سورة الصافات - Sûrah 37: As-Sâffât - Abahlelwe ngezigaba (omigqa)

1. وَالصَّافَّاتِ صَفًّا


Ngalabo abahlelwe ngezigaba.

2. فَالزَّاجِرَاتِ زَجْرًا


Ngalabo abahambisa amafu ngendlela enhle.

3. فَالتَّالِيَاتِ ذِكْرًا


Ngalabo abafunda isikhumbuzo.

4. إِنَّ إِلَهَكُمْ لَوَاحِدٌ


Ngempela uMvelinqangi wenu munye.

5. رَبُّ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَمَا بَيْنَهُمَا وَرَبُّ الْمَشَارِقِ


INkosi yamazulu nomhlaba kanye nako konke okuphakathi kwako kokubili neNkosi yempumalanga.

6. إِنَّا زَيَّنَّا السَّمَاءَ الدُّنْيَا بِزِينَةٍ الْكَوَاكِبِ


Ngempela thina salihlobisa izulu eliseduzane ngomhlobiso wezinkanyezi.

7. وَحِفْظًا مِنْ كُلِّ شَيْطَانٍ مَارِدٍ


Nokulondolozwa kwalo mayelana nabobonke osathane abahlubukayo.

8. لَا يَسَّمَّعُونَ إِلَى الْمَلَإِ الْأَعْلَى وَيُقْذَفُونَ مِنْ كُلِّ جَانِبٍ


Abakwazi ukulalela inhlangano ephakeme kakhulu futhi bajikijelwa kuwona wonke amacala.

9. دُحُورًا وَلَهُمْ عَذَابٌ وَاصِبٌ


Bayaxoshwa futhi okwabo yisijeziso sangunaphakade.

10. إِلَّا مَنْ خَطِفَ الْخَطْفَةَ فَأَتْبَعَهُ شِهَابٌ ثَاقِبٌ


Ngaphandle kwalowo ohlwitha okuthize ngokuntshontsha bese elandelwa yilangabi lomlilo elihlabayo.

11. فَاسْتَفْتِهِمْ أَهُمْ أَشَدُّ خَلْقًا أَمْ مَنْ خَلَقْنَا إِنَّا خَلَقْنَاهُمْ مِنْ طِينٍ لَازِبٍ


Ngakho-ke babuze ukuthi ngakube yibona yini abanzima ekudaleni noma yilabo esabadalayo na? Ngempela thina sabadala ngobumba olunamathelayo.

12. بَلْ عَجِبْتَ وَيَسْخَرُونَ


Kepha uyamangala kulapho benza inhlekisa.

13. وَإِذَا ذُكِّرُوا لَا يَذْكُرُونَ


Futhi uma bekhunjuziswa abakhumbuli.

14. وَإِذَا رَأَوْا آيَةً يَسْتَسْخِرُونَ


Futhi uma bebona uphawu benza inhlekisa.

15. وَقَالُوا إِنْ هَذَا إِلَّا سِحْرٌ مُبِينٌ


Futhi bathi, “lokhu akuyilutho ngaphandle komlingo ogqamile”.

16. أَإِذَا مِتْنَا وَكُنَّا تُرَابًا وَعِظَامًا أَإِنَّا لَمَبْعُوثُونَ


Ngakube uma sesifile saphenduka uthuli namathambo ngempela siyovuswa yini na?

17. أَوَآبَاؤُنَا الْأَوَّلُونَ


Kanye nobaba bethu basendulo na?

18. قُلْ نَعَمْ وَأَنْتُمْ دَاخِرُونَ


Ithi, “yebo futhi nina niyothotshiswa.

19. فَإِنَّمَا هِيَ زَجْرَةٌ وَاحِدَةٌ فَإِذَا هُمْ يَنْظُرُونَ


Kuyoba ukukhala okukodwa kuphela kulapho bona bebhekile.

20. وَقَالُوا يَا وَيْلَنَا هَذَا يَوْمُ الدِّينِ


Futhi bayothi, “Oh usizi kuthina! lolu wusuku lwenhlawulo”.