سورة البقرة - Sûrah 2: Al-Ba‘karah

1. الم


Alif Laam Meem.

2. ذَلِكَ الْكِتَابُ لَا رَيْبَ فِيهِ هُدًى لِلْمُتَّقِينَ


Lena yincwadi engenakungabaza kuyo, ingumholi kulabo abesaba uMvelinqangi.

3. الَّذِينَ يُؤْمِنُونَ بِالْغَيْبِ وَيُقِيمُونَ الصَّلَاةَ وَمِمَّا رَزَقْنَاهُمْ يُنْفِقُونَ


Labo abakholelwa kokungabonwayo futhi abenza umthandazo, futhi banikele kulokho esibaphe kona.

4. وَالَّذِينَ يُؤْمِنُونَ بِمَا أُنْزِلَ إِلَيْكَ وَمَا أُنْزِلَ مِنْ قَبْلِكَ وَبِالْآخِرَةِ هُمْ يُوقِنُونَ


Nalabo abakholwa kulokho okwambulelwa wena nalokho okwambulelwa labo abangaphambilini kwakho, futhi benesiqiniseko ngempilo ezayo.

5. أُولَئِكَ عَلَى هُدًى مِنْ رَبِّهِمْ وَأُولَئِكَ هُمُ الْمُفْلِحُونَ


Labo-ke basekuholweni okuvela eNkosini yabo, futhi yilabo abaphumelelayo.

6. إِنَّ الَّذِينَ كَفَرُوا سَوَاءٌ عَلَيْهِمْ أَأَنْذَرْتَهُمْ أَمْ لَمْ تُنْذِرْهُمْ لَا يُؤْمِنُونَ


Ngempela labo abaphika ukholo kuyefana nje noma uyabaxwayisa noma awubaxwayisi angeke baze bakholwe.

7. خَتَمَ اللَّهُ عَلَى قُلُوبِهِمْ وَعَلَى سَمْعِهِمْ وَعَلَى أَبْصَارِهِمْ غِشَاوَةٌ وَلَهُمْ عَذَابٌ عَظِيمٌ


UMvelinqangi uvale izinhliziyo zabo kanye nokuzwa kwabo, futhi kunesisithezo ngaphambili kwamehlo abo, futhi isijeziso sabo sikhulu.

8. وَمِنَ النَّاسِ مَنْ يَقُولُ آمَنَّا بِاللَّهِ وَبِالْيَوْمِ الْآخِرِ وَمَا هُمْ بِمُؤْمِنِينَ


Futhi phakathi kwabantu kukhona abathi “thina siyakholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina” kepha bengakholwa.

9. يُخَادِعُونَ اللَّهَ وَالَّذِينَ آمَنُوا وَمَا يَخْدَعُونَ إِلَّا أَنْفُسَهُمْ وَمَا يَشْعُرُونَ


BazamaukukhohlisauMvelinqangikanyenalaboabakholwayo, kepha abakhohlisi (muntu) ngaphandle kokuzikhohlisa bona uqobo kepha ababoni.

10. فِي قُلُوبِهِمْ مَرَضٌ فَزَادَهُمُ اللَّهُ مَرَضًا وَلَهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ بِمَا كَانُوا يَكْذِبُونَ


Ezinhliziyweni zabo kukhona isifo ngakho-ke uMvelinqangi wabandisela isifo, bamelwe yisijeziso esibuhlungu ngalokho ababeqamba amanga ngakho.

11. وَإِذَا قِيلَ لَهُمْ لَا تُفْسِدُوا فِي الْأَرْضِ قَالُوا إِنَّمَا نَحْنُ مُصْلِحُونَ


Futhi uma betshelwa ukuthi yekani ukona emhlabeni bona bathi, “Singabalungisayo”.

12. أَلَا إِنَّهُمْ هُمُ الْمُفْسِدُونَ وَلَكِنْ لَا يَشْعُرُونَ


Ngempela bayizoni zoqobo kepha ababoni.

13. وَإِذَا قِيلَ لَهُمْ آمِنُوا كَمَا آمَنَ النَّاسُ قَالُوا أَنُؤْمِنُ كَمَا آمَنَ السُّفَهَاءُ أَلَا إِنَّهُمْ هُمُ السُّفَهَاءُ وَلَكِنْ لَا يَعْلَمُونَ


Uma betshenwa kuthiwa kubo, “kholwani njengoba bekholwa abantu” bathi, “sikholwe njengoba zakholwa iziwula na?” Kepha okusempeleni yibona iziwula kepha abazi.

14. وَإِذَا لَقُوا الَّذِينَ آمَنُوا قَالُوا آمَنَّا وَإِذَا خَلَوْا إِلَى شَيَاطِينِهِمْ قَالُوا إِنَّا مَعَكُمْ إِنَّمَا نَحْنُ مُسْتَهْزِئُونَ


Uma behlangana nalabo abakholwayo bathi “siyakholwa” kepha uma bebodwa nosathane babo bathi sikanye nani kade sibhuqa nje.

15. اللَّهُ يَسْتَهْزِئُ بِهِمْ وَيَمُدُّهُمْ فِي طُغْيَانِهِمْ يَعْمَهُونَ


UMvelinqangi uyophindisela kubona ukubhuqa kwabo abayeke benhlanhlatha beyizimpumputhe.

16. أُولَئِكَ الَّذِينَ اشْتَرَوُا الضَّلَالَةَ بِالْهُدَى فَمَا رَبِحَتْ تِجَارَتُهُمْ وَمَا كَانُوا مُهْتَدِينَ


Labo-ke yilabo abathenga ukuduka esikhundleni sokukholwa, kepha ukuthenga kwabo akubanga nanzuzo futhi abazange babe abaholwayo.

17. مَثَلُهُمْ كَمَثَلِ الَّذِي اسْتَوْقَدَ نَارًا فَلَمَّا أَضَاءَتْ مَا حَوْلَهُ ذَهَبَ اللَّهُ بِنُورِهِمْ وَتَرَكَهُمْ فِي ظُلُمَاتٍ لَا يُبْصِرُونَ


Bafaniswa nomuntu ophemba umlilo okuthi lapho usukhanya yonke indawo uMvelinqangi athathe ukukhanya kwabo abashiye ebumnyameni bengaboni.

18. صُمٌّ بُكْمٌ عُمْيٌ فَهُمْ لَا يَرْجِعُونَ


Izithulu, izimungulu, izimpumputhe angeke babuyele (endleleni eqondile).

19. أَوْ كَصَيِّبٍ مِنَ السَّمَاءِ فِيهِ ظُلُمَاتٌ وَرَعْدٌ وَبَرْقٌ يَجْعَلُونَ أَصَابِعَهُمْ فِي آذَانِهِمْ مِنَ الصَّوَاعِقِ حَذَرَ الْمَوْتِ وَاللَّهُ مُحِيطٌ بِالْكَافِرِينَ


Noma njengezulu ligqunqe limnyama nemvula emafini futhi linyazima babeka iminwe yabo ezindlebeni zabo ngenxa yokuduma kwezulu besaba ukufa uMvelinqangi uyabazungeleza abangakholwayo.

20. يَكَادُ الْبَرْقُ يَخْطَفُ أَبْصَارَهُمْ كُلَّمَا أَضَاءَ لَهُمْ مَشَوْا فِيهِ وَإِذَا أَظْلَمَ عَلَيْهِمْ قَامُوا وَلَوْ شَاءَ اللَّهُ لَذَهَبَ بِسَمْعِهِمْ وَأَبْصَارِهِمْ إِنَّ اللَّهَ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ


Umbani uthi awufiphaze amehlo abo, uma linyazima bahamba ngokukhanya kwalo uma kubamnyama bame, futhi uma uMvelinqangi ubethanda ubengabaphuca ukuzwa kwabo nokubona kwabo, ngempela uMvelinqangi ungaphezu kwazo zonke izinto.