سورة الأنعام - Sûrah 6: Al-An‘âm  – Imfuyo (edla utshani)

1. الْحَمْدُ لِلَّهِ الَّذِي خَلَقَ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ وَجَعَلَ الظُّلُمَاتِ وَالنُّورَ ثُمَّ الَّذِينَ كَفَرُوا بِرَبِّهِمْ يَعْدِلُونَ


Udumo malube kuMvelinqangi okunguyena owadala amazulu nomhlaba futhi wenza ubumnyama nokukhanya besekuthi labo abangakholwanga balinganisa (abanye) neNkosi yabo.

2. هُوَ الَّذِي خَلَقَكُمْ مِنْ طِينٍ ثُمَّ قَضَى أَجَلًا وَأَجَلٌ مُسَمًّى عِنْدَهُ ثُمَّ أَنْتُمْ تَمْتَرُونَ


Nguyena owanidala ngobumba wayesenquma isikhathi (senu sokufa) nesinye isikhathi esinqunyiwe (sokuvuka kwabafileyo) sikuye, besekuthi nina nibe ngabanokungabaza.

3. وَهُوَ اللَّهُ فِي السَّمَاوَاتِ وَفِي الْأَرْضِ يَعْلَمُ سِرَّكُمْ وَجَهْرَكُمْ وَيَعْلَمُ مَا تَكْسِبُونَ


Futhi nguyena uMvelinqangi osemazulwini nasemhlabeni wazi izimfihlo zenu nenikuvezayo futhi uyakwazi lokho enikuzuzayo.

4. وَمَا تَأْتِيهِمْ مِنْ آيَةٍ مِنْ آيَاتِ رَبِّهِمْ إِلَّا كَانُوا عَنْهَا مُعْرِضِينَ


Futhi alukho uphawu oluza kubona ezimpawini zeNkosi yabo ngaphandle kokuthi bayazifulathela (izimpawu).

5. فَقَدْ كَذَّبُوا بِالْحَقِّ لَمَّا جَاءَهُمْ فَسَوْفَ يَأْتِيهِمْ أَنْبَاءُ مَا كَانُوا بِهِ يَسْتَهْزِئُونَ


Ngakho-ke bayaliphika iqiniso ngesikhathi lifika kubona, kepha kuyofika kubona izindaba ngalokho ababenza ngakho inhlekisa.

6. أَلَمْ يَرَوْا كَمْ أَهْلَكْنَا مِنْ قَبْلِهِمْ مِنْ قَرْنٍ مَكَّنَّاهُمْ فِي الْأَرْضِ مَا لَمْ نُمَكِّنْ لَكُمْ وَأَرْسَلْنَا السَّمَاءَ عَلَيْهِمْ مِدْرَارًا وَجَعَلْنَا الْأَنْهَارَ تَجْرِي مِنْ تَحْتِهِمْ فَأَهْلَكْنَاهُمْ بِذُنُوبِهِمْ وَأَنْشَأْنَا مِنْ بَعْدِهِمْ قَرْنًا آخَرِينَ


Ababoni yini ukuthi zingaphi izizukulwane esazibhubhisa ngaphambilini kwabo, esazizinzisa emhlabeni ngendlela esingazange sinizinzise ngayo, senisa phezu kwabo (imvula) eningi evela esibhakabhakeni futhi senza imifula egeleza ngaphansi kwabo, ngakho-ke sababhubhisa ngenxa yezono zabo futhi sadala emva kwabo ezinye izizukulwane.

7. وَلَوْ نَزَّلْنَا عَلَيْكَ كِتَابًا فِي قِرْطَاسٍ فَلَمَسُوهُ بِأَيْدِيهِمْ لَقَالَ الَّذِينَ كَفَرُوا إِنْ هَذَا إِلَّا سِحْرٌ مُبِينٌ


Futhi noma ngabe sathumela phansi kuwena incwadi (umyalezo) obhalwe ephepheni bese beyawuthinta ngezandla zabo ngempela labo abangakholwa babezothi, “Lokhu akuyilutho ngaphandle kokuthi kuwumlingo ocacile”.

8. وَقَالُوا لَوْلَا أُنْزِلَ عَلَيْهِ مَلَكٌ وَلَوْ أَنْزَلْنَا مَلَكًا لَقُضِيَ الْأَمْرُ ثُمَّ لَا يُنْظَرُونَ


Futhi bathi, “kungani kungathunyelwanga kuyena ingelosi, kepha ukube sasiyithumelile ingelosi ngempela udaba lwaluzoba ngolunqunyiwe babengeke banikwe ithuba”.

9. وَلَوْ جَعَلْنَاهُ مَلَكًا لَجَعَلْنَاهُ رَجُلًا وَلَلَبَسْنَا عَلَيْهِمْ مَا يَلْبِسُونَ


Futhi ukube sasimenze waba yingelosi ngempela sasizomenza avele njengendoda futhi ngempela sasizobamboza ngalokhu abazimboza ngako bona.

10. وَلَقَدِ اسْتُهْزِئَ بِرُسُلٍ مِنْ قَبْلِكَ فَحَاقَ بِالَّذِينَ سَخِرُوا مِنْهُمْ مَا كَانُوا بِهِ يَسْتَهْزِئُونَ


Futhi ngempela izithunywa zenziwa inhlekisa ngaphambilini kwakho, kepha kulabo ababehleka usulu kubona babezungelezwe yilokho ababenza ngako inhlekisa.

11. قُلْ سِيرُوا فِي الْأَرْضِ ثُمَّ انْظُرُوا كَيْفَ كَانَ عَاقِبَةُ الْمُكَذِّبِينَ


Ithi, “hambani ezweni bese nibona ukuthi sasinjani isiphetho sabaphiki (beqiniso)”.

12. قُلْ لِمَنْ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ قُلْ لِلَّهِ كَتَبَ عَلَى نَفْسِهِ الرَّحْمَةَ لَيَجْمَعَنَّكُمْ إِلَى يَوْمِ الْقِيَامَةِ لَا رَيْبَ فِيهِ الَّذِينَ خَسِرُوا أَنْفُسَهُمْ فَهُمْ لَا يُؤْمِنُونَ


Ithi kungokukabani konke okusemazulwini nasemhlabeni na? Ithi, “kungokukaMvelinqangi uzenzele yena uqobo umusa ukuze aniqoqele ndawonye ngosuku lokuvuka kwabafileyo ekungenakungabaza kulo, labo abalahlekelwa yimiphefumulo yabo abangakholwayo”.

13. وَلَهُ مَا سَكَنَ فِي اللَّيْلِ وَالنَّهَارِ وَهُوَ السَّمِيعُ الْعَلِيمُ


Futhi ingeyakhe noma ngabe yini ekhona ebusuku nasemini futhi yena ungozwayo owaziyo.

14. قُلْ أَغَيْرَ اللَّهِ أَتَّخِذُ وَلِيًّا فَاطِرِ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَهُوَ يُطْعِمُ وَلَا يُطْعَمُ قُلْ إِنِّي أُمِرْتُ أَنْ أَكُونَ أَوَّلَ مَنْ أَسْلَمَ وَلَا تَكُونَنَّ مِنَ الْمُشْرِكِينَ


Ithi omunye esikhundleni sikaMvelinqangi engimthatha njengomvikeli ongumdali wamazulu nomhlaba? Futhi yena uyondla kepha akondliwa, ithi ngempela ngiphoqwe ukuthi ngibe owokuqala kulabo abazinikela (ngaphansi kwentando kaMvelinqangi) futhi ungabi ngomunye wabenzela uMvelinqangi abalekeleli ekumkhonzeni.

15. قُلْ إِنِّي أَخَافُ إِنْ عَصَيْتُ رَبِّي عَذَابَ يَوْمٍ عَظِيمٍ


Ithi ngempela ngiyesaba uma ngingayihloniphanga iNkosi yami (ngesaba) isijeziso sosuku olukhulu.

16. مَنْ يُصْرَفْ عَنْهُ يَوْمَئِذٍ فَقَدْ رَحِمَهُ وَذَلِكَ الْفَوْزُ الْمُبِينُ


Lowo oyoqhelelaniswa naso (isijeziso) ngalelolanga (uMvelinqangi) uyobe enomusa kuyena futhi lokho kuyobe kungukunqoba okucacile.

17. وَإِنْ يَمْسَسْكَ اللَّهُ بِضُرٍّ فَلَا كَاشِفَ لَهُ إِلَّا هُوَ وَإِنْ يَمْسَسْكَ بِخَيْرٍ فَهُوَ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ


Uma uMvelinqangi ekuthinta ngenhlupheko akekho oyoyisusa (noma oyoyiqeda) ngaphandle kwakhe futhi uma ekuthinta ngokuhle (ekwenzele okuhle) ngakho-ke yena unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto.

18. وَهُوَ الْقَاهِرُ فَوْقَ عِبَادِهِ وَهُوَ الْحَكِيمُ الْخَبِيرُ


Futhi yena akavinjelwa (ekubhekeni) ngaphezulu kwezinceku zakhe futhi yena unobuhlakani uyazi.

19. قُلْ أَيُّ شَيْءٍ أَكْبَرُ شَهَادَةً قُلِ اللَّهُ شَهِيدٌ بَيْنِي وَبَيْنَكُمْ وَأُوحِيَ إِلَيَّ هَذَا الْقُرْآنُ لِأُنْذِرَكُمْ بِهِ وَمَنْ بَلَغَ أَئِنَّكُمْ لَتَشْهَدُونَ أَنَّ مَعَ اللَّهِ آلِهَةً أُخْرَى قُلْ لَا أَشْهَدُ قُلْ إِنَّمَا هُوَ إِلَهٌ وَاحِدٌ وَإِنَّنِي بَرِيءٌ مِمَّا تُشْرِكُونَ


Ithi, “iyiphi into enkulu kakhulu ebufakazini” ithi, “uMvelinqangi ongufakazi phakathi kwami naphakathi kwenu futhi leQur’an yembulwa kumina (Muhammad) ukuze nginexwayise ngayo futhi nakunoma ngabe obani eyofinyelela kubona, ngakube ngempela nina nethula ubufakazi ukuthi ngaphandle kukaMvelinqangi kukhona abanye onkulunkulu, ithi “angibethuli ubufakazi” ithi, “nguyena kuphela onguMvelinqangi oyedwa futhi ngempela mina ngimsulwa kulokho enenzela ngako uMvelinqnagi abahlanganyeli ekumkhonzeni”.

20. الَّذِينَ آتَيْنَاهُمُ الْكِتَابَ يَعْرِفُونَهُ كَمَا يَعْرِفُونَ أَبْنَاءَهُمُ الَّذِينَ خَسِرُوا أَنْفُسَهُمْ فَهُمْ لَا يُؤْمِنُونَ


Labo esabanika incwadi bayazi njengoba bazi amadodana abo, labo abayolahlekelwa yimiphefumulo yabo (ngosuku lokwahlulelwa) ngakho-ke abangakholwa.