكُمُ الطَّيِّبَاتُ وَمَا عَلَّمْتُمْ مِنَ الْجَوَارِحِ مُكَلِّبِينَ تُعَلِّمُونَهُنَّ مِمَّا عَلَّمَكُمُ اللَّهُ فَكُلُوا مِمَّا أَمْسَكْنَ عَلَيْكُمْ وَاذْكُرُوا اسْمَ اللَّهِ عَلَيْهِ وَاتَّقُوا اللَّهَ إِنَّ اللَّهَ سَرِيعُ الْحِسَابِ
Bayakubuza ukuthi yini eyenziwe yabasemthethweni kubona (ukuba idliwe) ithi okusemthethweni kunina yizinto ezinhle nalezo zilwane enizifundisele ukuzingela nizifundise ngendlela anifundisa ngayo uMvelinqangi ngakho-ke yidlani kulokho ezinibambele kona bese nikhumbula igama likaMvelinqangi kulokho futhi nesabe uMvelinqangi ngempela uMvelinqangi uyashesha ekwahluleleni.
5. الْيَوْمَ أُحِلَّ لَكُمُ الطَّيِّبَاتُ وَطَعَامُ الَّذِينَ أُوتُوا الْكِتَابَ حِلٌّ لَكُمْ وَطَعَامُكُمْ حِلٌّ لَهُمْ وَالْمُحْصَنَاتُ مِنَ الْمُؤْمِنَاتِ وَالْمُحْصَنَاتُ مِنَ الَّذِينَ أُوتُوا الْكِتَابَ مِنْ قَبْلِكُمْ إِذَا آتَيْتُمُوهُنَّ أُجُورَهُنَّ مُحْصِنِينَ غَيْرَ مُسَافِحِينَ وَلَا مُتَّخِذِي أَخْدَانٍ وَمَنْ يَكْفُرْ بِالْإِيمَانِ فَقَدْ حَبِطَ عَمَلُهُ وَهُوَ فِي الْآخِرَةِ مِنَ الْخَاسِرِينَ
Kulolusuku nivunyelwe ezintweni ezinhle (ukudla okumsulwa) nokudla kwalabo ababenikwe incwadi (amaJuda namakrestu) kusemthethweni kunina (ukuba nikudle) nokudla kwenu kusemthethweni kubona (kuvumelekile ukuba nishade) nabesifazane abamsulwa abakholwayo nabesifazane abamsulwa kulabo ababenikwe incwadi ngaphambilini kwenu, uma senibanikile abesifazane isipho sabo somshado (mehr), befisa ubumsulwa hhayi ukuhlangana kowesilisa nowesifazane okungekho emthethweni futhi ningabathathi abesifazane ukuba nithandane nabo nje (ngaphandle kokuba nishade nabo) futhi noma ngabe ubani ophika ukholo umsebenzi wakhe ube ngoyize leze futhi empilweni ezayo uyokuba kanye nabalahlekelweyo.
6. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا إِذَا قُمْتُمْ إِلَى الصَّلَاةِ فَاغْسِلُوا وُجُوهَكُمْ وَأَيْدِيَكُمْ إِلَى الْمَرَافِقِ وَامْسَحُوا بِرُءُوسِكُمْ وَأَرْجُلَكُمْ إِلَى الْكَعْبَيْنِ وَإِنْ كُنْتُمْ جُنُبًا فَاطَّهَّرُوا وَإِنْ كُنْتُمْ مَرْضَى أَوْ عَلَى سَفَرٍ أَوْ جَاءَ أَحَدٌ مِنْكُمْ مِنَ الْغَائِطِ أَوْ لَامَسْتُمُ النِّسَاءَ فَلَمْ تَجِدُوا مَاءً فَتَيَمَّمُوا صَعِيدًا طَيِّبًا فَامْسَحُوا بِوُجُوهِكُمْ وَأَيْدِيكُمْ مِنْهُ مَا يُرِيدُ اللَّهُ لِيَجْعَلَ عَلَيْكُمْ مِنْ حَرَجٍ وَلَكِنْ يُرِيدُ لِيُطَهِّرَكُمْ وَلِيُتِمَّ نِعْمَتَهُ عَلَيْكُمْ لَعَلَّكُمْ تَشْكُرُونَ
Oh nina enikholwayo! uma nisukumela ukwenza umthandazo ngakho-ke gezani ubuso benu nezandla zenu kuze nifinyelele ezindololwaneni nisule amakhanda enu bese (nigeza) izinyawo zenu kuze kufinyelele emaqakaleni. Uma nisesimweni sejanabah (sokungcola) ngakho-ke zihlanzeni (ngokugeza imizimba yenu) kepha uma nigula noma nisohambweni noma oyedwa wenu evela ukuyozikhulula noma nithinte abesifazane (nilale nabo) nangakwazi ukuthola amanzi ngakho-ke enzani itayammum ngomhlabathi ohlanzekile bese nisula ubuso benu kanye nezingalo zenu ngawo, uMvelinangi akafisi ukunibeka ebunzimeni kodwa uthanda ukunihlanza nokuthi aphelelise ububele bakhe phezulu kwenu ukuze mhlawumbe nibe ngababongayo.
7. وَاذْكُرُوا نِعْمَةَ اللَّهِ عَلَيْكُمْ وَمِيثَاقَهُ الَّذِي وَاثَقَكُمْ بِهِ إِذْ قُلْتُمْ سَمِعْنَا وَأَطَعْنَا وَاتَّقُوا اللَّهَ إِنَّ اللَّهَ عَلِيمٌ بِذَاتِ الصُّدُورِ
Futhi khumbulani ububele bukaMvelinqangi phezulu kwenu nesivumelwano sakhe leso anethembisa sona ngesikhathi nithi, “sizwile sahlonipha” futhi nesabe uMvelinqangi ngempela uMvelinqangi uyazi ngalokho okusezifubeni.
8. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا كُونُوا قَوَّامِينَ لِلَّهِ شُهَدَاءَ بِالْقِسْطِ وَلَا يَجْرِمَنَّكُمْ شَنَآنُ قَوْمٍ عَلَى أَلَّا تَعْدِلُوا اعْدِلُوا هُوَ أَقْرَبُ لِلتَّقْوَى وَاتَّقُوا اللَّهَ إِنَّ اللَّهَ خَبِيرٌ بِمَا تَعْمَلُونَ
Oh nina enikholwayo! Yibani ngababambelele ngokuqina kuMvelinqangi nibe ngofakazi ubutha babantu banenza ukuthi ningenzi ubulungiswa, enzani ubulungiswa lokho kusondelene nobuqotho futhi sabani uMvelinqangi ngempela uMvelinqangi uyazi ngalokho enikwenzayo.
9. وَعَدَ اللَّهُ الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ لَهُمْ مَغْفِرَةٌ وَأَجْرٌ عَظِيمٌ
UMvelinqangi wathembisa labo abakholwayo futhi abenze ukulunga ukuthi okwabo intethelelo nomvuzo omkhulu.
10. وَالَّذِينَ كَفَرُوا وَكَذَّبُوا بِآيَاتِنَا أُولَئِكَ أَصْحَابُ الْجَحِيمِ
Kepha labo abangakholwa futhi baphike amavesi ethu (ubufakazi, izimpawu, izimfundiso, izibonakaliso kanye nezambulo nokunye) labo-ke bangabangani besihogo.
11. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا اذْكُرُوا نِعْمَتَ اللَّهِ عَلَيْكُمْ إِذْ هَمَّ قَوْمٌ أَنْ يَبْسُطُوا إِلَيْكُمْ أَيْدِيَهُمْ فَكَفَّ أَيْدِيَهُمْ عَنْكُمْ وَاتَّقُوا اللَّهَ وَعَلَى اللَّهِ فَلْيَتَوَكَّلِ الْمُؤْمِنُونَ
Oh nina enikholwayo! Khumbulani ububele bukaMvelinqangi phezulu kwenu ngesikhathi bona abantu befuna ukulula izandla zabo kunina ngakho-ke wazihoxisa izandla zabo kunina futhi sabani uMvelinqangi futhi ikuMvelinqangi lapho bebeka khona ithemba abakholwayo.
12. وَلَقَدْ أَخَذَ اللَّهُ مِيثَاقَ بَنِي إِسْرَائِيلَ وَبَعَثْنَا مِنْهُمُ اثْنَيْ عَشَرَ نَقِيبًا وَقَالَ اللَّهُ إِنِّي مَعَكُمْ لَئِنْ أَقَمْتُمُ الصَّلَاةَ وَآتَيْتُمُ الزَّكَاةَ وَآمَنْتُمْ بِرُسُلِي وَعَزَّرْتُمُوهُمْ وَأَقْرَضْتُمُ اللَّهَ قَرْضًا حَسَنًا لَأُكَفِّرَنَّ عَنْكُمْ سَيِّئَاتِكُمْ وَلَأُدْخِلَنَّكُمْ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِنْ تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ فَمَنْ كَفَرَ بَعْدَ ذَلِكَ مِنْكُمْ فَقَدْ ضَلَّ سَوَاءَ السَّبِيلِ
Futhi uMvelinqangi sewasithatha isivumelwano kubantwana bakwa-Israel futhi savusa kubona abaholi abayishumi nambili futhi uMvelinqangi wathi, “mina ngikanye nani uma nenza umthandazo futhi nikhokha izakaah futhi nikholelwa ezithunyweni zami futhi nizihloniphe natsheleka uMvelinqangi ukutsheleka okuhle ngempela ngiyosula izenzo zenu ezimbi futhi nginingenise ezivandeni okugeleza ngaphansi kwazo imifula ngakho-ke noma ngabe ubani kunina ongakholwayo emva kwalokho udukile endleleni eqondile”.
13. فَبِمَا نَقْضِهِمْ مِيثَاقَهُمْ لَعَنَّاهُمْ وَجَعَلْنَا قُلُوبَهُمْ قَاسِيَةً يُحَرِّفُونَ الْكَلِمَ عَنْ مَوَاضِعِهِ وَنَسُوا حَظًّا مِمَّا ذُكِّرُوا بِهِ وَلَا تَزَالُ تَطَّلِعُ عَلَى خَائِنَةٍ مِنْهُمْ إِلَّا قَلِيلًا مِنْهُمْ فَاعْفُ عَنْهُمْ وَاصْفَحْ إِنَّ اللَّهَ يُحِبُّ الْمُحْسِنِينَ
Ngakho-ke ngenxa yokuphula kwabo isivumelwano sabo sabajezisa futhi senza izinhliziyo zabo lukhuni, baguqula amagama bawasuse endaweni yabo futhi sebakhohlwa ingxenye kulokho ababekhunjuzwe (ababetshelwe) ngakho, futhi angeke uyeke ukubona inkohliso kubona ngaphandle kwabambalwa kubona ngakho-ke bathethelele bese ubuka (izenzo zabo) ngempela uMvelinqangi uyabathanda abenza okuhle.
14. وَمِنَ الَّذِينَ قَالُوا إِنَّا نَصَارَى أَخَذْنَا مِيثَاقَهُمْ فَنَسُوا حَظًّا مِمَّا ذُكِّرُوا بِهِ فَأَغْرَيْنَا بَيْنَهُمُ الْعَدَاوَةَ وَالْبَغْضَاءَ إِلَى يَوْمِ الْقِيَامَةِ وَسَوْفَ يُنَبِّئُهُمُ اللَّهُ بِمَا كَانُوا يَصْنَعُونَ
Futhi nakulabo abathi, “thina singamaKrestu” sathatha isivumelwano sabo babe sebeyakhohlwa yingxenye kulokho ababetshelwe ngakho, ngakho-ke satshala ubutha nenzondo phakathi kwabo kuze kube usuku lokuvuka kwabafileyo futhi uMvelinqangi uyobatshela ngalokho ababekwenza.
15. يَا أَهْلَ الْكِتَابِ قَدْ جَاءَكُمْ رَسُولُنَا يُبَيِّنُ لَكُمْ كَثِيرًا مِمَّا كُنْتُمْ تُخْفُونَ مِنَ الْكِتَابِ وَيَعْفُو عَنْ كَثِيرٍ قَدْ جَاءَكُمْ مِنَ اللَّهِ نُورٌ وَكِتَابٌ مُبِينٌ
Oh Bantu bencwadi! Sesanifikela isithunywa sethu ukuzonicacisela okuningi kulokho enanikufihla okusencwadini futhi bangakunaki okuningi futhi kwafika kunina ukukhanya okuvela kuMvelinqangi nencwadi ecacile.
16. يَهْدِي بِهِ اللَّهُ مَنِ اتَّبَعَ رِضْوَانَهُ سُبُلَ السَّلَامِ وَيُخْرِجُهُمْ مِنَ الظُّلُمَاتِ إِلَى النُّورِ بِإِذْنِهِ وَيَهْدِيهِمْ إِلَى صِرَاطٍ مُسْتَقِيمٍ
UMvelinqangi uhola ngayo labo abafuna injabulo yakhe ngezindlela zokuthula futhi uyabakhipha ebumnyameni abayise ekukhanyeni ngentando yakhe futhi abaholele endleleni eqondile.
17. لَقَدْ كَفَرَ الَّذِينَ قَالُوا إِنَّ اللَّهَ هُوَ الْمَسِيحُ ابْنُ مَرْيَمَ قُلْ فَمَنْ يَمْلِكُ مِنَ اللَّهِ شَيْئًا إِنْ أَرَادَ أَنْ يُهْلِكَ الْمَسِيحَ ابْنَ مَرْيَمَ وَأُمَّهُ وَمَنْ فِي الْأَرْضِ جَمِيعًا وَلِلَّهِ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَمَا بَيْنَهُمَا يَخْلُقُ مَا يَشَاءُ وَاللَّهُ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ
Ngempela abakholwanga labo abathi, “uMvelinqangi unguMesiya indodana kaMariya” ithi, “ngubani onamandla okumelana noMvelinqangi uma wayefisa ukuthi abhubhise uMesiya indodana kaMariya nonina nabobonke abantu abasemhlabeni (wayezokwenza lokho) futhi ungokaMvelinqangi umbuso wamazulu nomhlaba nakho konke okuphakathi kwako kokubili udala lokho akuthandayo futhi uMvelinqangi unamamndla ngaphezulu kwazo zonke izinto.
18. وَقَالَتِ الْيَهُودُ وَالنَّصَارَى نَحْنُ أَبْنَاءُ اللَّهِ وَأَحِبَّاؤُهُ قُلْ فَلِمَ يُعَذِّبُكُمْ بِذُنُوبِكُمْ بَلْ أَنْتُمْ بَشَرٌ مِمَّنْ خَلَقَ يَغْفِرُ لِمَنْ يَشَاءُ وَيُعَذِّبُ مَنْ يَشَاءُ وَلِلَّهِ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَمَا بَيْنَهُمَا وَإِلَيْهِ الْمَصِيرُ
Futhi amaJuda namaKhrestu athi, “thina singamadodana (singabantwana) baMvelinqangi futhi siyizithandwa zakhe” ithi, “ngakho-ke kungani enijezisa ngenxa yezono zenu na”? Okunalokho nina ningabantu phakathi kwalabo (uMvelinqangi) abadalayo uthethelela lowo amthandayo futhi ujezisa lowo amthandayo futhi ungokaMvelinqangi umbuso wamazulu nomhlaba nokho konke okuphakathi kwako kokubili futhi sikuye isiphetho.
19. يَا أَهْلَ الْكِتَابِ قَدْ جَاءَكُمْ رَسُولُنَا يُبَيِّنُ لَكُمْ عَلَى فَتْرَةٍ مِنَ الرُّسُلِ أَنْ تَقُولُوا مَا جَاءَنَا مِنْ بَشِيرٍ وَلَا نَذِيرٍ فَقَدْ جَاءَكُمْ بَشِيرٌ وَنَذِيرٌ وَاللَّهُ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ
Oh Bantu bencwadi! Sesanifikela isithunywa sethu sinicacisela (izinto) emva kwesikhathi (ikhefu ekulandelaneni) kwezithunywa hleze nithi (ngosuku oluhle) “Asizange sifikelwe umlethi wezindaba ezimnandi nomxwayisi, kepha manje usenifikele umlethi wezindaba ezimnandi nomxwayisi futhi uMvelinqangi unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto.
20. وَإِذْ قَالَ مُوسَى لِقَوْمِهِ يَا قَوْمِ اذْكُرُوا نِعْمَةَ اللَّهِ عَلَيْكُمْ إِذْ جَعَلَ فِيكُمْ أَنْبِيَاءَ وَجَعَلَكُمْ مُلُوكًا وَآتَاكُمْ مَا لَمْ يُؤْتِ أَحَدًا مِنَ الْعَالَمِينَ
Futhi (Khumbulani) ngesikhathi uMose ethi kubantu bakhe, “Oh Bantu! Khumbulani ububele bukaMvelinqangi phezulu kwenu ngesikhathi ephakamisa abaphrofethi kunina futhi wanenza amakhosi waphinde waninika lokho angazange akunike ngisho noyedwa emihlabeni.