سورة الأنعام - Sûrah 6: Al-An‘âm  – Imfuyo (edla utshani)

161. قُلْ إِنَّنِي هَدَانِي رَبِّي إِلَى صِرَاطٍ مُسْتَقِيمٍ دِينًا قِيَمًا مِلَّةَ إِبْرَاهِيمَ حَنِيفًا وَمَا كَانَ مِنَ الْمُشْرِكِينَ


Ithi ngempela mina ngaholelwa yiNkosi yami endleleni eqondile, inkolo eqondile inkolo ka-Abrahamu oqotho futhi owayengesiyena omunye walabo abenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni.

162. قُلْ إِنَّ صَلَاتِي وَنُسُكِي وَمَحْيَايَ وَمَمَاتِي لِلَّهِ رَبِّ الْعَالَمِينَ


Ithi ngempela umthandazo wami nomnikelo wami nokuphila kwami nokufa kwami kungokukaMvelinqangi iNkosi yemihlaba.

163. لَا شَرِيكَ لَهُ وَبِذَلِكَ أُمِرْتُ وَأَنَا أَوَّلُ الْمُسْلِمِينَ


Akanabo abahlanganyeli (uMvelinqangi) futhi ngaphoqwa ngokunjalo (Muhammad), futhi ngingowokuqala kwabazinikeleyo (ngaphansi) kwentando kaMvelinqangi.

164. قُلْ أَغَيْرَ اللَّهِ أَبْغِي رَبًّا وَهُوَ رَبُّ كُلِّ شَيْءٍ وَلَا تَكْسِبُ كُلُّ نَفْسٍ إِلَّا عَلَيْهَا وَلَا تَزِرُ وَازِرَةٌ وِزْرَ أُخْرَى ثُمَّ إِلَى رَبِّكُمْ مَرْجِعُكُمْ فَيُنَبِّئُكُمْ بِمَا كُنْتُمْ فِيهِ تَخْتَلِفُونَ


Ithi “ngakube ngifuna enye iNkosi esikhundleni sikaMvelinqangi kulapho yena eyiNkosi yazo zonke izinto futhi awukho umphefumulo ozuza (okunye) ngaphandle kokuqondene nawo futhi akekho umthwali womthwalo ekufanele awuthwalele omunye manjalo kuseNkosini yenu ukubuyela kwenu ngakho-ke uyonitshena ngalokho enaniphikisana kukona.

165. وَهُوَ الَّذِي جَعَلَكُمْ خَلَائِفَ الْأَرْضِ وَرَفَعَ بَعْضَكُمْ فَوْقَ بَعْضٍ دَرَجَاتٍ لِيَبْلُوَكُمْ فِي مَا آتَاكُمْ إِنَّ رَبَّكَ سَرِيعُ الْعِقَابِ وَإِنَّهُ لَغَفُورٌ رَحِيمٌ


Futhi nguyena owanenza naba abalandelayo (ngokuhlala) ezweni futhi waphakamisa abanye benu ngamazinga ngaphezulu kwabanye ukuze anivivinye ngalokho aninika kona ngempela iNkosi yakho ingesheshayo ekujeziseni kepha ngempela yona ingethethelelayo inesihawu.