سورة آل عمران - Sûrah 3: Ali ‘Imrân

1. الم


Alif Lam meem. (Akekho noyedwa owaziyo ukuthi lezizinhlamvu zamagama zisho ukuthini ngaphandle kukaMvelinqangi).

2. اللَّهُ لَا إِلَهَ إِلَّا هُوَ الْحَيُّ الْقَيُّومُ


UMvelinqangi akukho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe ungophilayo, umondli wezidalwa zonke.

3. نَزَّلَ عَلَيْكَ الْكِتَابَ بِالْحَقِّ مُصَدِّقًا لِمَا بَيْنَ يَدَيْهِ وَأَنْزَلَ التَّوْرَاةَ وَالْإِنْجِيلَ


Wehlisele phansi kuwena incwadi ngeqiniso iqinisekisa lokho okwakungaphambilini kwayo futhi wembula iTora neVangeli.

4. مِنْ قَبْلُ هُدًى لِلنَّاسِ وَأَنْزَلَ الْفُرْقَانَ إِنَّ الَّذِينَ كَفَرُوا بِآيَاتِ اللَّهِ لَهُمْ عَذَابٌ شَدِيدٌ وَاللَّهُ عَزِيزٌ ذُو انْتِقَامٍ


Ngaphambilini, njengomholi kubantu futhi wembula umehluleli, ngempela labo abangakholelwa emavesini kaMvelinqangi okwabo yisijeziso esinzima futhi uMvelinqangi uphakeme ngamandla ungumnini wokuphindisela.

5. إِنَّ اللَّهَ لَا يَخْفَى عَلَيْهِ شَيْءٌ فِي الْأَرْضِ وَلَا فِي السَّمَاءِ


Ngempela kuMvelinqangi akukho okufihlekile okusemhlabeni noma okusezulwini.

6. هُوَ الَّذِي يُصَوِّرُكُمْ فِي الْأَرْحَامِ كَيْفَ يَشَاءُ لَا إِلَهَ إِلَّا هُوَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ


Nguyena onibumbayo esizalweni ngendlela ayithandayo akukho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe uphakeme ngamandla unobuhlakani.

7. هُوَ الَّذِي أَنْزَلَ عَلَيْكَ الْكِتَابَ مِنْهُ آيَاتٌ مُحْكَمَاتٌ هُنَّ أُمُّ الْكِتَابِ وَأُخَرُ مُتَشَابِهَاتٌ فَأَمَّا الَّذِينَ فِي قُلُوبِهِمْ زَيْغٌ فَيَتَّبِعُونَ مَا تَشَابَهَ مِنْهُ ابْتِغَاءَ الْفِتْنَةِ وَابْتِغَاءَ تَأْوِيلِهِ وَمَا يَعْلَمُ تَأْوِيلَهُ إِلَّا اللَّهُ وَالرَّاسِخُونَ فِي الْعِلْمِ يَقُولُونَ آمَنَّا بِهِ كُلٌّ مِنْ عِنْدِ رَبِّنَا وَمَا يَذَّكَّرُ إِلَّا أُولُو الْأَلْبَابِ


Nguyena owehlisela phansi kuwena incwadi enamavesi acacile ayisisekelo sencwadi futhi amanye awacacile (ayindida) kepha laba ezinhliziyweni zabo ekunokuphambuka bayolandela lokho okwawo okuyindida befuna okulungile futhi befuna ukuhumushwa kwawo, kepha akekho owaziyo ukuhumushwa kwawo ngaphandle kukaMvelinqangi futhi labo abanolwazi olunzulu bathi, “siyakholelwa kuwona wonke (amavesi) avela eNkosini yethu, futhi akekho oyokhunjuziswa ngaphandle kwalabo abaqondayo”.

8. رَبَّنَا لَا تُزِغْ قُلُوبَنَا بَعْدَ إِذْ هَدَيْتَنَا وَهَبْ لَنَا مِنْ لَدُنْكَ رَحْمَةً إِنَّكَ أَنْتَ الْوَهَّابُ


Nkosi yethu uze ungazenzi izinhliziyo zethu ukuthi ziphambuke emva kokuthi ususiholele (endleleni eqondile). Futhi usiphe umusa ovela kuwe ngempela wena ungophayo.

9. رَبَّنَا إِنَّكَ جَامِعُ النَّاسِ لِيَوْمٍ لَا رَيْبَ فِيهِ إِنَّ اللَّهَ لَا يُخْلِفُ الْمِيعَادَ


Nkosi yethu ngempela wena uyokuba nguMqoqi wabantu ngelanga okungenakungatshazwa kulo, ngempela uMvelinqangi angeke asephule isithembiso sakhe.

10. إِنَّ الَّذِينَ كَفَرُوا لَنْ تُغْنِيَ عَنْهُمْ أَمْوَالُهُمْ وَلَا أَوْلَادُهُمْ مِنَ اللَّهِ شَيْئًا وَأُولَئِكَ هُمْ وَقُودُ النَّارِ


Ngempela labo abangakholwa ingcebo yabo nezingane zabo akuyikubasiza ngalutho maqondana noMvelinqangi futhi labo-ke bona bayizithungelo zomlilo.

11. كَدَأْبِ آلِ فِرْعَوْنَ وَالَّذِينَ مِنْ قَبْلِهِمْ كَذَّبُوا بِآيَاتِنَا فَأَخَذَهُمُ اللَّهُ بِذُنُوبِهِمْ وَاللَّهُ شَدِيدُ الْعِقَابِ


Kunjengokuziphatha kwabanu bakaFaro nalabo ababengaphambilini kwabo, baphika izimpawu zethu ngakho-ke uMvelinqangi wababhubhisa ngenxa yezono zabo, uMvelinqangi unzima ekujeziseni.

12. قُلْ لِلَّذِينَ كَفَرُوا سَتُغْلَبُونَ وَتُحْشَرُونَ إِلَى جَهَنَّمَ وَبِئْسَ الْمِهَادُ


Ithi kulabo abangakholwa, “niyonqotshwa nibuthelwe ndawonyeesihogwenifuthiyimbi(leyo) ndawoyokuphumula”.

13. قَدْ كَانَ لَكُمْ آيَةٌ فِي فِئَتَيْنِ الْتَقَتَا فِئَةٌ تُقَاتِلُ فِي سَبِيلِ اللَّهِ وَأُخْرَى كَافِرَةٌ يَرَوْنَهُمْ مِثْلَيْهِمْ رَأْيَ الْعَيْنِ وَاللَّهُ يُؤَيِّدُ بِنَصْرِهِ مَنْ يَشَاءُ إِنَّ فِي ذَلِكَ لَعِبْرَةً لِأُولِي الْأَبْصَارِ


Ngempela nanenzelwe isibonakaliso emabuthweni amabili ahlangana alwa, elinye ibutho laliwa lizabalaza endleleni kaMvelinqangi elinye lalingakholwa lalibabona bephindeke kabili (kunabo) kwakungukubona nje kwamehlo abo uMvelinqangi uyameseka ngosizo lwakhe lowo amthandayo ngempela kulokho kunesifundo kulabo abanokubona.

14. زُيِّنَ لِلنَّاسِ حُبُّ الشَّهَوَاتِ مِنَ النِّسَاءِ وَالْبَنِينَ وَالْقَنَاطِيرِ الْمُقَنْطَرَةِ مِنَ الذَّهَبِ وَالْفِضَّةِ وَالْخَيْلِ الْمُسَوَّمَةِ وَالْأَنْعَامِ وَالْحَرْثِ ذَلِكَ مَتَاعُ الْحَيَاةِ الدُّنْيَا وَاللَّهُ عِنْدَهُ حُسْنُ الْمَآبِ


Kwenziwele abantu kwaba yinto enhle ukuthanda lokho abakufisayo ebantwini besifazane, namadodana (izingane) nomcebo oqongelelwe wegolide nesiliva, namahhashi ohlobo lwekhethelo nezinkomo nomhlaba olinywe kahle, lokho kuyinjabulo yempilo yakulomhlaba, kodwa kuMvelinqangi kunokuphindela okuhle.

15. قُلْ أَؤُنَبِّئُكُمْ بِخَيْرٍ مِنْ ذَلِكُمْ لِلَّذِينَ اتَّقَوْا عِنْدَ رَبِّهِمْ جَنَّاتٌ تَجْرِي مِنْ تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ خَالِدِينَ فِيهَا وَأَزْوَاجٌ مُطَهَّرَةٌ وَرِضْوَانٌ مِنَ اللَّهِ وَاللَّهُ بَصِيرٌ بِالْعِبَادِ


Ithi ngakube kufanele yini nginitshele ngokungcono kunalokho na? Okwalabo abesaba uMvelinqangi, eNkosini yabo kunezingadi okugobhoza ngaphansi kwazo imifula lapho beyohlala khona ingunaphakade kanye nezithandwa ezimsulwa nokweneliseka okuvela kuMvelinqangi futhi uMvelinqangi ungumboni wezinceku (zakhe).

16. الَّذِينَ يَقُولُونَ رَبَّنَا إِنَّنَا آمَنَّا فَاغْفِرْ لَنَا ذُنُوبَنَا وَقِنَا عَذَابَ النَّارِ


Labo abathi, “Nkosi yethu ngempela sikholiwe ngakho-ke sithethelele izono zethu futhi usivikele ekujezisweni komlilo?

17. الصَّابِرِينَ وَالصَّادِقِينَ وَالْقَانِتِينَ وَالْمُنْفِقِينَ وَالْمُسْتَغْفِرِينَ بِالْأَسْحَارِ


Ababekezelayo abakholwa ngokuyiqiniso nabazinikele ekuhlonipheni uMvelinqangi, nabanikelayo nalabo abathandazayo becela ukuthi uMvelinqangi abathethelele ngasemahoreni okugcina obusuku.

18. شَهِدَ اللَّهُ أَنَّهُ لَا إِلَهَ إِلَّا هُوَ وَالْمَلَائِكَةُ وَأُولُو الْعِلْمِ قَائِمًا بِالْقِسْطِ لَا إِلَهَ إِلَّا هُوَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ


UMvelinqangi uyafakaza ukuthi ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe nezingelosi nalabo abanolwazi (bayafakaza) uhlala njalo egcina izidalwa zakhe ngobulungiswa ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe uphakeme ngamandla unobuhlakani.

19. إِنَّ الدِّينَ عِنْدَ اللَّهِ الْإِسْلَامُ وَمَا اخْتَلَفَ الَّذِينَ أُوتُوا الْكِتَابَ إِلَّا مِنْ بَعْدِ مَا جَاءَهُمُ الْعِلْمُ بَغْيًا بَيْنَهُمْ وَمَنْ يَكْفُرْ بِآيَاتِ اللَّهِ فَإِنَّ اللَّهَ سَرِيعُ الْحِسَابِ


Ngempela inkolo (yeqiniso) kuMvelinqangi i-Islam, labo ababenikezwe iNcwadi babengaphikisene ngaphandle (kokuphikisana) emva kokuba sebefikelwe ulwazi kusuka emoneni nasenzondweni phakathi kwabo futhi noma ngabe ngubani ongakholelwa emavesini kaMvelinqangi ngakho-ke ngempela uMvelinqangi uyashesha ukwahlulela.

20. فَإِنْ حَاجُّوكَ فَقُلْ أَسْلَمْتُ وَجْهِيَ لِلَّهِ وَمَنِ اتَّبَعَنِ وَقُلْ لِلَّذِينَ أُوتُوا الْكِتَابَ وَالْأُمِّيِّينَ أَأَسْلَمْتُمْ فَإِنْ أَسْلَمُوا فَقَدِ اهْتَدَوْا وَإِنْ تَوَلَّوْا فَإِنَّمَا عَلَيْكَ الْبَلَاغُ وَاللَّهُ بَصِيرٌ بِالْعِبَادِ


Kepha uma bephikisana nawe ithi, “ngizinikele ngaphani kwentando kaMvelinqangi (enkolo yobu-Islam) nalabo abangilandelayo” futhi ithi kulabo ababenikezwe incwadi nababengafundile, “ngakube nizinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi na? Kepha uma bezinikele baholeleke ngokuyikho futhi uma befulathela umsebenzi wakho ukudlulisa umyalezo kuphela futhi uMvelinqangi ungumboni wezinceku (zakhe)”.